Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
412 – 432

Ingane esaba izinambuzane nokusamabhungane

Umphefumulo womuntu yiwo oyingqondo yomuntu osisiza ukuntweza empilweni .Umqondo womuntu unamandla ngendlela yokuthi angakwazi ngisho ukuzitshela ngezinto ezingekho aze azikholwe. Sesikushilo lokho ,uma ingane ibhekana nento esabisayo ,emehlweni ayo, ingavumela umqondo wayo onamandla ukwakha zonke izithombe lezi nokwesaba,ngenxa futhi yokuthi basebancane kabayikubona ukuthi into leyo isengqondweni yabo nje. Ukuba ngumzali…
11 Nov 2021 5PM 4 min

Ubungani bobulili obuhlukene emshadweni

Sewake waba nezinsolo ngobungani uwakwakho anabo ngomunye wobulili? lokhu akuvamisile, nokho ukuze umshado uhlale uphilile futhi uvikelekile, ama-couple adinga ukuqonda ubumqoka bemingcele emshadweni ,bese wonke umuntu ngamunye azizwe ephephile ngokungenakwesaba ubungani bowakwakhe.
10 Nov 2021 5PM 4 min

Ingane esencane eseyadlula ngokweba

Umfana wethu oneminyaka emine singammisa kanjani ukweba? Kubukeka yonke indawo esiya kuyo, isenkonzweni, esitolo, elibrary ,nasemakhaya abangani – uphuma esephethe into okungesiyo eyakhe .Nginomuzwa othi uphethwe ukunganaki, kokuvese afake utho ephaketheni bese eyakhohlwa. Mina nomkhwenyana wami sesikhulume naye kaningana ukuthi kungani kukubi lokhu kuziphatha. Simtshelile ukuthi lithini ibhayibheli ngokweba. Sesike…
9 Nov 2021 5PM 4 min

Ukutewuzela ezinganeni

Ninawo amasu ukusiza ongena ebubhungwini ukuba angabi yisitetelegu ? Uyazifela ukushobozela kwasani futhi uphatheka kabi uma simenqabela akaphumuze oncamngce.Uba nengcindezi emva kwezinsuku uma edle ukudla okumfanele ngokwezempilo. Singasibuyisa kanjani isimo la kuye
8 Nov 2021 5PM 4 min

Wenza isikhathi nabangani bakhe ubaba nomama wenza esabakhe

Nicabanga kuwumqondo omuhle kobaba nomama ukuba nezinto abavama ukuzenza nabangani babo bobulili bunye ngaphandle komunye? Umkhwenyana wami uzizwela isidingo esinqala ukuba ndawonye njalo ngenyanga ,kodwa mina ngixolela ukusebenzisa isikhathi sami esiningi naye .Nami ngiyazikhipha izikhashanyana nabangani bami besibhuda ,kimi ngiye ngibone kwenele .Kuthini ukucabanga kwenu
7 Nov 2021 5PM 5 min

Umkhwenyana ukhathazekile ngengcindezi ngesikhathi u-makoti ezithwele

Kukhona engingakwenza ukusiza unkosikazi wami ozithwele ekubhekaneni nomoya oguquguqukayo kuye? Usengasekugcineni kwezinyanga zakhe, kodwa usebukeka enengcindezi. Osekuba yisiphazamiso ebudlelwaneni bethu. Kukaningi ngizwa ngengcindezi eba kumama emva nje kokuteta, manje ngakube kujwayelekile yini ukuba umama avese acindezeleke engakateti?
4 Nov 2021 6PM 4 min

Ingane esikhulile yenze izinqumo ezingezinhle

Yikuphi esingakwenza ukukhuthaza undodana wethu omdala ukuba akhule manje? Wenze izinqumo ezibi ngokwempilo, umsebenzi, indawo yokuphila, nangabangani. Emva kokumkhulisa ngobuKHRESTU siphoxekile kakhulu. Khona manjalo asikwazi ukuzixolela ngomuzwa wecala wokuthi sehluleka kuphi. Kukhona esingakwenza ukubuyela emumva, ngaphandle kokugxoba imingcele efanele?
3 Nov 2021 6PM 5 min

Ukukhuthaza Ingxoxo Niwumndeni

Kusemqoka kanganani ukuhlale kuhlale umndeni ube nethuba lokuxoxa? Emshadweni wethu ukuxoxa sekube yingwadla eside isikhathi, kodwa mumva nje sengiqaphele ukuthi lenkinga isithungele nasezinganeni: kubukeka akasekho layikhaya onesikhathi sokuxoxa nomunye. Angazi lokhu kwenzeke kanjani, futhi ngiyamangala ngokukushoyo ngempilo yomndeni kwezobudlelwane. Kodwa ngingenze njani ukucima lomhlolo?
2 Nov 2021 6PM 4 min

Odivose enengane, ufuna ukubuyisa umshado

Ngingaqhubeka nomcabango wokubuyela emshadweni wami ngenxa yengane? Sobabili singaMakhrestu, ngeshwa sigcine nje sesihlukanisa. Emasontweni ambalwa edlule ngizizwa nginomzwangedwa ngalokhukwehlukwana esimweni senganyana yethu. Nicabanga ngenze kuphi ?
2 Nov 2021 7AM 5 min

Inkambiso Yokusebenzisa i-Cell phone ezinganeni

‘izingane zingavunyelwa ukuba nama smart phone nokunye okuwubuchofo? Omdala useyashayela, ngakho besemgwaqeni. Uwakwami yena ucabanga bayawadinga amaphone ukuze bakwazi ukuxhumana nathi. Nikubona kuwumqondo omuhle lokho?’
1 Nov 2021 7AM 4 min

Osekuse emehlweni kuye ngophuzo ufuna ubudlelwane bubuye nabantabakhe

Umndeni osuhlupheke wukuqhotshozelwa yimithelela yokucwila kwelunga ezinkambeni, izidakamizwa, ucansi noma yiluphi olunye uhlobo olunethonya lokungashiyeki, imvamisa ugcina ukuthwala kanzima kwikusasa lawo uma kungesikho kwempiloyonke. SingaMaKhrestu ,siyakholwa ukuthi uNkulunkulu angakwelapha bonke ubuthakathaka bethu nobudlelwane obuphukile,ngokuba ungumbuyiseli wemiphefumulo yethu [Ihubo 23].
28 Oct 2021 6PM 5 min

Izinkinga zobudlelwano ekubeni ngumzali wengane ezalwa nguwakwakho

Imindeni exubile, iyimndeni esiminingi kulezinsuku. ukuhlangana kwemindeni emibili izoba mndenimunye, ngokwemvelo inezinselelo ezingadinga ukunqotshwa. Kungancika emlandwini wobudlelwane, isibalo somndeni ozongena, neminyaka, nezinga lezingane, ezibandakanyekayo, lomndeni oxubile ungaba ngongathatha izindlela ezehlukene. Kuloluhlelo Ezomndeni namhlanje, sizobuka isimo lakhona indodakazi noyise ongayizali [stepfather] benenkinga ngoxhumano lwabo.
27 Oct 2021 6PM 5 min

Umzali owahlukanisa unovalo ngengane yakhe esikhulile engawuzwa kahle umshado

Umshado uyisakhiwo esingcwele esadalwa nguNkulunkulu, futhi kunokuningi okuwusizo nokuhle empilweni ekuzinikeleni emshadweni. Ngeshwa ngokunyuka kwezahlukaniso kuleminyaka ,umshado usumanembenembe kwabaningi. Kuyavama ukuba ingane evela kubazali abahlukanisa, ukuba ingabi nkamunkumu ngomshado.
26 Oct 2021 6PM 5 min

Umfana ozothile nozwelayo

Kukhona yini okungamele kukukhathaze uma umfana ekhombisa ukuthanda ezobuciko kunezemidlalo, kumbe izinto ezimenza azizolele kunalezo ezimenza abe semdlandleni? Ukujwayeleka kwezimo zempilo kwenze ukuba sigcina sesibuka ngeso okungesilo kwelesakheko sengane. Sizosibhunga namuhla lesihloko ngokwezwi.
25 Oct 2021 6PM 5 min

Ukuthola intando kaNkulunkulu

Kuyenzeka sizibuze ukuthi yikuphi uNkulunkulu afuna ukukwenza ngempilo yethu. Siyazi ufuna simphilele ,kodwa mase kuziwa kwimininingwane kwenza kube nzima nokuthatha igxathi elicacile.Namuhla ohlelweni Ezomndeni sizobuka kabanzi lesihloko, hlala ungasuki.
24 Oct 2021 6PM 5 min

Umkhwenyana ojeqeza abanye besifazane

Uma unkosikazi enomuzwa wokuthi amehlo omkhwenyana wakhe ade ethi qala uma kuke kwathi shwi owesifazane othandekayo emehlweni akhe, enze njani lonkosikazi? Azithulele futhi athandaze, kungaphindi, kumbe alubeke loludaba kuye phambi kokuba ludlange? Sithanda ukuvuna lowomqondo wesibili bese siletha imininingwane ethe xaxa, khona la ohlelweni Ezomndeni.
21 Oct 2021 6PM 5 min

Ukubuka ukukipita nezimo zakho nomshado

Sekuvamile ukuba abantu bahlale ndawonye phambi komshado ,hle hle izinkomba ezweni lakithi zikhomba bebancane abakhetha ukushada.Iso lokubuka umshado selingxenye ,yiziphi izinkuthazo zomshado nokuzuzwa kuwo ,nokuthi kungani ababili kumele bawulangazelele? Sizokhuluma kabanzi ngalokho la ohlelweni Ezomndeni .
20 Oct 2021 6PM 5 min

Unkosikazi wami uyahlukumezana ngokwenyama

Sivamise ukuzithola sikhuluma ngokuhlukunyuzwa la khona umama usuke eyisisulu, kodwa namuhla ohlelweni Ezomndeni sizonceda ubaba obhekene nokuhlukunyezwa ngokomzimba ngunkosikazi wakhe, bese siletha izinyathelo ezisithinta sonke kungakhathalekile ukuthi uhloboni luni lohlukumezo nokuthi ngubani umenzi walo.
19 Oct 2021 6PM 5 min

Ukuhushula nezempilo zikaMama

Izibalo zokuhushula izisu okwenzeka ezweni lakithi zisezingeni eliphezulu elethusayo futhi kwazona ezibhaliwe azibandakanyi lezo zokuhushula okungagunyaziwe nguhulumeni okwenzeka emahhontshi.Kumbalwa kakhulu lakhona okusuke kuwuhlobo lokuba umama akhethe phakathi kwezempilo zakhe nempilo yomntwana. Zizwele khona la.
18 Oct 2021 6PM 5 min

Uku ‘adopter’ ingane ehlukumezekile

Uku–adopter yinto enhle kakhulu eseduze nenhliziyo kaNkulunkulu. Wonke umzalwane wafakwa emndenini wakhe, njengokusho kwezwi kwabaseRoma 8,ukuthi si-adopthiwe saba ngamadodana namadodakazi. Uma umndeni ucabanga uku-adopter, kuningi okufikayo, amalungiselelo nokuhlela okuningi okudinga ukwenziwa kuqala. Kwenziwa njani uma kuwukuthi umntwana ozofakwa emndenini useke wabhekana nokuhlukumezeka phambilini? Lezozingane zidinga ngempela ikhaya elifudumele nelinothando. Zizwele…
17 Oct 2021 6PM 5 min
412 – 432