Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
652 – 672

Ukubuka kwe-bhayibheli, ubungqingili nokuganana kwabobulili bunye

Njenge ministry, siyi Focus On The Family akusiyo inhloso yethi ukukhuluma ngesimo kwizihloko ezinokuphikisana zoBuKhrestu ,nokho ,nxa sibuzwe umbuzo ngokubuka kwethu odabeni olusuke ludidana ,sokwenza okusemandleni ukuletha wonke amasu nocaciso kwesikholelwa ukuthi ibhayibheli likucacisa lithini
13 Dec 2020 5PM 5 min

Wenzenjani ngamahora amade emsebenzini

Ukusungula ibalansi ngomndeni nomsebenzi kuyinto enzima .Uma sifaka wonke umqondo wethu emsebenzini yethu, umndeni ngapha uyalimala, manje futhi sidinga ukwenza imali eyanele ukunakekela yona imindeni yethu.
10 Dec 2020 5PM 4 min

Ingxenye yokomoya yokungadli ngendlela

Akekho noyedwa umuntu la kwamhlaba ongabhekene nenselelo thizeni. Indlela esibuka ngayo lezinselelo ngokoBuKhrestu mhlampe yikho kanye okugcina kusihlukanisa emabandleni.UNkulunkulu unamathele kuzo zonke izinhla zokuphila kwethu, kuze kube ngukuthi kunzima ukumbeka eceleni.
9 Dec 2020 5PM 4 min

Uwakwakho ubhema igudu

Akulula ukushada nomuntu okinatelwe naluphi na uhlobo lwezidakamizwa, okubandakanya nensangu. Kwenza uzizwe ulahliwe, unobuhlungu ,zimpawu nje ezimbalwa lezo esizishoyo. Ngisho imisebenzi yansukuzonke iphenduka ibe yintaba, ekutholeni ukuthi uwakwakho ubhajwe ezidakamizweni. Uma sewufaka nezingane kulesimo, ingqondo idideka kakhulu
8 Dec 2020 5PM 5 min

Izimpawu zokukinatelwa ngama–video nama-computer Game

Imvamisa umkinatelwa umanqika ekuvumeni inkinga yakhe, futhi uze abe namagamana uma ezwa igama ‘umkinatelwa’. Manje ungacabanga ukuthi ngikhuluma ngomkinatelwa zidakamizwa kumbe uphuzo, kodwa namhlanje ngikhuluma ngokinatelo olubamba abantu bengazelele, lolo ngolwe midlalo ye–computer nama cellphone.
7 Dec 2020 5PM 4 min

Ukushiya Umsebenzi Uzoba NguMama Onakekela Ikhaya

Kulezinsuku mincane imindeni ekhetha ukuphila ngeholo elilodwa likababa, ngesikhathi uMama esekhaya enakekela izingane ezincane. Kuyisibindi esinqala uma uMama eshiya umsebenzi ukuze abe nezingane zakhe ekhaya,kodwa ama –study aveza ukuthi lezongane ezikhula zinoMama ekhaya ziba nokuhle okuningi ngokwemizwa yenhliziyo kaMama nobukhona bakhe eduze zikhula.
6 Dec 2020 5PM 4 min

Amahlaya Anobuhle Emndenini

Kunokwenzeka sewuke uzwe ukuthi : ukuhleka kulikhambi elihle enhlizyweni ,futhi kunokwenzeka sewezwa ngisho abezempilo beqinisa lokho .Sekushokekile lokho ,ukufaka amahlaya amahle kuhamba ibanga elide ekusigcineni sijabule siphilile.
3 Dec 2020 5PM 4 min

Izithwele intombi, ukushada njengesisombululo

Ukushelelela ekukhuleliswaneni kungayingozi othandweni olungenazinqumo. Kusuke sekuyisimo esiphuthumayo esidinga ukunakwa ngokushesha. Ngakube ukujombela emshadweni ngokushesha kuyisisombululo?
2 Dec 2020 5PM 4 min

Ukumbula ukuphinga kunkosikazi wendoda ebingazi ngomnyeni wayo

Kuno kukhungatheka okuningi nokukhathazeka okwenzeka emva kokuthola bekunomakhwapheni emshadweni .Uma i –couple seyikhethe ukuxolelana bese ihlabela phambili nempilo ,lokho kungayinto enzima ,ikakhulukazi uma isenzo senzeke nomuntu osebandleni.
1 Dec 2020 5PM 4 min

Ubuzali enganeni esikhulile kube kukhona ezisencane

Uma ingane yakho ike yakhula yashiya ikhaya,ubudlelwano bakho nayo buyaguquka ,awube usaba ngumzali njengobekwejwayelekile .Manje kumele kube kanjani enganeni ekhetha ukubuya ikhaya ,esindala?
30 Nov 2020 5PM 3 min

Ukubhekana nesibhocobhoco sokungasebenzi

Uma kukhona into ecoba umoya womuntu-wukungasebenzi nomuzwa wokwazi ukuthi kawukwazi ukondla umndeni wakho. Nkashana indoda ilahlekelwa ngumsebenzi izizwa iphelelwe yisidima sayo.
29 Nov 2020 5PM 5 min

Izimpawu Zokukinatelwa Ngama-video Nama-computer Game

Imvamisa umkinatelwa umanqika ekuvumeni inkinga yakhe, futhi uze abe namagamana uma ezwa igama ‘umkinatelwa’. Manje ungacabanga ukuthi ngikhuluma ngomkinatelwa zidakamizwa kumbe uphuzo, kodwa namhlanje ngikhuluma ngokinatelo olubamba abantu bengazelele, lolo ngolwe midlalo ye-computer nama-cellphone.
24 Nov 2020 5PM 4 min

Ingane Ekhetha Ukudla

Uke uzizwe usho lamagama: “Awukwazi nje ukuyodlala ungadlile, yidla kuqala bese uyodlala” kumbe: “kungani uvese wakhetha inyama yodwa okunye wakushiya?” kumbe uthi “ake ukhohlwe ama-chips kancane” .Nebala amagama lawo owaziyo njengomzali ikakhulukazi uma kungukuthi ingane yakho iyakukhetha ukudla. Singagcina siphatheka kabi njengabazali uma izingane zethu zinganasikhathi sokudla, kokunye sigcine singqubuzana…
23 Nov 2020 5PM 4 min

Usizo koGogo Abakhulisa Abazukulu

Ezweni lakithi kunemindeni eminingi ehluthulwe ngubudlelwane obungebuhle, ukufa kwabazali bobabili kumbe abazali bobabili abakaze balokothe zisasuka ukuba babengumndeni. Inqwaba yezingane ikhuliswa ngogogo nomkhulu ngenxa yalezi zimo ezingezinhle neze nakuba khona kuba yisibusiso ukuthi izingane zigcineka kumalungu omndeni, nakanjani kuzoba nezinselelo ezingomndeni ongesiwo ubaba nomama.
22 Nov 2020 5PM 4 min

Imi kuphi i-Focus on the Family ngomshado nesahlukaniso

Abaningi abakholwayo nabangakholwayo babuza umbuzo omkhulu othi : Kungani kumele ushade? Ikuphi nje ngempela inkinga ngesahlukaniso nokuthi kungani kumele uthembeke kumuntu oyedwa impilo yakho yonke? I-Focus on the Family ihlale njalo ivikela umshado nsukuzasa.
19 Nov 2020 5PM 5 min

Izinsika zezibhalo zokuvikela ukuphila koluntu

Ngokokuqhumbuka kokuhushula izisu kwaba semthethweni, kwaqhumisa isikhalo kubameli bobuKhrestu bezinhlaka ezilwela ukuphila.I-Focus on the Family ingenye yezinhlangano esilwe iminyaka ngalesihloko yaze yetha igama elithi : “ubungcwele bempilo yomuntu” yikho okungumgogodla kwi-ministry. Ukuze aMaKhrestu aqonde ukulwela izinto ezinjalo ,adinga ukwazi ukuthi ibhayibheli lifundisani ngempilo yoluntu.
18 Nov 2020 5PM 5 min

Ukulungisela ukukhishwa ejele kowakwakho

Kwesinye isikhathi empilweni sibhekana nezinselelo esingacabanganga soke sidibane nazo. Ake ucabange nje ukungamboni uwakwakho ngenxa yokuboshwa,qede bese uyezwa ukuthi usuku lokuphuma kwakhe selusondele. Emva kweminyaka, ubudlelwano bungobungekho, manje sekumele ulungisele lesigaba esisha.
17 Nov 2020 5PM 4 min

Ukwehliswa isithunzi uwakwakho kubantu

Kuwumthetho onqala ukuba uwakwakho akwazise emphakathini, angakubukeli phansi. Lenkulumo ingezwakala ilula nje, kodwa kaningi konokwenzeka oganene naye angaqapheli izincaphephe ngezinhlamvu azishoyo, yikho-ke ukuxoxa ngokukhululeka kusemqoka.
16 Nov 2020 5PM 4 min
652 – 672