Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
72 – 92

Ukuhuheka kumngani wowakwakho

Ngingamtshela yini umnyeni wami ukuthi ngihuheka ngomngani wakhe oseduze naye ? Ngike ngezwa kuthiwa loluhlobo lolwazi lungaxoxwa abaganene ngenhloso yokuvulekelana ,nokho ngimanqika ukuthi kuwubuhlakani lokho .kulamadoda omabili akekho owaziyo ngofudulo lwami lwangaphakathi futhi angifuni ukulimaza ubungani babo.Ngenzenjani?
21 Mar 2023 6PM 5 min

Umkhwenyana ongathembekile ufuna ukuba sothandweni nomunye wesifazane

Ngibhekane kanjani nokungethembeki komkhwenyana wami osekwenzeke ngokuphindaphindwa aze angiqonde angicele ngqo ukuthi ufuna ukuba nothando lwaseceleni nomunye wesifazane ? Yonke leminyaka umshado usube sesivunguvungwini .Ekugcineni nje useze wavuma ukuthi usothandweni nomunye ngasitha.Ngimthethelele ukuphinga kwakhe,kodwa manje uthi ufuna ukukhulisa ubudlelwano anabo bangaphandle ebe eqhubeka elayikhaya.Ngizimisele ukutakula umshado wethu ,nokho angifuni ukumchukuluza…
20 Mar 2023 6PM 5 min

Umfana ona-3 udlala ngokugqoka izingubo nosisi bakhe

Ngingamvumela yini umfana wami ona 3 weminyaka ukuba adlale ngokugqoka izingubo nodadewabo? Akajabuliswa nje kuphela ukugqoka amalokwe abo odadewabo, kodwa uze agqoke nobucwebe bamantombazane. Kimi loluphawu alwehli kahle.Ngingalumisa kanjani?
19 Mar 2023 6PM 4 min

Ukubuka ngokwebhayibheli-Ubumqoka benkonzo yekamero emshadweni

Ngakube inkonzo iseqhulwini kangako emshadweni onempilo ? Nakhu okwenza ngibuze .Siyaphikisana nowakwami .Ungitshela ukuthi inkonzo ingcwele yisacramente futhi luyimfihlakalo engcwele ,nokuthi imelwe ukuba yindikimba yobudlelwano bethu .Uze asebenzise kwabaseFesu 5: 30-32 ukweyamisa lenkulumo yakhe.Angivumi mina,emva kwakho konke ,kuningi okungomshado ngaphezu kwenkonzo .Ngaphandle kwebhayibheli uqobo [1 Khorinte 7 :3-5] kubukeka lencwadi…
16 Mar 2023 6PM 5 min

Ukupotshozela amalunga omndeni ngokudideka emshadweni wakho

Izinkinga nokudideka kwasemshadweni wami ngingakuxoxa yini nabazali bami nozalo ? Selokhu kwathi nhlo singumndeni onamathelene ,futhi bambalwa abantu engibathembayo.Umshado wethu awukho eziwenguwengwini ,koda nje kunezikhathi lakhona ngidinga ulekelelo lokuphefumula.Lokho kulungile yini
15 Mar 2023 6PM 5 min

Ukulumbanisa Ukuhlupheka KoMkrestu nevesi Konke kusebenzelana kube ngokuhle

Ubuhlungu nosizi kungaba kuhle kanjani? Kubukeka sengathi njalo uma aMaKhrestu exoxa ngalesihloko ,omunye uvese acaphune kwabase Roma 8 : 28 .Lelivesi liliqiniso ngempela ? Sengibone amaKhrestu ebhekana nezinhlupheko ezifanayo nabangakholwa ,imvamisa okuphetha kungaveli lutho oluhle ,kulokho okungokubuka kwami .Ningangisiza ukuqonda lempicabadala
14 Mar 2023 6PM 5 min

Ingane esaba izinambuzane nokusamabhungane

Ngingayisiza kanjani ingane yami encane inqobe uvalo lwayo lwezinambuzane ? Ihlale yesaba amabhungane ,inkinga usanda kutinyelwa yinto esikoleni ngesikhathi sokudla,usevese avevezele uma kuwukuthi kumele i-classs liphume .Sithini isisombululo
13 Mar 2023 6PM 4 min

Ubungani bobulili obuhlukene emshadweni

Kunecala yini koshadile ukuba nomngani wobulili obuhlukile ? Ngesikhathi umkhwenyana wami esohambweni lwesonto ,ngicele uzakwethu wesilisa emsebenzini ukuba azongisiza ngengane yami enonyaka nengxenye .Sagcina sesibuka i-TV nokusebenza eminye imisebenzi yasemsebenzini emva kokuthi lengane yami ibisilele.Ekubuyeni komkhwenyana wami ,uphatheke kabi ,wathi unovalo lokuthi ngingase ngishendeze .Ngokwakhe ubona kungenakwenzeka ukuba abantu abadala…
12 Mar 2023 6PM 4 min

Ingane esencane eseyadlula ngokweba

Umfana wethu oneminyaka emine singammisa kanjani ukweba ? Kubukeka yonke indawo esiya kuyo ,isenkonzweni ,esitolo ,elibrary ,nasemakhaya abangani – uphuma esephethe into okungesiyo eyakhe .Nginomuzwa othi uphethwe ukunganaki ,kokuvese afake utho ephaketheni bese eyakhohlwa .Mina nomkhwenyana wami sesikhulume naye kaningana ukuthi kungani kukubi lokhu kuziphatha .Simtshelile ukuthi lithini ibhayibheli ngokweba…
9 Mar 2023 5PM 4 min

Ukutewuzela ezinganeni

Ninawo amasu ukusiza ongena ebubhungwini ukuba angabi yisitetelegu ? Uyazifela ukushobozela kwasani futhi uphatheka kabi uma simenqabela akaphumuze oncamngce.Uba nengcindezi emva kwezinsuku uma edle ukudla okumfanele ngokwezempilo .Singasibuyisa kanjani isimo la kuye
8 Mar 2023 5PM 4 min

Wenza isikhathi nabangani bakhe ubaba nomama wenza esabakhe

Nicabanga kuwumqondo omuhle kobaba nomama ukuba nezinto abavama ukuzenza nabangani babo bobulili bunye ngaphandle komunye? Umkhwenyana wami uzizwela isidingo esinqala ukuba ndawonye njalo ngenyanga ,kodwa mina ngixolela ukusebenzisa isikhathi sami esiningi naye .Nami ngiyazikhipha izikhashanyana nabangani bami besibhuda ,kimi ngiye ngibone kwenele .Kuthini ukucabanga kwenu.
7 Mar 2023 5PM 5 min

Umkhwenyana ukhathazekile ngengcindezi ngesikhathi u makoti ezithwele

Kukhona engingakwenza ukusiza unkosikazi wami ozithwele ekubhekaneni nomoya oguquguqukayo kuye? Usengasekugcineni kwezinyanga zakhe ,kodwa usebukeka enengcindezi .Osekuba yisiphazamiso ebudlelwaneni bethu .Kukaningi ngizwa ngengcindezi eba kumama emva nje kokuteta ,manje ngakube kujwayelekile yini ukuba umama avese acindezeleke engakateti.
6 Mar 2023 5PM 4 min

Ingane esikhulile yenze izinqumo ezingezinhle

Yikuphi esingakwenza ukukhuthaza undodana wethu omdala ukuba akhule manje? Wenze izinqumo ezibi ngokwempilo ,umsebenzi ,indawo yokuphila ,nangabangani .Emva kokumkhulisa ngobuKHRESTU siphoxekile kakhulu .Khona manjalo asikwazi ukuzixolela ngomuzwa wecala wokuthi sehluleka kuphi .Kukhona esingakwenza ukubuyela emumva ,ngaphandle kokugxoba imingcele efanele?
5 Mar 2023 5PM 5 min

Ukukhuthaza Ingxoxo Niwumndeni

Kusemqoka kanganani ukuhlale kuhlale umndeni ube nethuba lokuxoxa? Emshadweni wethu ukuxoxa sekube yingwadla eside isikhathi,kodwa mumva nje sengiqaphele ukuthi lenkinga isithungele nasezinganeni: kubukeka akasekho layikhaya onesikhathi sokuxoxa nomunye.Angazi lokhu kwenzeke kanjani ,futhi ngiyamangala ngokukushoyo ngempilo yomndeni kwezobudlelwane.Kodwa ngingenze njani ukucima lomhlolo?
2 Mar 2023 5PM 4 min

Odivose enengane ,ufuna ukubuyisa umshado

Ngingaqhubeka nomcabango wokubuyela emshadweni wami ngenxa yengane ? Sobabili singaMakhrestu ,ngeshwa sigcine nje sesihlukanisa.Emasontweni ambalwa edlule ngizizwa nginomzwangedwa ngalokhukwehlukwana esimweni senganyana yethu .Nicabanga ngenze kuphi ?
1 Mar 2023 5PM 5 min

Inkambiso Yokusebenzisa i-Cell phone ezinganeni

‘izingane zingavunyelwa ukuba nama smart phone nokunye okuwubuchofo? Omdala useyashayela ,ngakho besemgwaqeni .Uwakwami yena ucabanga bayawadinga amaphone ukuze bakwazi ukuxhumana nathi .Nikubona kuwumqondo omuhle lokho ?’
28 Feb 2023 5PM 4 min

Isikole esiyi-bording ezinganeni zezisebenzi zeNkosi

Uthini umbono wenu nge bording school ezinganeni? Ngiye ngibone sengathi iyalimaza ngokwemindeni. Kodwa nje nje mina nomnyeni wami sisanda kuthola ubizo lokuyosebenzela iNkosi phesheya kwezilwandle ,okubukeka kuyilona luhlelo kuphela oluphambi kwethu yilo lolu.Anginasiqiniseko lokhu kuhle yini ezinganeni nasemndenini wethu,kodwa futhi asifuni futhi ukudela ubizo lwethu lokuhambisa ivangeli.Lukhona ululeko la?
27 Feb 2023 5PM 5 min

Ukubhekana nokugeleza kwemiqhafazo yezocansi entsheni

Lokhona utho mina nomnyeni wami esingalwenza ukwehlisa ukukhungatheka nge -teenager yethu ebhekane nakho ngenxa yokuzigaxa kwayo kwi –sexting? Impilo yakhe neyomndeni wethu yaphenduka yabheka phansi ngamhla kuqhumbuka izithombe zayo inqunu zijikeleziswa esikoleni sayo electronically.Njengokuba nawe ungazicabangela ubuhlungu benhliziyo busankentenketha kakhulu. Ngaphezu kwalokho isibhekene necala lobugebengu . Lukhona usizo eninalo ngathi?
26 Feb 2023 5PM 5 min

Ukuqonda i-sexting yentsha

Njengomzali we-teen ngakube I –sexting yinto okumele ngikhathazeke ngayo ? Sengizwe kaningi ngalokhu ezindabeni, kodwa angikaze ngicabange ukuthi ingane yami ingaqoleka yilesilingo.Asikaze sikhulume ngakho ngoba angisheshi kweze technology,futhi angazi ngqo kubandakanyi ini.Ngale kokuthi ,uyingane enhle.Nicabanga ngimelwe ukusimungunya lesihloko naye?
23 Feb 2023 5PM 5 min

Onomgudu wokuzitshela

Sewake wezwa ngomuntu okuthiwa uyazitshela? Leligama livamisa ukusetshenziswa kumuntu ozibona emqoka nozazi yena. Akulula ukushadana nomuntu onalemigudu, nokho leligama lokuzitshela kuyenzeka lisetshenziswe ngendlela okungeyona. Kuloluhlelo Ezomndeni namhlanje sizomchaza kangcono lomuntu.
22 Feb 2023 5PM 4 min
72 – 92