Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
1032 – 1052

Izidingo Zengane Engahluphi Ezikhethekile

Ingane ephakathi nje nendawo nelaleyo ihambisane nawe ,ithelelwa kanjani ngeyakwabo engezwa sanhlobo ? Undodakazi wami omdala uyisibonelo sengane-emnandi ,ethokozile nevumelana nawe.Umfowabo yena uhluke ngamalengiso .Kunokwenzeka nginithinte ngaye kwesinye isikhathi ; kholwani yimi kuningi engingakusho ! kodwa okwamanje ,ngehlulwa ukuzibamba ngokomthelela omubi awufaka kudadewabo .Yikuphi engidinga ukukwazi ngengane ezithulelayo engaphikisani nomzali?
17 Jun 2019 11PM 5 min

Uphindaphindo Lohlubuko KuMKhrestu uzibuza kaze selweqile yini kwiNtethelelo kaNkulunkulu

Kukangaki ukuba uNkulunkulu angithethelele angibuyisele kuye futhi? NginguMkhrestu ,kodwa uhambo lwami neNkosi lungugqamincishi.Kukaningi ngiyidela iNkosi ,okuthi ngingahuhluzeka phansi ngobuso bese ngibona iphutha lesinqumo sami.Kuyinhlalayenza lokhu empilweni yami.Ekuqaleni angicabanganga kabanzi ngakho ,kodwa manje sekuyangikhathaza : ngakube sengiseqile isikali sentethelelo ekalelwe mina ? Ngabe sengimqede ukubekezela uNkulunkulu ? Ngakube yinto le okumele…
16 Jun 2019 11PM 5 min

Ukuhlabela Phambili Emumva Kwesahlukaniso

Ngingabhekana kanjani nobuhlungu be divosi ngicabe indlela entsha yezingane zami name siqu? Ngiyavuma ukuthi ngakhetha kabi .Esibi kunazo zonke ukuthi ngaqhela emndenini wami ngesikhathi kushuba emshadweni wami sengehlulwa ukubhekana nakho.Ngibona manje ukuthi ukuqhela kwami akulethanga kimi kuphela ubuhlungu ,kodwa nasezinganeni zami .Osekwenzekile kwenzekile ,futhi akukho osekungaguqula ubuhlungu engabudala.Ngizizwa nginecala elikhulu!…
13 Jun 2019 11PM 4 min

Ukukinatelwa zidakamizwa Ukukhetha uwakwakho othembekile

Njengomuntu osohambweni lokusinda kwi addiction ,ngingamthola kanjani ozohamba nami kumagxathi anzima okuqala ohambweni lokulapheka? Ninazo iziluleko ekukhetheni umsizi othembekile nokuthi lobobudlelwane bubukeke kanjani ? Ngothokoza kakhulu kweningakuphakamisa ngalesimo.
12 Jun 2019 11PM 5 min

Ubudlelwane BomKhrestu Nohulumeni OngenabuNkulunkulu

Kungani kumele ukuba ‘ngithobele’ uhulumeni engikholwa uhamba lugugube ? Ngiyalithanda izwe lakithi futhi ngithanda ukuzibandakanya nombusazwe wezwe wakithi ,kodwa ngiyadideka okushiwo yibhayibheli ngalesihloko.Kodwa kwenzeka kanjani ukuthi uPhawuli atshele aMaKhrestu ukuba athobele [Kwabase Roma 13 : 1-7] nxashana kusicacele kahle ukuthi ohulumeni bomhlaba bonakele abanabulungiswa? UmKhrestu enze njani uma ebona ukuthi…
11 Jun 2019 11PM 4 min

Inkonzo yekamero eqophelweni eliphezulu layo

Ngakube ucansi emshadweni luyanelisa ngempela? Ngisemshadweni onzima ,isilonda esikhona phakathi kukankosikazi wami name- wudaba lwenkonzo . Ngizizwa ngincintshiwe. .Kwesinye iskhathi ngize ngibe nezilingo zokufisa izidingo zami zigcwaliseke ngaphandle . Ngifunde umbhalo othi abantu abasemshadweni yibo abaneliseke kakhulu ngenkonzo yekamero emhlabeni –akwenzeki nakoyedwa ukweneliseka kothandana nabantu abaningi.Ngithola kunzima kimi ukukholwa yilokho…
10 Jun 2019 11PM 6 min

Ukubhekana nobunzima bokuhuhwa ngobulili bunye

Ikhona indlela enginganqoba ngayo umzabalazo wami weminyaka ngokuhuhekela ebulilini bunye nobami? Sengizamile ukulwa,kodwa kubukeka kwehlulekeka ngigcina ngenze ngokuzenzakaleka ngokwalemizwa .Ngenzenjani ?
6 Jun 2019 11PM 6 min

Ukukhuluma Nezingane Ngezimo Ezihlasimulisayo

Njengomzali ngingabhekana kanjani nengane yami ,ngezikhathi la khona kunobududu bobuqhuqhu bezibhamu,izimbubhane zemvelo, nezinye izimo ezihlasimulisayo ezingokuthatheka kwempilo ?Ngabe kumele ngenze okuseqophelweni ukubasitha kulololwazi-okuyinto engelula neze ngokwezindaba ezingena zilekanyana kwezokusakaza kulezinsuku? Kumbe ngizame ukukhulama nabo ngakho ?
5 Jun 2019 11PM 4 min

Umphostoli Phawuli ngomshado nokuba wedwa

Kanti ibhayibheli alibuki yini umshado njengeqophelo eliphezulu lesibili ? Njengosemdala engashadile,angizwa neze kahle uma ngibona amakholwa egcizelela kangaka ubumqoka bomshado.Utadisho lwami lomlando lungiholela ekukholweni ukuthi ukuba wedwa kwakuvelele phambilini kunamanje.Izingcindezelo zokubuka kwesiko lamanje lisivala amehlo ukugqqama kwesitatimende sikaPhawuli : “Ngifisa sengathi bonke abantu benganjengami” [ 1KwabaseKhorinte 7: 7] .Ngikholwa ngumunxa…
4 Jun 2019 11PM 5 min

Ukusebenzisa amaphilisi okuhlela inzalo emshadweni

Uthini umbono wenu ngokusebenzisa amaphilisi okuhlela ? Sisanda kushada sizama ukucabangisisa ngendlela eseqophelweni eliphezulu ukuthi siwabuke kanjani,kodwa sithola umyalezo ohlukene kubahlobo bethu,amalunga omndeni ,nodokotela.Omunye umzalwane esimaziyo ukholwa ukuthi naluhlobo luni lokuhlela umndeni lumelene necebo likaNkulunkulu. Asazi sicabange kuphi.
3 Jun 2019 11PM 5 min

Umama akabazwile kahle abangani womkhwenyana wakhe

Yikuphi engingakwenza ngokungabi kwami nkamu nkamu ngabangane bomkhwenyana wami? Sithokozile futhi sisebudlelwaneni obuhle kakhulu,ngaphandle kwento eyodwa : angizwani nabangane bakhe.Ikhona indlela yokusombulula lenkinga? Isiholela ekuphikisaneni nongqubuzano
2 Jun 2019 11PM 4 min

Ukuzibuza kaze uwakwakho wakuyeka ngempela ukukuhamba ngemumva

Ngingakholwa kanjani wukukuthi umnyeni wami usephendukile ebuhlungwini angidalele khona? Onyakeni owodwa odlule ,ngithole ukuthi sekube ngeside isikhathi esothandweni nomunye wesifazane ngenhliziyo ejulile.Unokhondolo futhi lokuvese aqhume ngokudinwa okugcina kuholela ekuhlukunyezekweni ngamagama.Kaninganyana engijikijela ngezinto . Nakuba esaphuma kulobubudlelwane bokungibhaqa ,kwathi ukwehlisa umoya wakhe ,waze wathi ufisa siyothola nabaluleki ukuze sikhande umshado wethu,konke…
30 May 2019 11PM 4 min

Isehlukaniso nofa lwaso ezinganeni

Sisemalungiselelweni okuhlukanisa kodwa kubukeka kuza mawala emndenini wonke.Izingane zethu sezenza izinto ngendlela ehlukile.Ezinye zezindlela zazo ngalesimo zenza ngikhathazeke ngazo.Yikuphi okuthathwa njengokulindelekile nokuphilekayo nakho esimweni esinjengalesi ? Yikuphi okungenziwa ukubhekana naloludaba?”
29 May 2019 11PM 6 min

Ukwehlisa amava engcindezi emndenini wakho

Ngingavika kanjani ubushudushudu bami nengcindezi ukuba bungabi nemithelela emibi kunkosikazi nasezinganeni zami? Kwanele ngokwakho ukubhekana nalemizwa edluntulanayo ,kodwa okomcabango wokuthi ngenza ibe nzima impilo yomndeni wami yiwo kanye okunzima ukuwuthwala.Ngenzenjani ?
28 May 2019 11PM 4 min

Obaba bafundisa kanjani amadodakazi abo isizotha

Obaba bangasiza kanjani amadodakazi abo afunde isizotha ? Ngifuna indodakazi yami ikubambe lokhu phambi kokuba ibe yi- teenager.Kodwa ngizwa kuseceleni kimi ukukhuluma ngalesosihloko .Ngibona ukuthi kimi njengoyise ngingaba lusizo kuyo kulesisihloko kumbe ngibe wukuyidumaza, ingazizwa kahle.Yiliphi iqhaza eliqondile kubaba la?
27 May 2019 11PM 4 min

Ukusiza oyisisulu sobhongoza kwezokuxhumana

Ngenze njani ngezingane ezithumela imiyalezo ephazamisanayo kwifoni yami ziphinde zithumele amahebezi angamanga ngami ku facebook? Ekuqaleni ngazama ukubaziba ,kodwa isimo sesidlulele okungangokuthi angisafune kulubhada esikoleni .Labantu bacekela phansi impilo yami!
26 May 2019 11PM 5 min

Ingane yesaba uSathane

Ngingehlisa kanjani ukwesaba enganeni yami ngoSathane? Ezinyangeni ezimbalwa umtanami ona 5 uyaqhaqhazela ngalesihloko.Uhlale njalo ebuza imibuzo ngoSathane ,bese ebukeka ehlasimula ngalokhu angakwenza kuye.Uyaya kuSontoskole ,siyathandaza sifunde ibhayibheli sonke ndawonye.Okwamanje ,kubukeka konke lokho kungasizi .Ngizamile okusemandleni ukumqinisa,kodwa kumele ngivume ukuthi kwamina akukuningi engikwaziyo ngoSathane .Ningangitshela ngqo ukuthi zithini izibhalo ngaye
23 May 2019 11PM 5 min

Inkambiso yokuziphatha kwengane esikhulile egunyeni labazali

Manje njengoba sengedlule ku 18 weminyaka ngiqhubeke ngithobe kumama nobaba? iBhayibheli lithi kumele izingane zilalele abazali bazo [ KwabaseFesu 6:1 ;kwabaseKolose 3 :20 ]manje kukusiphi isigaba lakhona ngizozimela ekulawulweni yibona?
22 May 2019 11PM 5 min

Ukuhuheka kumngani wowakwakho

Ngingamtshela yini umnyeni wami ukuthi ngihuheka ngomngani wakhe oseduze naye ? Ngike ngezwa kuthiwa loluhlobo lolwazi lungaxoxwa abaganene ngenhloso yokuvulekelana ,nokho ngimanqika ukuthi kuwubuhlakani lokho .kulamadoda omabili akekho owaziyo ngofudulo lwami lwangaphakathi futhi angifuni ukulimaza ubungani babo.Ngenzenjani?
21 May 2019 11PM 5 min
1032 – 1052