Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
512 – 532

Abazali bakhathazekile nge-homework eningi

Ngenze njani uma ingane yami esafunda e-primary ine- homework eningi kakhulu ,okugcina kwehlisa nesikhathi sokuba ndawonye siwmundeni? Njalo ntambama uba namahora amaningi awasebenzisa enza ama-assignment. Ngokokubuka kwami kwamanje akathathi kancane ekuqedeni emsebenzini. Yingoba muningi kakhulu umsebenzi wakhe. Ngakube wonke lama –homework amangaka adingekile ekufundeni nasekuthuthukeni kwempilo yengane esakhula?
22 Jun 2021 6PM 5 min

Ukusiza ingane ibhekane nempilo yesahlukaniso

Ngingawasiza kanjani ama teenager ami abhekane nokuklayeka komshado wami? Kubuhlungu kithi sonke,kodwa ngikhathazeke kakhulu ngondodana wami omdala .Kusuka uyise wangishiya emva konyaka,ubukeka ezifaka engcindezini enkulu ukuba yindoda layikhaya.Lokhu kunzima kakhulu kuyena ngoba ngonyaka ozayo ubebheke ukuya e –university .Manje ubona kumphoqa alekelele ekhaya.Ngenze njani ngaye nazo zonke ezinye izingane?
21 Jun 2021 6PM 5 min

Ukuthandana ngenhliziyo kunye nobungane obuqhubekayo

Ngakube mina nomnyeni wami sibunqamule ubungani nenye i-couple ngenxa yokuthi nje lendoda nami sivese sangena ekuthandaneni ngokwenhliziyo kuphela ? Sekwadlula manje,futhi nowakwami nonkosikazi walendoda bathatha isinqumo esiqinile , esigcwele umoya wokubuyisana kuyo yonke lento eyenzeka.Ngazizathu thizeni ,sesamisa nokuhlanganyela ndawonye okwesikhashana.Ngisho ngokwethembeka nje ,sekube yingxenye le ebe ngenzima kulo lonke loludaba.Kungukulahlekelwa…
20 Jun 2021 6PM 5 min

Inkambo enhle yobukhrest iqhathaniswa nengcindezi yezocansi

Ngakube ukuziphatha kahle ngokwezocansi ngokobuKhrestu akunampilo futhi akukho oemvelweni? Ngingowesifazane ozama ukuphila impilo emsulwa ,kodwa owesilisa engingena naye othandweni uhlala njalo engicindezela.Uthi umuzwa wami ngobumsulwa kwezocansi kungumuzwa nje ongenampilo wokwesaba –ngokuthi ngokuzama ukugculisa uNkulunkulu ,ngilahala ubuhle bemvelo nezinjabulo zokuphila njengokokuba uNkulunkulu wazidala .Ngiya ngokuya ngikuthola kunzima ukumphendula uma ekhuluma ngalendlela.Ningangipha…
17 Jun 2021 6PM 5 min

Ingane izibuza ukuthi engabe izilwane ziyaya yini ezulwini

Ngakube izilwane zami o-doggy doggy bayoya nami eZulwini? Ngiphatheke kabi ngoba inja yami isandanakufa .Sesibe naleyonja ekhaya ,kusuka ngazalwa ,manje angiyiboni impilo eyoba mnandi lo -doggy doggy engekho .Ngike ngabuza uMawami ukuthi soyibona yini eZulwini ,uvese wathi angiyobuza uthisha wami kasontoskole,ovese wathi yena ,cha iZulu elabantu akulona elezilwane.lokho kungiphathe kabi.Nicabanga…
16 Jun 2021 6PM 5 min

-DELETED- Abazali bakhathazekile nge-homework eningi

Ngenze njani uma ingane yami esafunda e-primary ine- homework eningi kakhulu ,okugcina kwehlisa nesikhathi sokuba ndawonye siwmundeni? Njalo ntambama uba namahora amaningi awasebenzisa enza ama-assignment. Ngokokubuka kwami kwamanje akathathi kancane ekuqedeni emsebenzini. Yingoba muningi kakhulu umsebenzi wakhe. Ngakube wonke lama –homework amangaka adingekile ekufundeni nasekuthuthukeni kwempilo yengane esakhula?
16 Jun 2021 6PM 5 min

Ukubuka ngokwebhayibheli ukuzikhipha ekwakheni nabantu

Nicabangani ngamaKhrestu athatha inqubo yokuzikhipha kubantu ayokwakha wodwana?Adayise imizi yawo ,ayokwakha ehlane wodwa ezintabeni,alayishe ukudla ,ayozitshalela izitshalo zawo ,ayophila njengabasunguli bese elwela ngawo wonke amandla ukuzimela kwinqubo yokuphila yomhlaba? Baninganyana abantu engibaziyo asebethathe lendlela.Angibaphikisi ngokuphelele ekugcineni,ngikholwa sonke singangcono uma singathi ukuzihlubula ubuntofontofo bobumnandi bempucuko bese sifunda ukuphila ngendlela elula nje…
15 Jun 2021 6PM 5 min

Ukubuka ngeso le-bhayibheli ukungena komkhrestu kwi-fine arts

Ngokokubuka kwebhayibheli ikhona indawo evumelanayo ne-Arts kulona, kumbe yintshisekelo nje yabantu bezomhlaba ? Singabona kanjani i-art enhle nembi? Indodakazi yethu ,ingumfundi we-art e university ,manje sinokukhathazekela ukuthi imosha nje amandla nesikhathi sayo.Ikakhulukazi sikhathazeke kakhulu ngengxenye yezokuziphatha kulokhu ekwenzayo-iclass lakhe elingokudweba izithombe zasekuphileni limdinga adwebe abantu abanqunu benotho abalwenzayo! Ninomuzwa onjani…
14 Jun 2021 6PM 5 min

Ukulawula ukudinwa kuma-teenager

Ngingamsiza kanjani undodana wami oseyi-adoloscent ukuba abhekane nokudinwa kwakhe? Kulula ukuphawula ukuthi uthukuthele kakhulu ngokuthizeni,kodwa nginomuzwa oqinile wokuthi ,uyayivalela ayicindezele imizwa yakhe yenhliziyo.Ngizamile ngebengingakwenza,ngehluleka ukumenza akhulume ngayo. Ngenze njani?
13 Jun 2021 6PM 5 min

Uthole ukuthi uwakwakho ube neshende - (Part 2 of 2)

Ngisanda kuthola ukuthi uwakwami ubengi – shendeza. Njengokuba nani ningazicabangela, kungikhungathe kanjani ukuthola lezondaba zokungethenbeki kwakhe, namanje angikasanguluki ekuthukeni. Angikamqondi okwamanje, futhi angikazi ngenze njani. ningangipha indlela?
10 Jun 2021 6PM 5 min

Uthole ukuthi uwakwakho ube neshende - (Part 1 of 2)

Ngisanda kuthola ukuthi uwakwami ubene shende .Njengokuba nani ningazicabangela ,kungikhungathekise kanjani ukuthola lezondaba zokungethenbeki kwakhe ,namanje angikasanguluki ekuthukeni. Angikamqondi okwamanje ,futhi angikazi ngenze njani .Ningangipha indlela ?
9 Jun 2021 6PM 5 min

Ukungqubuzana kukaBaba nondodakazi

Ngingakuletha kanjani ukuzwana phakathi kwe- teenager yethu nomnyeni wami? Njalo uma uyise emlanda esikoleni kuba ngukuthi uqala impi naye kumbe amnike inkulumo ende ukumtshela ukuthi wehluleka kangakanani ezifundweni zakhe.Bese undodakazi akhulume kimi ediniwe kumbe ekhala .Amabanga esikole asehlale eyinkinga kundodakazi wethu, futhi ngiyaqonda ukuthi simelwe ukwenza konke esingakwenza ukumgcina ekhaliphile…
9 Jun 2021 7AM 5 min

Ukubhekana nentsha engamavila

Ngingawagqugquzela kanjani ama teenager ami amabili angamavila?Awakwazi nokungisiza ngomsebenzi wasendlini, futhi bayaziba kuze kube ngumzuzu wokugcina kuyila enza umsebenzi wawo wesikole. Njengomzali ongayedwana angibi nawo amandla okubafaka ngempoqo emsebenzini.Ikhona yini indlela yokunqamula lenqubo kubona?
7 Jun 2021 6PM 4 min

Okumele ukucabange phambi kokuqhelelana

Ningakukhuthaza ukuqhelelana emshadweni ozizwa usufike kwangqingetshe? Iminyaka eminingi umshado wethu ubhekene nesifo esiqhubekayo sokulimala ekujuleni.Ngaphansi kwalesisimo, ngizibuza engabe kungcono yini ukuqhelelana okwesikhashana. Ngakolunye uhlangothi ngikhathazeke ngezingane zethu. Nicabanga senze njani?
7 Jun 2021 6AM 4 min

Ingane ehlale iqaphile kweqe

Ngakube simelwe ukukhathazeka ngengane esabayo ukuthatha ama risk kweqe? Umnyeni wami ucabanga simelwe ukuqinisa isandla impela -iphoqwe ukubhekana nesimo sokwesaba kwayo.Mina nginomuzwa imelwe ukunikwa ithuba ize ibe nokuzethemba ngokwayo. Nibona ndlelani ?
3 Jun 2021 6PM 5 min

Ingane enovalo ngokuba yodwa

Singabhekana kanjani nomuzwa wovalo olukhulu kwindodana yethu eno 8 weminyaka ukusala yodwa? Ilala ekamerweni elilodwa nodadewabo ngoba yesaba ukulala yodwa .Ngeke umthole edlala yedwa ekamerweni lakhe ngaphandle uma kunomuntu khona .Esikhathini esiphambilini wake wazama ukuba yedwa ,wayevevezela [ejuluka ehefuzela ] .Uhlakaniphe kakhulu ,wenza kahle esikoleni impela ,udlala nekeyboard namadrum nezemidlalo…
2 Jun 2021 6PM 5 min

Ukufundisa izingane ngokuzidela

Ngakube kumele ngizifundise izingane zami ngobumqoka bokuzidela? Asizwa kakhulu ngakho ebandleni kulezinsuku ,bese kuthi isikompilo labantu basemhlabeni alikugqizi qakala sanhlobo.Kodwa anginaso isiqinisekiso ukuthi izingane zethu zizoqonda ukuthi kusho ukuthini ukulandela uJesu uma silahla lengxenye yobizo lomfundi kaJesu.
1 Jun 2021 6PM 5 min

Ukuhlonipha i-teenager yakho

Ngingalinika kanjani iteenager lami inhlonipho elifanele? Ngingavuma ukuthi siyangqulana ngamakhanda kaningi –uluhlobo oludinga ukuqondiswa nokuholwa okuningi,okuphetha ngokuthi kungabi kuhle endlini .Kodwa angikholwa ngukuthi kukhona engikwenzile okumehlisa isithunzi njengomuntu. Kuchaza ukuthini ukuthi “umzali ahloniphe ingane?” ngakube ngingavese ngimdedele enze ngendlela yakhe –ngilokothe?
31 May 2021 6PM 5 min

I-teen ifuna ukusiza umama abe nokuqonda ngezinguquko ebudlelwaneni babo

Uguquko usuka ebunganeni uya ekubeni yi-teenager wuguquko olukhulu empilweni, futhi ama-teen amaningi kanye nabazali bangakufakazela lokho. Kunezinguquko zomzimba nezomqondo ezenzekayo kulesigaba, futhi kuyasiza ukuqonda lamaphuzu zisasuka nje ukuze ungazitholi usuhilelekile ungazelele. Nakhu la khona abazali nama-teens abangasebenzisana khona ukudala umoya wokuhloniphana, futhi bagcine ubudlelwane obuhle, kungakhathalekile isimo sithini ngezinguquko nakanjani…
30 May 2021 6PM 4 min
512 – 532