Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
432 – 452

Umkhwenyana akafuni ukuyosebenza

Impilo yekhaya ingamuncu uma uwakwakho engafune kubamba liqhaza ngokwezimali kumbe nangokunye nje. Umuntu wenzenjani ke ezimweni ezinjalo?
13 Oct 2021 6PM 5 min

Ukubuka ezezimali kwabasanda kushada

Uma kuziwa kwezezimali, abashadile kumele babe mqondo munye ukuze bavimbe obekungalindelwa ngomunye kanjalo nokuphoxeka ebudlelwaneni babo. Ohlelweni Ezomndeni namhlanje sizokhuluma ngeso lokubuka ezezimali kwabasanda kushada, nokho umgomo wona ungena kuyo yonke imishado.
12 Oct 2021 6PM 5 min

Ukholo nokuzibulala kwabasha nabasafika ebudaleni

Uma umuntu omusha enokholo oluqinile ,kwenza sikholwe ukuba abanakubalwa ekubhekaneni nezindaba zengcindezi nemicabango yokuzibulala. Nokho, lokho kungaba nombuzo phakathi ngoba phela uluntu luwile.
11 Oct 2021 6PM 6 min

Ukukhuthaza Ingxoxo niwumndeni

Ngakube sewuke waqaphela izinga lezingxoxo zomndeni elenzeka kwakho. Singakanani isikhathi umndeni wakho ositholayo ukuxoxa ubuso nobuso kulempilo ematasa?
10 Oct 2021 6PM 5 min

Unkosikazi unongakuqondi ngezocansi ngomkhwenyana wakhe

Kuhle sibalule ukuthi abashadile banomehluko ngokwezidingo zabo uma besenkonzweni yasekamerweni. Siye sizwe kumakhosikazi angenalo isasasa elisezingeni labakhwenyana babo, lokho okungadala ukukhungatheka emshadweni
7 Oct 2021 6PM 5 min

Ingane ephindaphinda amagama ahlabayo ashiwo nguwakwakho

Esimweni sesahlakaniso ,kuye kude kuba nogingqigoqo wochuku kulaba ababeshadene. Okungaba nemizwa eminingi emibi ngowakwakho futhi ngeshwa okungabandakanya izingane ,zingagcina ziphakathi nendawo ziyiyoyo,zihambise imiyalezo engasizi macala onke.
5 Oct 2021 6PM 4 min

Ukubuyisa amandla emumva kothando olusithe olukuphoxile

Ukudweshuleka kobudlelwane kuhlala kungelula, kuhlala kunemizwa yokuthi ngikhohlisiwe la, nokushoshozela kwenhliziyo okudinga yelashwe, indaba isekutheni umuntu uqhubeka kanjani nempilo ezwe inkululeko kwikusasa.
4 Oct 2021 6PM 5 min

Ukuhuheka phakathi kwabangani abashadile

Uma indoda eshadile ikhulelwa yimizwa ngonkosikazi womngani wayo, iyazi ukuthi lokho kuzibandakanya kungayicala elikhulu.Kodwa manje iyiphi inkinga elele la. Yikuphi futhi okungenziwa ukuqinisekisa ukuthi ukubhidlika komshado akuzoba yisiphetho salengwadla.
30 Sep 2021 6PM 4 min

Iyiphi indlela yokubhekana nomama osebenzayo ozizwa enecala

Kulezinsuku kunesisho esivelele esithi ‘umama ozibambe ngamazinyo’ okwazi ukudibanisa umsebenzi, umndeni, abangani, imisebenzi yebandla nokuningi sikhathi sinye.Uma uzimatanisa nalesisimo, vese unamathele ngoba sizokhuluma ngokungawubungozi bokuphila lempilo, kanjalo nezisombululo.
29 Sep 2021 6PM 5 min

Uwakwakho Uthola Izithombe Ezimhuha Ngocansi

Kulomhlaba wanamhlanje lakonke seku-digital,nendidabuchopho yobudlabuladlwedlwe obukwi social media,kulula ukubona ukuhuhwa ngezocansi qede ukitazeke ugcine usuyimbuzi yentambo nje. Ngenxa yokuthi ayazani kwenza umuntu acabange akukho bungozi ekuhuhaneni online, nokho yiyo kanye lempilo eholela ophathe imishado. Sifuna ukuqwashisa abaganene ngalobungozi, silethe iziluleko eziphusile ekutheni ungavikela kanjani umshado wakho.
26 Sep 2021 6PM 5 min

Ukukhuleka Ndawonye Njengomnden

Imindeni eminingi ekholwayo ayikaze iziphe isikhathi ukuthandaza ndawonye njalonjalo, okwenza ingazi ngokunamathelana okumangazayo okudalwa yilemthandazo elula nje.Yebo ikhona imindeni engafakaza ngesimanga sokwakheka kokholo nobunye obenzeke ngesikhathi befuna Inkosi bewumndeni. Sisemqoka kangakanani isikhathi sokukhuleka ndawonye niwumndeni? Sizophendula lombuzo khona la ohlwelweni Ezomndeni.
23 Sep 2021 6PM 5 min

Igunya Lobuzali Enganeni Esikhulile

Kuba noguquko lwegunya ekufikeni kwengane ebudaleni .Kumzali lolosuku luvese luzume ,masisha usebona indodana noma indodakazi yakhe enhle isizimele. Sithanda ukuxoxisisa ngalokhu kuloluhlelo Ezomndeni.
22 Sep 2021 6PM 6 min

Ukusiza Umfana Abe Yindoda

Inhloso ekugcineni ukukhulisa abafana ,ukubaqeqesha nokubakhuthaza babe ngamadoda ahlonishwayo naqotho.Kuwumsebenzi oyinzuzo ukutshala kuwo,La ohlelweni Ezomndeni sizoletha izinkomba namasu.
21 Sep 2021 6PM 4 min

Ukukipita Nesoka Elihlukumezayo

Sesizwe kaningi ngezindaba lakhona umama ezibona eboshelwe ebudlelwaneni obungachachambile ngenxa yokuthi ubona ukwehlukana kungawububi enganeni.Sifuna ukubuka udaba olunjalo, macala onke.
20 Sep 2021 6PM 5 min

Ingane Esebenzisa Amagama Anenhlamba

Ingane esebenzisa amagama anenhlamba kungenzeka iveza impilo yabantu abayizungezile,kunokwenzeka futhi kube esinye isizathu. La ohlelweni Ezomndeni namuhla sizoxoxa ngokuthi yini eqhuba inhlamba olimini lwengane ,hlala ulalele.
19 Sep 2021 6PM 4 min
432 – 452