Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
812 – 832

Ukuthemba uNkulunkulu ezikhathini ezinzima

Uma izinto zingahambi kahle ngibambelela kanjani eNkosini? NjengoMKhrestu ngiyaqonda kumele ngibonge konke futhi ngibheke eNkosini ngezidingo zosuku nosuku.Nokho ngiqhamuka nyakenye esimweni esimanhlembethwane.Kulezikhathi ke ngimbonga kanjani uNkulunkulu? Ohlelweni Ezomndeni sizozama ukukuphendula kafuphi.
6 May 2020 6PM 4 min

Indoda nesimo sokungasebenzi

Ngakube ubaba ongasebenzisi’ mubi kunongakholwayo’,njengoba kungathi uPawuli ubeka kanjalo ku 1 Thimothewu 5:8? Angiqondi ngempela? Nginezinyanga eziwu 8 ngadilizwa ,okwamanje iholo lalayikhya litholakala kumama ngisho nangesikhathi ngisasebenza ngangehluleka ukondla ngelami lodwa.Manje ke abafundisi nabasakazi bathi yithi okumele sondle imindeni yethu.Kuyiva kimi lokhu ,nisho ukuthi iNkosi ingibona ngiyisahluleki?
3 May 2020 6PM 4 min

Ukubheka izimpendulo emkhulekweni

UNkulunkulu ukuphendula kanjani ukunxusa? Angiboni zithelo ezitheni ngokunxusa kwami ngomtanami owukhandalimtshelokwakhe.Futhi sekuguge amadolo.Kukhona yini la ngingakhuleki kahle ? Ngiwajikisele kwenye indawo amehlo kulezimpendulo na?
30 Apr 2020 6PM 4 min

Izimangaliso-izimpawu nezimanga zakulezinsuku

Ngakube niyakholwa ukuthi uNkulunkulu usazenza izimanga ? Amakholwa akholelwa ezimangalisweni athi simelwe ukwenza imisebenzi uJesu ayeyenza , ‘nemikhulu kuleyo” [Johane 14 : 12]. Abanye bakholelwa ngukuthi kwafika ekuphetheni okwezimangaliso sekugoqwa ngeThestamente Elisha . Kuthini ukubuka kwenu?
29 Apr 2020 6PM 5 min

Umshado emva kokuphela kwempilo

Ngakube ngiyoba ndawonye nomnyeni wami eZulwini ? Wedlule emhlabeni kulonyaka ,okwenze kwanzima ukuphila impilo ngaphandle kwakhe .Umngani wami ungiduduze ngokuthi angikubeke enhliziyweni ukuthi siyobonana nomnyeni wami eZulwini lusuku lumbe .Kodwa masisha omunye umngani wathi kimi ,cha ubudlelwano esinabo la abuyikufana mase siseZulwini ngokwamazwi ashiwo nguJesu .Kusuka lapho inhliziyo yami inkenkethe…
28 Apr 2020 6PM 5 min

Amantombazane amancane namaphupho ngosaziwayo

Ngakube kuhle yini entombazaneni esencane ukuba ithathwe ngosaziwayo abathile kwi-TV ? Undodakazi uyazifela ngabo useze wanameka izithombe zabo zagcwala ikamero lakhe lonke .Lokho okungenza ngiphatheke kabi ngoba angazi ukuthi inqubo yabo ixhumana kanjani nokuziphatha kwentombazane nowesifazane ngokwebhayibheli .Okudlulele ngukuthi angimfuni ukumbona elubekela empilweni naye ukuzokwangiwa yilama –Charmer avezwa kulabosaziwayo bamantombazane…
27 Apr 2020 6PM 5 min

Uguquguquko kwizimangaliso, kuphulukiswa kunye nokuphendulwa ngemikhuleko

Kungani uNkulunkulu ashaye esikhonkosini abuye ageje ngokwendlela aphendula ngayo ngokokunxusa kwethu lakhona sidinga umangaliso lwakhe ? Ngesikhathi ingane yami izalwe inenkinga enhliziyweni ,yayidinga ukuhlinzwa inhliziyo ngobuchule ,umthandazo wethu waphenduleka ngokumangalisayo.Kodwa ngesikhathi umnyeni wami yena kutholakale unomdlavuza ,isimo sakhe saqhubeka sidlanga ngelikhulu ishwa leli ,kwehlula siqhubeka simnxusela njengomndeni nabahlobo nebandla .Okwathatha…
26 Apr 2020 6PM 6 min

Ukusiza izingane zigweme uungena kwi-addiction yokusebenzisa amaphilisi aqeda izinhlungu

Ngingenze njani ukuqinisekisa izingane zami azibambeki kwizidakamizwa ? Kunesikhathi ngifunda ngokuthi kuqala kancane ngamaphilisi ezinhlungu enganeni kwesinye isikhathi.Kuyishwa ukuthi izidakamizwa zempela zitholakala kalula ngisho emagcekeni ezikole.Engifuna ukukwazi ngempela ngukuthi kungani intsha ifuna ukusebenzisa izidakamizwa .Nokuthi yiziphi izinyathelo engingazithatha ukuvikela ingane ukungena ezingozini zezidakamizwa?
23 Apr 2020 6PM 5 min

Unkulunkulu wethestamente elidala eqhathaniswa nowelisha

Kungani uNkulunkulu egcwele intukuthelo engaka kwiThestamente Elidala bese agcwale uthando kweLisha? Umngani wmai ongakholwa ungibuze lombuzo ukuze atshale imbewu yongabazane engqondweni yami .Ulethe impikiswano ethi ,indlela uNkulunkulu avezwe ngayo ezibhalwini akuyona emile futhi ebuye iziphikise yona ngesithombe sakhe.Lokho okungenze ngathi ukudla amathambo engqondo ngokuthe xaxa. Kukuphi okuvuna lomqondo ngokwebhayibheli?
22 Apr 2020 6PM 6 min

Ukusiza umndeni onengane edinga unakekelo olwehlukile

Yiziphi izindlela esingasiza ngayo umndeni onengane edinga unakekelo ukuze siwuthwalise ? Sinomnyeni wami ebandleni lethu sinomngani onengane engahambi kahle iyatengezela .Siyazi ukuthi lomndeni ubhekene nezinto eziningi kakhulu ,manje sifisa ukufaka isandla kuwona.Ukhona umqondo eningasipha wona ukwenza lokhu kangcono?
21 Apr 2020 6PM 5 min

Unkulunkulu nomuntu ngokokowesilisa nowesifazane-ubulili

Uma kungukuthi uNkulunkulu uqukethe ubulili bobubili kumbe uyibo bobubili – pho kungani abantu bengazikhetheli ubulili babo ngokuzithandela? Awuthi ngichaze engikushoyo . I-Focus On The Family ihlale ithi ukubuka kwayo ubulili ikusho ngokwezibhalo ezithi “ UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe .Manje akeningiqondise uma kungukuthi ngizwa ngandlebenye la ,lamagama “ ngomfanekiso” okubandakanya…
20 Apr 2020 6PM 6 min

Kusho ukuthini ukuthi -ukwenza konke ngokhrestu

Ngingenza konke ngoKhrestu” ngempela ? Ngaphandle kokuba nguMKhrestu oqinile ,ngisemusha ,ngigcwele umdlandla ,ngiyashisekela ngempilo .Okwenza ngibe nezinhlelo ezinkulu ,futhi ngifuna ukwenzela uNkulunkulu izinto ezinkulu . Uma ngikhuluma ,kuyangithokozisa lokho ,nabangani bami bayasho ukuthi hhayi nginamaphupho amakhulu impela. Uma ngicaphuna KwabaseFiliphu 4 :13 – “Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo” – baveze…
19 Apr 2020 6PM 5 min

Ukuhlukanisa phakathi kokufuna ukwazi kobungane ngokobulili

Njengomzali ngingabona kanjani ukuthi ingane ifuna ukwazi nje nokuthi kunini lakhona ubulili bayo seyijulile ngabo ngokungafanele? Izingane zami zisemnyakeni lakhona seziqale ukubuza imibuzo .Lokho akunankinga ngokwakho,kodwa futhi sezibuye zikhombise olunye uhlobo lwe-interest .Njengolunye usuku engabafica ,omunye edlala ukuba ngudokotela ,lokho okwabe kwethusana kakhulu,kithi sonke.
15 Apr 2020 6PM 6 min

Ubaba ukhungathekiswe yindodana efuna ukuzenzela izinto

Kungani undodana wami ehlale engafuni ngimfundise izinto ?Kusuka azalwa bengihlala ngisilindile lesikhathi lakhona ezobe esefundiseka ukwenza izinto zamadoda.Kodwa manje ngoba usemdala ngokwanele,akasafuni ngimfundise lutho.Mangithi ngiyazama ,uvese athi : “Baba khululeka ,ngiyakwazi ukuzenzela”. Akuyona ndlela le mina engabe ngicabange ukuthi ukuba ngu-baba kunjena .Ninazo izeluleko?
14 Apr 2020 6PM 4 min

Umama akankamunkamu ngenkonzo yekamelo

Ngakube likhona yini iphutha ukuthi ukungafuni ukwenza inkonzo ezikhathini eziningi njengokuba umnyeni ehlale yena eyilangazelela? Ngiye ngizame ukumhlangabeza ndlela zonke ,ngikwenze ngothando kunye nokuyibuka njengemfanelo,kodwa kukhona izikhathi lakhona ngehluleka ukuhambisana naye ngisho ngingazama kanjani engqondweni .Lokhu kusikhungathekisile sobabili.
13 Apr 2020 6PM 5 min

Owesifane ongena othandweni nendoda esikinatelwe zithombe zobunqunu

Ngakube ngiqhubeke yini nothando nensizwa esengithole ukuthi icwile ivele ngekhanda ezithombeni zobunqunu ezixakile ? Sisanda kungena othandweni nayo futhi amabombo abesezingxoxweni zomshado.Ngaphandle kwalokhu kuphela ,ungumuntu omuhle kakhulu kodwa ngiyazibuza ukuthi ekaze izithombe zakhe zobunqunu aziyilo yini uphawu lokungiphaphamisa.Nicabanga siqhubeke nohambo lwaluthando?
12 Apr 2020 6PM 5 min

Unkosikazi oshiya umsebenzi ukuze abheke ikhaya

Ninazo izeluleko mayelana nowesifazane obesesikhundleni esiphezulu kakhulu ,osebone kungcono asidele azoqhuba inkonzo yokuba ngumama ebantwaneni ? Unkosikazi usesonqenqemeni lokungena kulesosinyathelo .Singangena kusona kanjani ngendlela e-smooth? Sifike kulesinqumo sobabili emva kwamahora ngamahora sikhuleka ngaso ,sixoxa futhi,kodwa mina ngisenemibuzo nongabazane.Ngasizathu sinye ,esokuthi ngingaqiniseka kanjani ukuthi sizoba nezezimali zomndeni ezanele?
9 Apr 2020 6PM 4 min
812 – 832