Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
392 – 412

Inkonzo yekamero eqophelweni eliphezulu layo

Ngakube ucansi emshadweni luyanelisa ngempela? Ngisemshadweni onzima, isilonda esikhona phakathi kukankosikazi wami name- wudaba lwenkonzo. Ngizizwa ngincintshiwe. Kwesinye iskhathi ngize ngibe nezilingo zokufisa izidingo zami zigcwaliseke ngaphandle. Ngifunde umbhalo othi abantu abasemshadweni yibo abaneliseke kakhulu ngenkonzo yekamero emhlabeni –akwenzeki nakoyedwa ukweneliseka kothandana nabantu abaningi. Ngithola kunzima kimi ukukholwa yilokho! Angifuni…
8 Dec 2021 5PM 6 min

Ukubhekana nobunzima bokuhuhwa ngobulili bunye

Ikhona indlela enginganqoba ngayo umzabalazo wami weminyaka ngokuhuhekela ebulilini bunye nobami? Sengizamile ukulwa,kodwa kubukeka kwehlulekeka ngigcina ngenze ngokuzenzakaleka ngokwalemizwa. Ngenzenjani?
6 Dec 2021 5PM 6 min

Ukukhuluma Nezingane Ngezimo Ezihlasimulisayo

Njengomzali ngingabhekana kanjani nengane yami ,ngezikhathi la khona kunobududu bobuqhuqhu bezibhamu,izimbubhane zemvelo, nezinye izimo ezihlasimulisayo ezingokuthatheka kwempilo ?Ngabe kumele ngenze okuseqophelweni ukubasitha kulololwazi-okuyinto engelula neze ngokwezindaba ezingena zilekanyana kwezokusakaza kulezinsuku? Kumbe ngizame ukukhulama nabo ngakho ?
5 Dec 2021 5PM 4 min

Umphostoli Phawuli ngomshado nokuba wedwa

Kanti ibhayibheli alibuki yini umshado njengeqophelo eliphezulu lesibili ? Njengosemdala engashadile,angizwa neze kahle uma ngibona amakholwa egcizelela kangaka ubumqoka bomshado.Utadisho lwami lomlando lungiholela ekukholweni ukuthi ukuba wedwa kwakuvelele phambilini kunamanje.Izingcindezelo zokubuka kwesiko lamanje lisivala amehlo ukugqqama kwesitatimende sikaPhawuli : “Ngifisa sengathi bonke abantu benganjengami” [ 1KwabaseKhorinte 7: 7] .Ngikholwa ngumunxa…
2 Dec 2021 5PM 5 min

Ukusebenzisa amaphilisi okuhlela inzalo emshadweni

Uthini umbono wenu ngokusebenzisa amaphilisi okuhlela ? Sisanda kushada sizama ukucabangisisa ngendlela eseqophelweni eliphezulu ukuthi siwabuke kanjani,kodwa sithola umyalezo ohlukene kubahlobo bethu,amalunga omndeni ,nodokotela.Omunye umzalwane esimaziyo ukholwa ukuthi naluhlobo luni lokuhlela umndeni lumelene necebo likaNkulunkulu. Asazi sicabange kuphi.
2 Dec 2021 2AM 5 min

Umama akabazwile kahle abangani womkhwenyana wakhe

Yikuphi engingakwenza ngokungabi kwami nkamu nkamu ngabangane bomkhwenyana wami? Sithokozile futhi sisebudlelwaneni obuhle kakhulu,ngaphandle kwento eyodwa : angizwani nabangane bakhe.Ikhona indlela yokusombulula lenkinga? Isiholela ekuphikisaneni nongqubuzano
1 Dec 2021 2AM 4 min

Isehlukaniso nofa lwaso ezinganeni

Isehlukaniso wuhambo olungelula neze ukuluhamba,ikakhulukazi uma kubandakanyeka nezingane, ungalindela isikhisi esidephile impela.Izingane zithenteka kabi ngokuhlukanisa kwabazali bazo, uMama noBaba kumele bazi bazobhekana kanjani ngokwesaba nokudideka kwezingane zabo.
29 Nov 2021 5PM 6 min

Ukwehlisa amava engcindezi emndenini wakho

Ingcindezi iyinkinga yezempilo ethinta umphefumulo kumuntu ngokwamazinga ehlukene, kodwa iphinde ithinte amalunga omndeni ngokwezinga eliphathekayo. Sizothatha ithuba sibuke izindlela ongehlisa ngazo ingcindezi kabathandiweyo bakho.
28 Nov 2021 5PM 4 min

Obaba bafundisa kanjani amadodakazi abo isizotha

Kuningi okungashiwo ngeqhaza elikhulu ubaba angalidlala empilweni yendodakazi yakhe, ikakhulukazi ekuzethembeni kwayo. Ubaba ubumba intombazana ngendlela ezibuka ngayo emphakathini, ngokunjalo unomthelela omkhulu ukuthi izethembe.
25 Nov 2021 5PM 4 min

Ukusiza oyisisulu sobhongoza kwezokuxhumana

Siyavama ukubuzwa ngabazali, ukuthi babhekane kanjani nengane esibe yisisulu sobhongoza nobhongoza kwezokuxhumana. Ziningi izeluleko zemibhalo esinazo kulabobazali ezibanika inkombandlela kwi-website yethu ethi: www.safamily.co.za. Kodwa namhlanje sifuna ukukhuluma nabo qobo abasha ababhongozwa wobhongoza kwezokuxhumana. Sizwa kaningi ngabasha abexakekile ukuphila impilo ejwayelekile neqhubekayo, ngenxa yokwesatshiswa obhongoza basesikoleni kumbe labo abaxhumene nabo kuma…
24 Nov 2021 5PM 5 min

Ingane yesaba uSathane

Izingane zifunda ngoSathane ebhayibhelini bese zizwe nangezindaba ezifundiswa kuSontoskole, bese kokunye zibe netwetwe qobo ngalesisitha esingabonakali. Abazali bengenza okuningi ukwehlisa lokho kwesaba ngokuthi basho uthini uNkulunkulu ebhayibhelini.
23 Nov 2021 5PM 5 min

Ukuhuheka kumngani wowakwakho

Njengoluntu sibuthaka,futhi inhliziyo nezingqondo zethu zingasiduza kalula uma singaqapheli ukuba zihlale zibekwe eNkosini .NjengaMakhrestu sitakulwe ebugqilini besono sabuyisana noNkulunkulu ,kodwa lokho akuchazi ukuthi imicabango yesono ayithi shwi emiqondweni yethu. Kusibiza ukuba sense izinqumo ezinqala usuku nosuku sithabathe iziphambano zethu simlandele uJesu. Emshadweni simelwe ukuqapha izinhliziyo zethu kwizintshisekelo zesono ezingamelana nobudlelwano…
21 Nov 2021 5PM 5 min

Ukubuka ngokwebhayibheli-Ubumqoka benkonzo yekamero emshadweni

Umbuzo ovelele kwabasemshadweni, imvamisa abesifazane, okunokwenzeka basuke bethwele kanzimanyana emshadweni yabo ,ngothi: ‘Kungani inkozo yasekamerweni isemqoka?’ Lapho kuvamisa khona ugqozi lwenkonzo, kumbe umehluko omkhulu kufuqufuqu kwabaganene, lokho kusuke sekuyinkomba yokushaya amanzi kulobudlelwano, futhi abashadile abazithola bekulolutaku kungakuhle bafune usizo, phambi kokuba babishe.
17 Nov 2021 7AM 5 min

Ukupotshozela amalunga omndeni ngokudideka emshadweni wakho

EMshadweni yonke kuye kube nongqubuzano nokudideka phakathi kukababa nomama, futhi kwesinye isikhathi umbono ovela eceleni kungayiwo owudingayo ukubuyela endleleni. Nokho kumele umuntu aqaphele ukuthi izeluleko ziqhamuka kuphi, ngoba ngisho amalunga omndeni asengaba yisithiyo uma efakwe ngenhloko nesiphanga.
15 Nov 2021 5PM 5 min

Ukulumbanisa Ukuhlupheka KoMkrestu nevesi Konke kusebenzelana kube ngokuhle

Ngezikhathi lakhona impilo ikujikela, futhi ubhekene nokuhlupheka nokunsonsotha kwenhliziyo, kunzima ukuzwa lamagama: ‘UNkulunkulu usebenza konke kube ngokuhle’ ,ngoba izinto zingebukeke zizinhle kuwe .Ukubhekana nezivivinyo nokuhlushwa akulula neze ,nokho khona lapho ibhayibheli lisitshela ukuthi sizobhekana nobunzima empilweni.Sizobuka eduze okushiwo yibhayibheli ngokuhlupheka koMkhrestu.
14 Nov 2021 5PM 5 min
392 – 412