Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
232 – 252

Imikhakha yezemfundo ethatheka njengengeyona eyabesifazane

Uma kuwukuthi kusemqoka ukuhlukanisa umehluko ngokobulili-engikukholwayo kunjalo-singayikhuthaza yini indodakazi yethu esesikoleni ,ekucabangeni ukukhetha umkhakha othathwa njengowabesilisa ngokwenjwayelo? Le ntombazane yethu ihlale ikhuluma ngokuba umcimimlilo mayesikhulile.Kweminye imiphakathi ezikhululekele ngeke ibe nenkinga nalokho kodwa kithi esingamaKholwa omthetho kakhulu kwenza ngide ngizibuza: engabe impokophelo yaloluhlobo iyahambisana yini nowesifazane ngokwasebhayibhelini? Ngizame yini ukuthatha amehlo…
8 Aug 2022 6PM 5 min

Ibhayibheli nocansi phambi komshado kunye nokuziphatha ngokozwecansi

Yikuphi ngempela la khona ibhayibheli lithi kuyicala ukulala ngaphandle komshado? Abazali bami bahlala bengiyala njalo ngokuthi izwi lisiyalela singayi ocansini phambi komshado.Manje ngoba sengikhulile sengikwazi ukuzicabangela ,sengiqala ukuyingabaza leyonto.Angikakaqondani nento ebhayibhelini evumelana nalombono wabo.Okwedlulele ukuthi angikatholi simo lakhona ibhayibheli likhuluma ngomshado wasesontweni! UIsaka no Rebheka abazange bashade esontweni.Bazihlanganela bazilalela kwaphela…
7 Aug 2022 6PM 5 min

Ukuzibuza ngonakekelo lukaNkulunkulu

Singathembela kuNKULUNKULU ezidingweni eziphathekayo kubantwana bakhe abathembekile? kwabaseFiliphu 4:19 kubukeka ethembisa kanjalo .Selokhu ngalahlekelwa ngumsebenzi nganamathela kulelivesi,kodwa alibukeki lingisize ngantoni nomndeni wami. Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule silahlekelwe umuzi wethu,imoto nezinto eziningi .Kube nzima kakhulu lokhu kodwa okweqile imibuzo okunginike yona engqondweni.Ngibonile ukuthi amaKhrestu amaningi athembekile endulo aphila nanxa izidingo zawo zingafezekile.Anqubuzana…
4 Aug 2022 6PM 5 min

Iyiphi indlela yokubhekana nomama osebenzayo ozizwa enecala

Ngingazimisa kanjani ekuzizweni nginecala futhi ngimelane nesilingo sokuba ‘umama ozibambe zonke’ ? Ngingumama osebenzayo onengane ese crèche nezinye esezisesikoleni ezidinga ukunakwa ngemisebenzi eminingi yesikole.Kumele ngivume ukuthi ngizizwa kabi uma ngingenzi into ewukuya phambili.Inhlelo zomndeni ziningi ,futhi kuningi okudinga ukwenziwa ,yikho ngizibona ngiphoqelekile ukusebenza –kwesinye isikhathi okubandakanya ukwenza izinto eziningi sikhathi…
3 Aug 2022 6PM 5 min

Uwakwakho Uthola Izithombe Ezimhuha Ngocansi

Ngibhekane kanjani nesimo lakhona uwakwami ethola imiyalezo ehuhanayo nengalungile kw- social media? Ngizithele kulokho ekhasini lakhe ,kusukela lapho ngikhathazekile.Ngenzenjani ngalesisimo?
2 Aug 2022 6PM 5 min

Ukukhuleka Ndawonye Njengomnden

Singawenza kanjani umthandazo womndeni ube seqhulwini ? Siwumndeni okholwayo ,mina nowakwami sishisekela ukukhulisa izingane zethu ngezindlela zeNkosi.Ningasipha izinkombandlela ezingasisiza kulengxenye yempilo? Izingane zethu zisencane okwenza kube nzima ukubabandakanya emthandazweni . Nicabanga siqhubeke sizame? Kumbe silinde baze bakhule?
1 Aug 2022 6PM 5 min

Igunya Lobuzali Enganeni Esikhulile

Manje njengoba indodana yethu isangaphezu kuka 18 ,iqhubeke isithobele? Ibhayibheli lithi izingane ‘azilalele’ futhi ‘zithobele ‘ abazali bazo (kwabase Fesu 6:1 , KwaBase Kolose 3:20 ) ,kodwa yena uthi ngoba usemdala lomyalelo awusaqondile kuyena.Nizwa kanjani lendaba? Kukusiphi isigaba lakhona ingane esikhulile esuke isizimele khona ngokuphelele ingasaludingi ulawulo lwabazali?
31 Jul 2022 6PM 6 min

Izidakamizwa nokuzibulala kwentsha

Bukuphi ubudlelwane phakathi kwezidakamizwa ,wuphuzo nokuzibulala kwentsha ? Yikuphi okumele sikwenze uma sisola ukuthi ingane yethu ikwinkinga -yokunye kwalokhu kuziphatha?
29 Jul 2022 9AM 6 min

Ingane enenkani ayifuni ukulala

Impi yesikhathi sokulala enganeni iyinto evamile ekhaya, isikakhulukazi uma ingane yakho inenkani lokho okwenza ukhameke kakhulu futhi uma ungazimisele ukuba nenkani yokubekezela nawe ungagcina wehluliwe.
28 Jul 2022 9AM 4 min

Umzali oyedwana olangazelele ukusizwa, kanye nokuthola ozobambisana naye

Njengomama o-single nezingane ezintathu ezisencane,ngakube kuhle kimi ukufuna omunye umuntu ongaba yi-support kimina ukuthwala lomthwalo? Ngangivamise ukuzizwa nginelisekile ,kodwa umthwalo wokukuthwala konke ngingedwa ,uya ngokuya ungisinda.Ngisebenza fulltime ,ngiyafunda online futhi ,ngiphinde ngibe semsebenzini webandla engikulona.Zikhona izeluleko eninazo kumuntu osesimweni sami?
27 Jul 2022 9AM 5 min

Lithini ibhayibheli ngokuzixolela wena

Into enhle nekhululanayo ngokuba nguMKhrestu ngukuthi uKhrestu wafela ukuxolelwa kwezono zethu. Kodwa waphinde uJesu wafundisa amakholwa ukuxolelana njengokuba naye esixolele. Inkonzo yokuletha ukuthethelela kwabanye abantu, kungakhathalekile inzima kanjani, kodwa okungangabazwa ngayo la okholweni kwaKhrestu. Uma sekuziwa ekuzixoleleni ngamaphutha esiwenzile, ngolunye-ke udaba lolo. Mhlawumbe izono esezadlula ziyakwengama futhi awunasiqinisekiso ukuthi uzodlula…
26 Jul 2022 9AM 5 min

Intsha negebe lomuzwa wezocansi

Kungani uNkulunkulu wanika ama-teenager ukulangazelela okukhulu kwezocansi ,bese aphinde engaba esawanika indlela enempilo yokukunelisa ? Kubukeka lokhu kungekho -fair. Ezikhathini zasebhayibhelini abantu babeshada bebancane. Ngenxa yalokho ,kwakuyimpilo ukushesha ungene kwezocansi nokukhulisa izingane usemncane. Kodwa kulezinsuku ,abantu abaningi bayanyukubala uma ama- teenager eshesha engena ocansini. Kungani uNkulunkulu asinike lemizwa uma singeke…
25 Jul 2022 9AM 5 min

Imingcele enganeni egula ngengqondo esikhulile

Singasungula kanjani inqubo yokuziphatha ngengane esikhulile ,ephazamiseke engqondweni? Ngakube imingcele yethu imelwe ukufana naleyo yezingane ezejwayelekile? Kumbe kunendlela ekhethekile yesimo sayo?
22 Jul 2022 9AM 5 min

Abazali bakhathazekile nge-homework eningi

Ngenze njani uma ingane yami esafunda e-primary ine- homework eningi kakhulu ,okugcina kwehlisa nesikhathi sokuba ndawonye siwmundeni? Njalo ntambama uba namahora amaningi awasebenzisa enza ama-assignment. Ngokokubuka kwami kwamanje akathathi kancane ekuqedeni emsebenzini. Yingoba muningi kakhulu umsebenzi wakhe. Ngakube wonke lama –homework amangaka adingekile ekufundeni nasekuthuthukeni kwempilo yengane esakhula?
21 Jul 2022 9AM 5 min

Ukusiza ingane ibhekane nempilo yesahlukaniso

Ngingawasiza kanjani ama teenager ami abhekane nokuklayeka komshado wami? Kubuhlungu kithi sonke,kodwa ngikhathazeke kakhulu ngondodana wami omdala .Kusuka uyise wangishiya emva konyaka,ubukeka ezifaka engcindezini enkulu ukuba yindoda layikhaya.Lokhu kunzima kakhulu kuyena ngoba ngonyaka ozayo ubebheke ukuya e –university .Manje ubona kumphoqa alekelele ekhaya.Ngenze njani ngaye nazo zonke ezinye izingane?
19 Jul 2022 9AM 5 min

Ukukhuthaza umoya wokuncokola enganeni yakho

Siyisiza kanjani ingane ebukeka ingenawo umoya wokuncokola?Umndeni wethu uhlale njalo uthokozela ukubuye uphubuke wuhleko ,ngaphandle kwalondodana wethu omdala osemaklasini aphakathi eprimary.Izingane zethu ezincane zihlale zigcwele ukuntela ,okwenza kuhlale kuhlekwa ekhaya.Kodwa ngokuphambene,ubhuti wabo omdala soze walibona elakhe izinyo .Uhlale e -serious kakhulu yena.Ngangithi yisikhathi esizodlula,kodwa kuze kube yimanje kuthe gqwa gqwa…
18 Jul 2022 9AM 5 min

Ukuthandana ngenhliziyo kunye nobungane obuqhubekayo

Ngakube mina nomnyeni wami sibunqamule ubungani nenye i-couple ngenxa yokuthi nje lendoda nami sivese sangena ekuthandaneni ngokwenhliziyo kuphela ? Sekwadlula manje,futhi nowakwami nonkosikazi walendoda bathatha isinqumo esiqinile , esigcwele umoya wokubuyisana kuyo yonke lento eyenzeka.Ngazizathu thizeni ,sesamisa nokuhlanganyela ndawonye okwesikhashana.Ngisho ngokwethembeka nje ,sekube yingxenye le ebe ngenzima kulo lonke loludaba.Kungukulahlekelwa…
15 Jul 2022 8AM 5 min

Ukubhekana nokulwa kwabandawonye

Uma kunengane engaphezu kweyodwa ekhaya, nakanjani ungangibuza ungiphale ulimi, kuzoba khona uhlobo oluthile lokulwa. Umbuzo usekuthini okungakanani ukulwa ezinganeni ekhaya okumelwe umzali akuvumele futhi abhekene nakho?
14 Jul 2022 8AM 5 min

Inkambo enhle yobukhrest iqhathaniswa nengcindezi yezocansi

Ngakube ukuziphatha kahle ngokwezocansi ngokobuKhrestu akunampilo futhi akukho oemvelweni? Ngingowesifazane ozama ukuphila impilo emsulwa ,kodwa owesilisa engingena naye othandweni uhlala njalo engicindezela.Uthi umuzwa wami ngobumsulwa kwezocansi kungumuzwa nje ongenampilo wokwesaba –ngokuthi ngokuzama ukugculisa uNkulunkulu ,ngilahala ubuhle bemvelo nezinjabulo zokuphila njengokokuba uNkulunkulu wazidala .Ngiya ngokuya ngikuthola kunzima ukumphendula uma ekhuluma ngalendlela.Ningangipha…
13 Jul 2022 8AM 5 min
232 – 252