Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
672 – 692

Imingcele emshadweni evikela ukusiza owobunye ubulili

Angeke walokotha ukuthathe kancane ukuklama umngcele emshadweni wakho. Ubudlelwano emishadweni eminingi sebube nduvunduvu ngenxa yokungakali imingcele ecacile, yagcina ingena esonweni. Ngakube indoda eshadile ingasiza owesifazane oshadile ngezinkinga zakhe zomshado bebobabili?
15 Nov 2020 5PM 4 min

Ukubhekana nobungane bokunganaki

Ukuba nengane eqhubeka njalo ngobudedengu kungaba ezinye zezinto eziqhumisa ikhanda kumzali. Buwumqansa ngokwabo ubuzali sesiyishiya ke eyokuba nengane ebudedengu.
12 Nov 2020 5PM 2 min

Uwakwami uhlukumeza izingane ngokomzimba

Izinkomba ezibikiwe ezweni lethu ngohlukumezo lwezingane luphansi uma kuqhathaniswa nobuqiniso bezibalo, lokho kungenxa yezizathu thizeni. Okokuqala, kungenxa yokwesaba okwengama izisulu uma zitshela umuntu okwenzekayo, ngeshwa kubandakanya, nomoya wokwamukela ukujezisa ngenduku kweqe nokunukubezwa ngokocansi, kungokunye kwakho osekwemukelekile emphakathini.
11 Nov 2020 5PM 4 min

Ukuphila nowakwakho onengcindezi yehaba-kucabanga

Kuye kuzwakale umuntu ekhuluma ngehaba-kucabanga, phecelezi ‘Obsessive Compulsive Disorder [OCD ]’, okusuke umuntu esekulona. Manje wenzenjani ngempela nxa uganene nomuntu okulesisimo ?
10 Nov 2020 5PM 3 min

Uwushiya kanjani umsebenzi e-office bese uba ngosemndenini

Izimfuno zemsebenzi edla isikhathi kanye nesindayo zinkulu, bese kuphenduka inselelo ukuthola isikhathi sakho nomndeni okuyinto esemqoka Esikhathini sethu esigijimayo, nala khona i-technology isigcina simatasa nangeminwe yethu sihlala sikwezokuxhumana, kubiza ukukuqonda ngqo ukwenza isikhathi nomndeni ikakhulukazi la khona ukudinga.
9 Nov 2020 5PM 4 min

UMusa, umthetho, nokukhuluma iqiniso ngothando

Uma ungumzalwane okholwa yibhayibheli futhi uyishesekela iNkosi Ukhathazekile ukubona lokho uNkulunkulu afuna ukukugcwalisa kwabanye, mawunjalo awuwedwa. Indlela oza ngayo kubantu abaseduze nawe kumele ukwenze ngobuyoninco nokuqaphela. Sesikushilo lokho ,kuncika ekutheni abantu bakuphi nohambo lwabo ekukholweni ,abayikuhlala njalo bevutha ngokokuthi yikuphi okungenziwa nokungenakwenziwa ngeBhayibheli.
8 Nov 2020 5PM 4 min

Ucansi kwezokuxhumana ,ukuthandana online,ukuphinga Nesehlukaniso

Umshado usengozini enkulu kakhulu kunakuqala ngokwesabisayo ,njengoba kude kuqhubeka ukulethwa kwezocansi ngezokuxhumana ,nakweminye iminxa e-online engocansi nemibhalo engcolile. Ngakho baningi abantu abangena emgogeni yezocansi online ngaphandle kokuqonda ubu-serious bokwenza lokho
4 Nov 2020 5PM 5 min

Izingungquko ezenzeka ekungeneni ekuthombeni nasebubhungwini

Ezinye zezingungquko ezizokwenzeka ezinkulu emzimbeni nasemizweni yenhliziyo yengane yakho zizokwenzeka nxa iqeda ukuthomba. Kuba yisikhathi lesi esingaqondakali kumzali ukuthi yikuphi ukuziphatha okwemukelekile nokusuka kukusha kwethusa
3 Nov 2020 5PM 4 min

Umsebenzi owufundele, ubizo, nomsebenzi unguMKhrestu

Kuvamisa ukuba impilo noNkulunkulu ibe ngengemnandi uma impilo yakho yansuku zonke inesibhocobhoco. AmaKhrestu avamisa ukuzibuza anamava amangakanani embusweni ka Nkulunkulu, ngesikhathi emsebenzela esezwa nemisebenzi eyifundele ingasemnandi.
2 Nov 2020 5PM 4 min

Amakhrestu nengcebo kanye nombuzo wokunikela ngakho konke

Wayeqonde ukuthini uJesu uma ethi : “Hamba uthengise konke onakho, bese uphe abampofu, uyoba nengcebo ezulwini?” Ngibe nguMkhrestu onyakeni nengxenye owedlule, okwamanje kuseluhambo oluhle kimi lolu.Yebo ngibile nazo izinselelo endleleni yami, nanxa kunjalo iNkosi ingibusisile nebala ngezindlela eziningi. Kodwa ngamhla ngihlangana nomuntu owangikhombisa lelovesi ebhayibhelini laletha ukudideka kimi, ngakube kumele…
29 Oct 2020 6PM 4 min

Ake uyozicinga njengendlela yokuqondisa izigwegwe

Ukuyozicinga kwengane kunamandla kangakanani? Usana lwethu seluthe klwi manje angazi ukuthi yiluphi uhlobo lokuqondisa oluhambisana nesigaba sokukhula.Abahlobo bami bona bakhonze kakhulu ukuthi ingane "ake iyozicinga". Anginaso isiqiniseko ukuthi iyona ndlela engcono le. Kunini la khona "ukuyozicinga" kuyindlela eshaya khona yokuqondisa izigwegwe? Kunini la ingesiyo khona? Umehluko ngingawubona kanjani?
28 Oct 2020 6PM 5 min

Indoda esebenzisa izithombe zobunqunu ngoba unkosikazi engasayinelisi

Kumele yini indoda ifune ukuzinelisa ngokocansi ngokuthi ibuke izithombe zobunqunu uma kuwukuthi unkosikazi wayo akasazithandi akazinaki, useyahubazela nje? Ngisemshadweni onzima.Kusuka emva nje sashada, umkami akasawunaki sanhlobo umzimba wakhe, futhi yinto anganandaba nayo leyo manje. Angifuni ukumdivoza, kodwa ngisenayo imizwa yenkonzo yekamero. Umqondo muni ongasiza la?
26 Oct 2020 6PM 4 min

Ukhuluma kanjani nezingane ngobaba ongekho

Ngiyiphendula kanjani imibuzo enzima enganeni yami mayelana nobaba wayo ongekho? Ngahlukana noyise, cishe eminyakeni ewu 8-ngesikhathi esimuncu - futhi akakaze ambone. Kodwa mumva nje usebuza izinto ezinjengokuthi: ‘usamthanda ubaba Mah?’ futhi: “Kungani engasifoneli –akangithandi yini nami?” nokuthi “ngingazama ukumcinga ngelinye ilanga?” Nicabanga ngimphendule ngithini?
25 Oct 2020 6PM 4 min

Ukusiza izingane zibhekane nobhongoza

Ngingabona kanjani ukuthi ingane yami inenkinga yokubhongozwa? Zikhona izimpawu zalokho? Uma kuwukuthi ,ukulenkinga ,pho ngingamsiza kanjani kulesisimo?
22 Oct 2020 6PM 4 min

Ukunqamuka kokuphinga, ukuzenyeza nokuthethelela

Ngakube umuzwa wokuzenyeza uxhumene nesimo sami sokungathetheleli umnyeni wami ekungathembekini nomngani wami oseduze kimi? Lokhu kuphinga kwenzeka nyakenye, sabuyisana, futhi nomshado wethu uqhakambile kunakuqala. Nanxa kunjalo ngisenomuzwa wokuzenyeza nokungazethembi. Kukhona ukuxhumana kulezizinto?
21 Oct 2020 6PM 4 min

Obaba namadodakazi anama-mood

Njengobaba ngingabugcina kanjani ubudlelwano nentombazane evese inyukelwe yinhliziyo esikhaleni ngenxa yobutshitshi? Lonyaka odlule ube ngonzima kimi. Ngiyiqaphelile indodakazi isuka esigabeni sokuba yintombazanyana ehlale imamatheka ithokozile manje esisesigabeni sokuhlala ixhukile iletha izimpikiswano.Ubudlelwano bethu babuyintokozo kimi. Manje sekunzima. Ngingasiguqula kanjani lesisimo?
20 Oct 2020 6PM 4 min

Ingane ebuka ama-movie anocansi anodlame kubo kamngani

Ngakube ukubona kanye i-movie noma isithombe esinodlame kwi –TV sithikameza impilo yengane eside isikhathi? Ngisanda kuthola ukuthi ingane yami esese-primary ibuke isithombe esingesihle ngenkathi ikwamngani wayo. Yikuphi okumele ngikwenze nokuthi ngingavikela kanjani ukuthi lokhu kungenzeki kokuzayo?
19 Oct 2020 6PM 4 min
672 – 692