Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
252 – 272

Ukukhula ngokobukhrestu kunye nendlela yokukhula

Kungani kudonsa kimi ukukhula njengoMKhrestu? Sengibe yikholwa isikhathi impela ,futhi ngimelwe ukuvuma ukuthi izinga lokukhula kwami kwezikamoya lingithena amandla.Ngamhla ngizalwa ngokusha ,ngakithi impilo izoba ngenzima kusuka lapho kuya phambili,kodwa emva kweminyaka ngizithola ngingakabi yilomuntu engangifuna ukuba nguyena.Angibuzwa ubukhona bukaNkulunkulu ndlelanye engangibuzwa ngayo ekuqaleni.Ngiyazi ukuthi enhlizyweni yami ukwesaba nokuzicabangela mina ,kuyisikhisi…
12 Jul 2022 8AM 5 min

Ingane izibuza ukuthi engabe izilwane ziyaya yini ezulwini

Ngakube izilwane zami o-doggy doggy bayoya nami eZulwini? Ngiphatheke kabi ngoba inja yami isandanakufa .Sesibe naleyonja ekhaya ,kusuka ngazalwa ,manje angiyiboni impilo eyoba mnandi lo -doggy doggy engekho .Ngike ngabuza uMawami ukuthi soyibona yini eZulwini ,uvese wathi angiyobuza uthisha wami kasontoskole,ovese wathi yena ,cha iZulu elabantu akulona elezilwane.lokho kungiphathe kabi.Nicabanga…
11 Jul 2022 8AM 5 min

Ubudlelwano obuguqukayo kwi-teen

Ngakube kungokwejwayelekile ukuthi ubudlelwano bengane nomzali buguquke uma isiyi-teen? Bengihlala njalo ngiseduze kundodakazi wami,kodwa izinto azisefani njengokuba eseyi-teeanger.Angisakwazi ukuxhumana naye-Uhlale njalo e-texter kumbe exhumana nabangani bakhe nge- cellphone yakhe .Ngizizwa sengathi ngilahlekelwe yinto eligugu kimi.Ngenzenjani?
8 Jul 2022 8AM 5 min

Ukubuka ngokwebhayibheli ukuzikhipha ekwakheni nabantu

Nicabangani ngamaKhrestu athatha inqubo yokuzikhipha kubantu ayokwakha wodwana?Adayise imizi yawo ,ayokwakha ehlane wodwa ezintabeni,alayishe ukudla ,ayozitshalela izitshalo zawo ,ayophila njengabasunguli bese elwela ngawo wonke amandla ukuzimela kwinqubo yokuphila yomhlaba? Baninganyana abantu engibaziyo asebethathe lendlela.Angibaphikisi ngokuphelele ekugcineni,ngikholwa sonke singangcono uma singathi ukuzihlubula ubuntofontofo bobumnandi bempucuko bese sifunda ukuphila ngendlela elula nje…
7 Jul 2022 8AM 5 min

Ukunakekela izingane sikhathi sinye nabadala ungalindele

Kuvamisa ukuba nezigaba zempilo ekukhuleni kwethu, siphakathi nezingcindezi zezidingo zobuzali, sizithole ukuthi nabazali bethu sebesekukhuleni okudinga unakekelo lwethu. Yisimo leso okungelula neze ukubhekana naso, Kodwa khona simile.
6 Jul 2022 8AM 5 min

Ukubuka ngeso le-bhayibheli ukungena komkhrestu kwi – fine arts

Ngokokubuka kwebhayibheli ikhona indawo evumelanayo ne-Arts kulona, kumbe yintshisekelo nje yabantu bezomhlaba ? Singabona kanjani i-art enhle nembi? Indodakazi yethu ,ingumfundi we-art e university ,manje sinokukhathazekela ukuthi imosha nje amandla nesikhathi sayo.Ikakhulukazi sikhathazeke kakhulu ngengxenye yezokuziphatha kulokhu ekwenzayo-iclass lakhe elingokudweba izithombe zasekuphileni limdinga adwebe abantu abanqunu benotho abalwenzayo! Ninomuzwa onjani…
5 Jul 2022 8AM 5 min

Ukuya emcimbini womndeni one-couple ebulili-bunye

Siye yini emcimbini womndeni lakhona ne –couple eyizinkonkoni izobe ikhona? Udadewabo womnyeni wami ushade nenye intokazi .Lezintokazi ezinhle siyazithanda zombili kodwa asivumelani nempilo eziyiphilayo.Kunomcimbi omkhulu ekupheleni konyaka ,manje umnyeni ufuna siye nathi.Nami ngiyafuna ukuya ,kodwa sinezingane ezintathu ezisencane ,futhi angazi kuzozithinta kanjani lokhu .Ngenze njani?
4 Jul 2022 8AM 5 min

Ukulawula ukudinwa kuma-teenager

Ngingamsiza kanjani undodana wami oseyi –adoloscent ukuba abhekane nokudinwa kwakhe? Kulula ukuphawula ukuthi uthukuthele kakhulu ngokuthizeni,kodwa nginomuzwa oqinile wokuthi ,uyayivalela ayicindezele imizwa yakhe yenhliziyo.Ngizamile ngebengingakwenza,ngehluleka ukumenza akhulume ngayo.Ngenze njani?
1 Jul 2022 8AM 5 min

Ukusiza intombazane eyi-teen ibe ngowesifazane II

Yikuphi engingakwenza nginomnyeni wami ukukhulisa ingane yethu yentombazane ibe ngowesifazane uNkulunkulu afuna ibe nguyena? Kulomphakathi ogwegwile ngubulili ,sihlale njalo sikhathazekile ukuba ibugcine ubufazane bayo sikhathi sinye ibe ikhula ibe ngoqinile nomuntu omdala onelisekile .Kukhona enikuphakamisayo?
30 Jun 2022 7AM 6 min

Ukusiza intombazane eyi-teen ibe ngowesifazane I

Yikuphi engingakwenza nginomnyeni wami ukukhulisa ingane yethu yentombazane ibe ngowesifazane uNkulunkulu afuna ibe nguyena? Kulomphakathi ogwegwile ngubulili ,sihlale njalo sikhathazekile ukuba abugcine ubufazane bakhe sikhathi sinye ebe ekhula abe ngoqinile nomuntu omdala onelisekile .Kukhona enikuphakamisayo?
29 Jun 2022 7AM 6 min

Ukuxoxa ngokudideka kobulili nentsha

Ngingenza kanjani mina nomnyeni wami ukusondela kundodana nondodakazi bethu abasebasha njengokuba bebhekene nezimo zokudideka kobulili e -high school yabo? Ungeke ukukholwe ukuthi udaba olunje seluqhumbukile lwavela ekukhanyeni ngonyaka odlule .Omunye okulona ngomunye ongumngane omkhulu wendodakazi yami ,okuyimanje oziphathisa okomfana nofuna ukuphathwa kanjalo.Izingane zami zizama ukungayinaki yonke lendaba uma ubuka ukude,kodwa…
28 Jun 2022 7AM 6 min

Ingane engafuni uMawayo oyi-single-mother angene othandweni olusha

Njengowesifazane odivoziwe ,ngenze njani ngengane yami eyala kwasani ewubungani nanoma ubani omunye omusha empilweni yami ,ngisho nobudlelwane bothando obuqalayo nowesilisa ? Indodana yami ayifuni sanhlobo ukuthi ngibe ngowayo nabanye abantu.Ngingamchazela kanjani ngalesikhala esiba sebudaleni sowesifazane ukuba abe naye owesilisa empilweni yakhe? Wayengafuni noma ambone owesilisa phambili okwase kukhomba sizoshada impela…
27 Jun 2022 7AM 4 min

Isikole esiyi-bording ezinganeni zezisebenzi zeNkosi

Uthini umbono wenu nge bording school ezinganeni? Ngiye ngibone sengathi iyalimaza ngokwemindeni. Kodwa nje nje mina nomnyeni wami sisanda kuthola ubizo lokuyosebenzela iNkosi phesheya kwezilwandle ,okubukeka kuyilona luhlelo kuphela oluphambi kwethu yilo lolu.Anginasiqiniseko lokhu kuhle yini ezinganeni nasemndenini wethu,kodwa futhi asifuni futhi ukudela ubizo lwethu lokuhambisa ivangeli.Lukhona ululeko la?
24 Jun 2022 7AM 5 min

Izingane ezingabazayo ngoNkulunkulu

Singayisiza kanjani ingane yethu encane esangqubuzana nokholo lwayo? Emkhulekweni wakusihlwa izolo undodana wami omncane uvume ngezinyembezi unenkinga ekukholweni nguNkulunkulu .Lesisimo ngisixoxe kanjani naye?
23 Jun 2022 7AM 5 min

Ukubhekana nokugeleza kwemiqhafazo yezocansi entsheni

Lokhona utho mina nomnyeni wami esingalwenza ukwehlisa ukukhungatheka nge -teenager yethu ebhekane nakho ngenxa yokuzigaxa kwayo kwi –sexting? Impilo yakhe neyomndeni wethu yaphenduka yabheka phansi ngamhla kuqhumbuka izithombe zayo inqunu zijikeleziswa esikoleni sayo electronically.Njengokuba nawe ungazicabangela ubuhlungu benhliziyo busankentenketha kakhulu. Ngaphezu kwalokho isibhekene necala lobugebengu . Lukhona usizo eninalo ngathi?
22 Jun 2022 7AM 5 min

Ukuqhumbuza ezomshado kwi-social media

Kukhona okuyiphutha uma ngixoxa nabangani bami ku facebook uma ngifuna ukuthimula umkhuhlane ohlasele umshado wami? Kwesinye isikhathi ngiye ngikhungatheke ,ngiphatheke kabi ngowakwami ,bese kuthi kulezokhathi ngizizwe sengathi ngingakhuluma nomuntu onomuzwa ngami nozoqonda . Nicabanga ngakube yindlela enempilo le ukubhekana nalemizwa yenhliziyo?
21 Jun 2022 6AM 5 min

Ukuqonda i-sexting yentsha

Njengomzali we-teen ngakube I –sexting yinto okumele ngikhathazeke ngayo ? Sengizwe kaningi ngalokhu ezindabeni, kodwa angikaze ngicabange ukuthi ingane yami ingaqoleka yilesilingo.Asikaze sikhulume ngakho ngoba angisheshi kweze technology,futhi angazi ngqo kubandakanyi ini.Ngale kokuthi ,uyingane enhle.Nicabanga ngimelwe ukusimungunya lesihloko naye?
20 Jun 2022 5AM 5 min

Izimpawu zenhlese embi emshadweni nge-social media

Ngingabona kanjani uma kungukuthi ukuzibandakanya kwami kwi social media ,facebook,twitter nokunye .- kuyincuphe emshadweni wami ? Angikacabangi yisona simo njengamanje,kodwa angifuni futhi ukuqhamuka sengithuswa yi -surprise. Ninawo amazwi enhlakanipho eningangipha wona?
17 Jun 2022 5AM 4 min
252 – 272