Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
732 – 752

Umkhwenyana ukhathazekile ngengcindezi ngesikhathi umakoti ezithwele

Kumele ngiphatheke kabi uma ngibona umkhwenyana wami aze aphendule ikhanda –amehlo ethe njo komunye wesifazane? Ube ngothembekile kimi nohlale engithembisa njalonjalo.Ngiyamethemba futhi ungowokugcina kwabesilisa engingambiza ngonoziketi .Nokho kuyangikhathaza ukumbona enze njalo ,ikakhulukazi uma sisebantwini.Ngakube ngenziwa yisikhwele ngaye?
25 Aug 2020 6PM 4 min

Ingane esikhulile yenze izinqumo ezingezinhle

Yikuphi esingakwenza ukukhuthaza undodana wethu omdala ukuba akhule manje? Wenze izinqumo ezibi ngokwempilo ,umsebenzi ,indawo yokuphila ,nangabangani .Emva kokumkhulisa ngobuKHRESTU siphoxekile kakhulu .Khona manjalo asikwazi ukuzixolela ngomuzwa wecala wokuthi sehluleka kuphi .Kukhona esingakwenza ukubuyela emumva ,ngaphandle kokugxoba imingcele efanele?
24 Aug 2020 6PM 5 min

Osekuse emehlweni kuye ngophuzo ufuna ubudlelwane bubuye nabantabakhe

Njengomzalwane omusha osohambeni lokukhahlela lomkhuba omdala wokucwila ezinkambeni ,ngingabubuyisa kanjani ubudlelwano bami nezingane zami ? Eminyakeni edlule ukucwila ophuzweni kwami kwaphetha ngokuchitha umshado nomndeni wami .Ngiyazisola ngobishi engangena kulo ,kodwa nje nje ngihlangane neNkosi futhi sekusile kimi.Manje sengifisa ukuxhumana nezingane zami ,kodwa azifune kuzwa lutho ngami .Ngenze njani?
23 Aug 2020 6PM 5 min

Umzali owahlukanisa unovalo ngengane yakhe esikhulile engawuzwa kahle umshado

Undodana wami osekhulile ngingamenza kanjani abone ukuthi umshado unenani elikhulu ekubeni owami noyise wabhidlika? Mina noyise sahlukanisa zisencane izingane zami ,ngazitshela engqondweni ukuthi yinto ezimukele nomfula nje .Manje ngithola ukuthi undodana wami ugxeka mina noyise ngesizathu sokuthi awenyanye umshado .Nanxa isikhona intokazi aseyibonile kodwa akahlose kuyishada ,kwazise ngokwamazwi akhe :’…
20 Aug 2020 6PM 5 min

Umfana ozothile nozwelayo

Kuhle yini ukuba umfana abe ngozolile nozwelayo ? Amadodana ethu amancane azihlukele .Omdala uzihlukele nje naye-unomsindo uhlale esemoyeni.Kodwa lo umfowabo ona 4 ,yena uyazithulela ,ngiye ngingazi noma ekhona.Ngesikhathi lo omdala eba nesikhathi noyise benza izinto ezisindayo zamadoda.Lo omncane uxolela ukuba sekhoneni ,azidwebele izimbali .Ngakube wutho lolu okumele lungikhathaze?
19 Aug 2020 6PM 5 min

Umkhwenyana ojeqeza abanye besifazane

Kukhona engingakwenza ukusiza unkosikazi wami ozithwele ekubhekaneni nomoya oguquguqukayo kuye? Usengasekugcineni kwezinyanga zakhe ,kodwa usebukeka enengcindezi .Osekuba yisiphazamiso ebudlelwaneni bethu .Kukaningi ngizwa ngengcindezi eba kumama emva nje kokuteta ,manje ngakube kujwayelekile yini ukuba umama avese acindezeleke engakateti?
18 Aug 2020 6PM 5 min

Ukungethembeki-Ukwehlukanisa phakathi kokuthethelela nokubuyisana

Kwezokungathembeki emshadweni ukhona yini umehluko phakathi kokuthethelela nokubuyisana ? Emva komunyaka odlule ,ngithole ukuthi umkhwenyana wami waba nothando nomngani wami engimkhonze kakhulu .Konke lokhu sekukonke kuthathe iminyaka ewu 10 .Emva kokumqonda ngokwesibili ,wakhala wathi ubuhlungu ngakwenza.Ungiqinisekisile- futhi ngiyakholwa usho ngempela-ukuthi ubudlelwane babo sebabunqamula.Ngikholwa ukuthi enhlizyweni yami ngimthethelele umkhwenyana wami ,kodwa…
17 Aug 2020 6PM 5 min

Ukholo Nokuzibulala kwabasha Nabasafika Ebudaleni

Ngakube abangakholwa, yibo abasemathubeni okuzibulala kunamakholwa? Ngibuza ngoba indodana yethu ishiye ukholo lwayo emva nje kokungena emfundweni ephakeme.Emva kwalokho usehlala nje engaqondakali.Ngakube usencupheni yokuzibulala? Bukuphi ubudlelwane phakathi kokholo lomuntu omusha nomqondo wezwe futhi kanjalo nokubukeka kwakhe kwempilo?
16 Aug 2020 6PM 6 min

Ukubuyisa amandla emumva kothando olusithe olukuphoxile

Ngiqhubekela kanjani phambili emumva kothando lwangasese oluphelele ekuphoxekeni ? Bengizitshela ukuthi isidima sami njenga ‘lomunye wesifazane’ sizoguquka ngokuphazima kweso emumva kokuthi isithandwa sami sishiye unkosikazi waso nomndeni waso ,kodwa lokho akwenzekanga .Kodwa manje engikuzwayo ,ukuphatheka kabi ,ngihlephukile ,nginomzwangedwa.
13 Aug 2020 6PM 5 min

Ukubhekana nowakwakho onganaki

Yikuphi engingakwenza ngobuhlaphahlapha bowakwami nengqondo yakhe engahlelekile? Uyidlabha lempela,okwenza impilo yami ingayi ndawo. Akusikho nje kuphela ukuthi udusa izinto endlini ( izincwadi ze- bill ,amaphepha asemqoka , njll) ,kodwa uhlale ehamba njengoba kuyingxenye yomsebenzi wakhe,futhi sihlale njalo sithenga kabusha izinto asezilahlile – ama cellphone,ama laptop –akulahla ekuhambeni.Konke lokhu kuyangisanganisa phela…
12 Aug 2020 6PM 4 min

Ukulungisa umoya wokulwa enganeni yakho

Singamvimbela kanjani undodana wethu oneminyaka eyisikhombisa ekubeni ngubhongoza? Sengiqaphelile ukwazi ukudlubulunda futhi abe yingqqwele kwezinye izingane.Uhlale efuna ukuba ngungqaphambili –wena ongafunga impela ukuthi kuthiwe akaziveze.Uma ethethiswa ubuyisela ngesidlozane futhi kunezingane asezilimazile phambilini.Lokhu akuhambisani neminyaka yakhe futhi usedume kakhulu esikoleni,nokho ngizibuza kuzoze kube yinini.
11 Aug 2020 6PM 4 min

Umshado phakathi kophika ubukhona bukaNkulunkulu nongMkhrestu

Ngakube ophika ubukhona bukaNkulunkulu nekholwa, bangaba yimbumba yomshado ? mina nesancinza sami sithandana okwempela.Umndeni wakhe uyangithanda futhi bonke abantu bathi sifanelene njengamajuba.Inqaba isekutheni nje ungumzalwane wokuqina,mina angikholwa wuNkulunkulu sanhlobo.Nicabanga ukwehluka kwethu ngenkolo kungayinkinga enkulu? Mina ngokwami anginandaba nokuthi abanye abantu bakholelwa kukuphi inqobo uma nje inhliziyo yabo iright.Athini amathuba okuba…
10 Aug 2020 6PM 5 min

Ukungabikho kukababa kuphazamisa kanjani isidima sikamama

Ngakube ugcizelelo lwenu lobumqoka bukababa emndenini bukhomba ukuthi umama yena uneqhaza elincane kumbe elingekho sanhlobo ekukhuliseni izingane? Baningi omama abazikhuliselayo izingane zabo ,okwenza ngimangazwe ukuthi ngakube izinga layo lemindeni iphansi? Izinga enibeka ubaba phezulu ngalo ngakuba nilenza elikamama libe yinto engekho ? umama akasemqoka yini naye njengobaba? Pho singenza kanjani…
6 Aug 2020 6PM 4 min

Amandla okukwazi ukuhlukanisa ukwakheka ngokobulili emshadweni

Ngakube kunamandla omthelela muni ukwehlukana kokwenza kowesilisa nowesifazane emshadweni uma kubukwa ,imizwa yenhliziyo,ingqondo ,umzimba,inkonzo yasekamelweni nempilo nje yansukuzonke? Yikuphi indoda nenkosikazi edinga ukukwazi ngalesihloko futhi lokhukwazi kuzobasiza kanjani ukuqinisa umshado wabo?
5 Aug 2020 6PM 4 min

Umzali oxoveke ingqondo wumntwana onodlame

Ngimenze njani umntanami oneminyaka ewu 3 nje kodwa ohlale ewudlame kwezinye izingane? Ekhaya uyingelosi uma kungekho zingane.Kodwa nje ekufikeni enkonzweni la kunezingane kumbe sivakashe ezihlotsheni ezinontangabakhe uvese angakhalimeki.Dukuduku umbona useyashaya,uyakhahlela uyaluma njeyaya. Kodwa imvamisa ubanga umsindo,angadlali kahle ,angahambisani nabanye abaphazamise.Ngenzenjani?
4 Aug 2020 6PM 4 min

Hleze umkhwenyana wakho ubishe ezithombeni zobunqunu

Ngenze njani uma ngikholwa ukuthi umkhwenyana wami ubuka izithombe zobunqunu ezixakile? Kanginabo ubufakazi obuqanda ikhanda kodwa nginazo izinsolo eziseka lokhukwesaba enginakho.Uvese abhoke ngolaka uma ngike nje ngathi ngakhuluma ngalesihloko athi ngidlala imicabango nje .Ningiluleka nithini?
3 Aug 2020 6PM 5 min

Ozoba ngumkhwenyana kamama osenengane,akayiqondi impilo yengane

Njengoba kunendoda engiholeleka emshadweni nayo ,ngingayisisza kanjani ukuxhumanisa izinhliziyo nengane yami eneminyaka emi- 3?Uyayithanda akanankinga , futhi uneme kakhulu ngokuba nguyise kuyo(nayo ayikaze ibe nobudlelwane noyise ihhi).inkinga isekutheni njengoba angakaze abe nengane yakhe ,akaqondi ukuthi banjani otakalani.Uye athi uma eyizwa ingane ikwazi ukuphendula imibuzo embalwa bese ezitshela sekumele izilawule yona.Uma…
2 Aug 2020 6PM 4 min

Unkosikazi wami uyahlukumeza ngokwenyama

Ngiphendule kanjani kunkosikazi ode eba nomoya wadlame? Kanye nakabili ngonyaka mina nonkosikazi wami siye sibe nokuphikisana okuze kuphume esandleni .Ezikhathini ezithile ,usho izinto ezicofayo ngami okubandakanya ukuthi ,’ngiyakuzonda’.Ngiye ngibeke phansi umoya ,lokho okugcina kumenza agcine esenodlame imbala.Angijikijele ngezinto aze azame ukungishaya angikhahlele .okwamanje angikaze ngibhekane nokulimala okukhulu ,nokho ngikhathazekile uma…
30 Jul 2020 6PM 5 min

Ukuhushula nezempilo zikamama

Kuyenzeka ngempela ube ngolwela ukuphila, ube futhi uvumelana nokuhushula esimweni lakhona impilo kamama isencupheni ? Kuthini ukubuka kwenu kulumbuzo wezobuqotho onzima ?
29 Jul 2020 6PM 5 min
732 – 752