Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
612 – 632

Ingane enezinkinga ezingokuziphatha e-pre-school

Okunye ukubhekana nokuziphatha kwengane yakho ekhaya, kwehluke kakhulu-ke uma sekunguthisha wase pre-school esekuthinta ekhalaza ngokuziphatha kwayo. Asinamandla ezimweni zesikole, nokho uhlobo lobuzali esibenza ekhaya nalo lungaba yimbangela yendlela yokuziphatha kwengane esikoleni nakwezinye izingxenye.
4 Feb 2021 5PM 4 min

Osangena ebudaleni uzizwa engenathemba ngomshado

Ngakube ugcina unomuzwa wokuthi umshado yinto eseyadlulelwa yisikhathi, ngenxa yokuthi imishado eminingi iphetha ngezahlukaniso? Izinkomba zikhomba ukuthi ezweni lakithi kulabo asebesebudaleni bokushada, bangu 33% kuphela abashadile ,okuyisibalo esiphansi kakhulu emhlabeni wonke.
3 Feb 2021 5PM 5 min

Ukholo ukungabaza kuqhathaniswa nokungakholwa

Ukuphi umehluko phakathi ‘kongakholwa ‘ kunye nomuntu onombuzo othembekile ngoNkulunkulu ? Ngiyakholelwa eBhayibhelini ,futhi ngiye ngitshele nabahlobo nomndeni ukuthi uNkulunkulu uyazenza izimangaliso ngisho ukuvusa abafileyo .Nokho,uma sezishuba izinto ,ngikuthola kunzima ukuthemba iNkosi.nakuba ngibatshela abanye ukuthi bangethembela emseni waKhe ,nokho ngibhekana novalo nokwesaba uma kufika izimo ezingihaqayo ezinzima.Ngakube lokho kuchaza ukuthi…
1 Feb 2021 5PM 6 min

Umshado nesenzo socansi emshadweni njengophawu lwakwamoya

Umshado nenkonzo ngakube yimifanekiso efanele ukuchaza ngobudlelwano bethu noNKULUNKULU ? Ngesikhathi ngifunda umbhalo obungomshado wobuKhrestu ngizithela enkulumweni ehlasimulayo .Umbhali uqale ngokuqhathanisa ubudlellwano boluntu nobeNKOSI kubantu .Bese aqhubeke athi kumele ‘sishade noNkulunkulu’ ,bese aze aphakamise ukuthi kulobubunye ,UKhrestu utshala ‘izimbewu zokomoya’ kithi ukuze ‘sizale okusha empilweni entsha’. Ngikuthole lokhu kuwulimi lwezocansi…
31 Jan 2021 5PM 5 min

Indodakazi ayimhloniphi umkhwenyana wayo

Uma ungumama wendodakazi esishadile, nebala uyazi ukuthi izinga liyashintsha kakhulu. Lengane yakho esikhulile isiphumile esandleni sakho, kodwa manje isinomndeni wayo ozimele.
28 Jan 2021 5PM 4 min

Ebuzalini i-quality time iqhathaniswa ne - quantity time

Kulezinsuku esiphila kuzo ekukhuleni kwe-technology, kanjalo nabazali besebenza amahora amade ukondla imindeni yabo, isikhathi nezingane sesiphazamisekile,ngeshwa ucwaningo lukhombisa umthelela ongemuhle, walempilo emndenini uwonkana.Abanye abazali bakholwa ngukuthi uma bengondla kahle imindeni yabo bayithengele izinto ezicelayo, benze okwanele ukuba ngabazali.
25 Jan 2021 5PM 4 min

Abazali baphikisana ukuletha usizo enganeni esikhulile

Kuhlale kunzima kumama ukuvalelisa enganeni yakhe esikhulile uma seyinquma ukuzimela, qede ibhekane nempilo injalo. Kodwa uma lengane esikhulile yehluleka ukuzimela, omama basikwa yizinseko qede bafune ukuyitakula.
24 Jan 2021 5PM 4 min

Ophelelwe yithemba uzizwa eyisehluleki II

Phambilini ohlelweni ezomndeni sasiphendula ukububula komlaleli wethu owayefuna usizo owayezizwa njengesehluleki nawaselahlekelwe yithemba empilweni yakhe. Ukukhala okunjalo kuyithinta ngokujulile inhliziyo yethu futhi siye sifune ukungenelela sisize ngokushesha.
20 Jan 2021 5PM 5 min

Ophelelwe yithemba uzizwa eyisehluleki I

Sewake waba sesimweni la kusengathi impilo iyama futhi ithemba liyaphela?Leyomizwa akumele neze ithathwe kalula, kumele futhi ihlaziywe ngoseceleni ongakwazi ukuletha ukubona okwehlukile esimweni.Abantu abazizwa belahlekelwe yithemba, bayinhliziyo yethu la kwa Focus on the Family
19 Jan 2021 5PM 5 min

Amantombazane nabasefazane ekugqokweni kwamabhulukwe

Ngokomlandu amasiko abe nomthelela omkhulu kwindlela yokuphila nokukhetha emndenini, nokho kunemehluko phakathi kwesiko neqiniso lebhayibheli. Uma simisa izinkolelo zethu ngezibhalo, kusemqoka ukubukisisa okwakuqondwe ngqo yilawo mavesi.
13 Jan 2021 5PM 4 min

Izizathu ukulubekela Imfundo Ephakeme

Kwisimo somnotho esizithola kuso,kulelizwe, ukushoda kwamathuba omsebenzi kwehlisa inani lobumqoka bokuba ne-Degree. Kunenqwaba yabantu abaneziqu abazijulukele kodwa abangatholi msebenzi osezingeni lazo. Ngakube lesisimo sesikhathi sehlisa ukushisekela ukuzuza iziqu eziphakeme?
10 Jan 2021 5PM 5 min
612 – 632