Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
992 – 1012

Ingane Ekhetha Ukudla

Singenza kanjani ukuthi umaqhenyane wengane yethu ena -4 idle konke esiyinika khona? Ukukhetha kwakhe ukudla sekusinyusela ushukela phela manje.Kaningi simnqabela ama kip kip kodwa siyabona ngesidlo santambama uwazungeza yonke indawo.Mina ngibona lokhu kukhetha kwakhe kuluphawu lokungalaleli kodwa uyise yena usaba ukuthi uma sikwenza kuba ludaba kuzokwenza angadli kakhulu kunakuqala.Senzenjani ?
13 Aug 2019 4PM 4 min

Ukushiya Umsebenzi Uzoba NguMama Onakekela Ikhaya

Ninakho eningakuphakamisa ngomama ofuna ukushiya i-career yakhe obeyenza full time oseyohlala nezingane zakhe? Yikuphi engingakwenza ukuqiniseka lezingunquko ngizenza kamtoti emndenini ?
12 Aug 2019 4PM 4 min

Usizo koGogo Abakhulisa Abazukulu

Ninalo ululeko kugogo nomkhulu ababhekene nokukhulisa umzukulu wabo ? Abazukulu bethu ababili bahlala nathi futhi cishe kuzoba ngeside isikhathi .Singabenza kanjani bezizwe besekhaya elifudumele ngaphandle kokukhathala kwengqondo kithi?
11 Aug 2019 11PM 4 min

Amahlaya Anobuhle Emndenini

Singathokozela kanjani ingxenye yempilo yokulula ingqondo ekhaya ngamahlaya amahle aswabukilisayo ? Iningi labangani bethu lithola ukuswabuluka ngokuhleka ezintweni engizithola zingezinhle.Ningaphakamisa amahlaya ahlanzekile emndenini ?
8 Aug 2019 4PM 4 min

Izinsika zezibhalo zokuvikela ukuphila koluntu

Kukuphi lakhona ibhayibheli likhuluma ‘ngobungcwele bempilo yoluntu”? Ngiyezwa nje leligama selivelele ,ngokuqhubeka ngilizwa ,yila khona nencazo yalo ngingayitholi .Umzekelo omuhle ,yila khona ngihlale ngizwa ebandleni,emisakazweni nezinhlangano ezilwela ukuphila zisebenzisa leligama.Nanxa kunjalo kodwa angiziboni sengiliqonda kahle nokuthi liqhamuke kanjani .Ikhona insika yebhayibheli engalomqondo?
5 Aug 2019 4PM 5 min

Ukumbula ukuphinga kunkosikazi wendoda ebingazi ngomnyeni wayo

Iyiphi indlela engcono ukwembula uthando lwangasese emva kokuthi uwakwakho sewazihlanza kulolodaba kodwa inkinga kube ngukuthi umkhwenyana kumbe unkosikazi wendoda engumenzi akazi ? Unkosikazi wami nenye indoda ebandleni babe sebudlelwaneni iminyaka engaphezu kwengu 4 ,ngize ngathola ezinyangeni eziwu 3sekwenzeka .Unkosikazi sewabunqamula lobobudlelwano futhi sase siyokhonza kwelinye ibandla .Sisalungisa lezi londa ezibhibhayo…
4 Aug 2019 4PM 4 min

Ukulungisela ukukhishwa ejele kowakwakho

Ninazo iziluleko zowesifazane omkhwenyana wakhe usezophuma ejele?Umnyeni wami ubetoke iminyaka emithathu,usezobuya ngenyanga ezayo.Ngilangazelele ukubuya kwakhe ,ngibe sebudlwaneni obumnandi isibili naye ,kodwa khona lapho futhi ngizizwa nginovalo.Angikwazi ngqo ngqo engingakulindela.Ningangisiza?
1 Aug 2019 4PM 4 min

Ubuzali enganeni esikhulile kube kukhona ezisencane

Singaba ngumzali kanjani wengane endala kube kunezinye ezisencane ekhaya ezimbili? Zintathu sezizonke izingane zethu : umfana nentombazana esise- high school ,nendodana esiphakathi ko 20.Lo omdala izinto azimhambelanga kahle ukuyobheka impilo osekumphoqe abuye ekhaya okwesikhashana.Siyabona usemdala futhi kumele simlawule ngokwehlukile ngokwemithetho ,nokho sisabela umthelela engenzeka kulaba abancane .Zikhona iziluleko eningangipha zona…
31 Jul 2019 4PM 3 min

Ukwehliswa isithunzi uwakwakho

Ngenze njani uma uwakwami ekhuluma okungeyikho kumbe okungiphoxayo emndenini noma kubangani? Angicabangi usuke ekuqondile kodwa mina kugcina kungehlisa isithunzi.Sekuyiminyaka yenzeka lento.Ekuqaleni ngangiye ngimlinde size sibe sobabili bese ngigonyuluke kuye.Manje sekuvese kwadlanga futhi sengibona kungcono ngivese ngingasalindi manje kodwa ngimdumele khona esidlangalaleni ze ngivikele isithunzi sami.Yikuphi eningakusho?
30 Jul 2019 4PM 4 min

AmaKhrestu Nengcebo –Umbuzo wokunikela ngakho konke

Wayeqonde ukuthini uJesu uma ethi : “Hamba uthengise konke onakho ,bese uphe abampofu ,uyoba nengcebo ezulwini”?Ngibe nguMkhrestu onyakeni nengxenye owedlule ,okwamanje kuseluhambo oluhle kimi lolu.Yebo ngibile nazo izinselelo endleleni yami ,nanxa kunjalo iNkosi ingibusisile nebala ngezindlela eziningi.Kodwa ngamhla ngihlangana nomuntu owangikhombisa lelovesi ebhayibhelini laletha ukudideka kimi ,ngakube kumele ngidele ikhaya…
29 Jul 2019 4PM 4 min

Imincele emshadweni evikela ukusiza owobunye ubulili

‘Iyiphi indlela eqondile yabashadile ekutheni omunye wabo asize oshadile wobunye ubulili, ezinkingeni ikakhulukazi zomshado ? Ngeshwa elikhulu umfowethu ufuna ukuhlukanisa nomkakhe.Kunobusuku unkosikazi wakhe athinte ngabo umnyeni wami ukuba azongenelela ngokumnika izeluleko.Hhayi ngibona sengathi uyaphaphalaza umkamfowethu ,bekumele acele omunye wesifazane axoxe naye hhayi umkhwenyana wami! Manje inkinga ngasohlangothini lomkhwenyana wami yena…
28 Jul 2019 11PM 4 min

Ake uyozicinga- njengendlela yokuqondisa izigwegwe

‘Ukuyozicinga kwengane kunamandla kangakanani? Usana lwethu seluthe klwi manje angazi ukuthi yiluphi uhlobo lokuqondisa oluhambisana nesigaba sokukhula.Abahlobo bami bona bakhonze kakhulu ukuthi ingane ‘ake iyozicinga ‘.Anginaso isiqiniseko ukuthi iyona ndlela engcono le. Kunini la khona ‘ukuyozicinga’ kuyindlela eshaya khona yokuqondisa izigwegwe ? Kunini la ingesiyo khona? Umehluko ngingawubona kanjani ?…
25 Jul 2019 11PM 5 min

Ukubhekana nobungane bokunganaki

‘Ngingamqondisa kanjani umfanawami onkambo ikhombisa ukungakhuli ngengqondo ? Hhayi ngoba engezwa kodwa ubudedengu nje.Isibonelo nje akazibeki izinto zakhe ,uvese ashiye ibhola lakhe la lingantshontshwa kalula khona,ashiye kanjalo izicathulo namathoyizi.Kwenziwanjani ?
24 Jul 2019 11PM 2 min

Uwakwami uhlukumeza izingane ngokomzimba

Umnyeni wami akakaze abe ngonodlame kimi ,nokho kuluduba oluhlukile ngamalengiso mase kuziwa kubantwana bami .Uvama njalo ukubabhaxa,futhi useke wabalimaza kaninganyana .Ngifuna ukuvikela ,nokho ngiyesaba ukuthi lokho uzokuthatha kanjani uma ngimphonsela inselelo .Yikuphi okumele ngikwenze ?
22 Jul 2019 11PM 4 min

Indoda Esebenzisa izithombe zobunqunu ngoba unkosikazi engasayinelisi

Kumele yini indoda ifune ukuzinelisa ngokocansi ngokuthi ibuke izithombe zobunqunu uma kuwukuthi unkosikazi wayo akasazithandi akazinaki ,useyahubazela nje ? Ngisemshadweni onzima.Kusuka emva nje sashada ,umkami akasawunaki sanhlobo umzimba wakhe ,futhi yinto anganandaba nayo leyo manje .Angifuni ukumdivoza ,kodwa ngisenayo imizwa yenkonzo yekamero .Umqondo muni ongasiza la?
21 Jul 2019 11PM 4 min

Ukuphila nowakwakho onengcindezi yehaba-kucabanga

Ninazo iziluleko kophila nowakwakhe ogcine eseqhoqhobelwe imidanti engenasidingo ? Kimi sekuyacaca ungenwe wukucabanga ngobuhaba.Uhlala njalo exwayile ekhathazekile .Akalali engabhekaka isicabha kashumi .Ngihola kahle ,kodwa uhlala ekhala ngokuthi wesaba kungenzeka sihlulwe zindleko suku lumbe Sekuqala ukungisanganisa lokhu ,kukhona enikuphakamisayo ?
18 Jul 2019 11PM 3 min

Ukhuluma kanjani nezingane ngobaba ongekho

Ngiyiphendula kanjani imibuzo enzima enganeni yami mayelana nobaba wayo ongekho ? Ngahlukana noyise ,cishe eminyakeni ewu 8-ngesikhathi esimuncu-futhi akakaze ambone .Kodwa mumva nje usebuza izinto ezinjengokuthi : ‘usamthanda ubaba Mah ?’ futhi : “Kungani engasifoneli –akangithandi yini nami?” nokuthi “ngingazama ukumcinga ngelinye ilanga ?” Nicabanga ngimphendule ngithini ?
17 Jul 2019 11PM 4 min

Uwushiya kanjani umsebenzi e-office bese ubesekhaya mondeni ngokuphelele

Ngingawugcina kanjani umsebenzi wami ekutheni ungadli nesikhathi sami nesomndeni ? Ngingumphathi omkhulu ,enkampanini enkulu ,futhi ngithwala kanzima ukuthola i -balance yesikhathi somsebenzi nomndeni ,okungiphatha kabi kakhulu ngukuthi noma ngingasekho emsebenzini ezomsebenzi zihlala ziseqhulwini engqondweni yami .Njalo njalo ngifika ekhaya ,ekuphetheni kosuku obelunzima ,ukuze ngibe nesikhathi esimtoti nomndeni wami ,kodwa kufumaniseke…
16 Jul 2019 11PM 4 min
992 – 1012