Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
792 – 812

Ukubhekana nomamezala ohluphayo

Ngibhekane kanjani nomamezala wami ekungangikholweni kwakhe ukukhulisa izingane zami ,uvese angihahabeze phambi komyeni wami nezingane.Sekwenele manje! Ngenze njani?
2 Jun 2020 6PM 3 min

Ingane enenkinga yokuqamba amanga

Kodwa intombazane yami ngingayimisa kanjani amanga? Ngimbamba njalo esungula izinganenkwane ekhaya kodwa nguye futhi kimi ode ekhala ngokuthi izingane eskoleni azikholwa yilutho alushoyo.Ngakube unesipho sokusungula ingxoxo noma inkinga yamanga nje?
1 Jun 2020 6PM 3 min

-DELETED- Izeluleko Kuma-Teenager Noku Nokuxoxa Online

Uthini umbono wenu nge –teenager ezibandakanye ne –social network kunye ne –online chat rooms?Sengike ngafunda izinkulumo zamanye ama teen kuma –sites indodakazi yami efuna ukungena kuwona ,futhi abukeka engenabungozi .Nokho nginokusabela ukulahlekelwa ngukulawula ingane yami ,igcine iphethwe ngontaka bayo.Ngakube kumele ngikhathazeke?
31 May 2020 6PM 5 min

Ngakube ingcindezi iyisono

Umbuzo othi ngakube ingcindezi iyisono ,abaningi imvamisa bazibuza wona uma bebhekene nemizwa ebuhlungu enhlizyweni.
31 May 2020 6PM 5 min

Ukubuka ukugembula ngokwebhayibheli

Ngakube ngempela ibhayibheli lithi kubi ukugembula? Ngiyabona ukuthi nakho kunjengoku dansa nokudlala amakhadi –amakholwa aqinisa kakhulu, amelene nakho.nokho angikholwa kunezisekelo zezwi azisebenzisa ukumelana nakho mina engikubuka kuwumdlalo nje ongenabungozi.
28 May 2020 6PM 6 min

Hleze umkhwenyana ubishe ezithombeni zobunqunu

Ngenze njani uma ngikholwa ukuthi umkhwenyana wami ubuka izithombe zobunqunu ezixakile? Kanginabo ubufakazi obuqanda ikhanda kodwa nginazo izinsolo eziseka lokhukwesaba enginakho.Uvese abhoke ngolaka uma ngike nje ngathi ngakhuluma ngalesihloko athi ngidlala imicabango nje .Ningiluleka nithini?
27 May 2020 6PM 5 min

Ibhayibheli nocansi phambi komshado kunye nokuziphatha ngokozwecansi

Yikuphi ngempela la khona ibhayibheli lithi kuyicala ukulala ngaphandle komshado? Abazali bami bahlala bengiyala njalo ngokuthi izwi lisiyalela singayi ocansini phambi komshado.Manje ngoba sengikhulile sengikwazi ukuzicabangela ,sengiqala ukuyingabaza leyonto.Angikakaqondani nento ebhayibhelini evumelana nalombono wabo.Okwedlulele ukuthi angikatholi simo lakhona ibhayibheli likhuluma ngomshado wasesontweni! UIsaka no Rebheka abazange bashade esontweni.Bazihlanganela bazilalela kwaphela…
26 May 2020 6PM 5 min

Oshadile uthola imiyalezo ehuhanayo engokocansi

Ngibhekane kanjani nesimo lakhona uwakwami ethola imiyalezo ehuhanayo nengalungile kw- social media? Ngizithele kulokho ekhasini lakhe ,kusukela lapho ngikhathazekile.Ngenzenjani ngalesisimo?
25 May 2020 6PM 5 min

Ukusiza umfana ukuba abe yindoda

Mina nomyeni wami senze njani ukukhulisa indodana yethu ibe yindoda, uNkulunkulu afuna ibe yiyo?Kwesinye isikhathi ubukeka ekwesaba ukukhula ,nokuhambisana nakho ,sifuna aqunge isibindi .Kodwa futhi asifuni abe yibhubesi .Senze njani ukuletha i balance kulesisimo?
24 May 2020 6PM 5 min

Usizi ukungabikho kobulungiswa nothando lukaNkulunkulu

uma kuwukuthi uNkulunkulu unobulungiswa futhi unothando kungani pho kube nosizi olungaka emhlabeni?Ngifuna ukukhulwa ubuhle bakhe ,nokho ukungabi bikho kobulungiswa kulokhukuphila kungenza ngicabange noma ekhona kodwa akanake lutho.Kungekudala nje umakhelwane wami ,indoda enomoya omuhle ilahlekelwe ingane yayo engozini yemoto ,kumshayeli obezidakelwe.LoNkulunkulu uvume kanjani umshayeli oyisidakwa aphume engenamyocu ? Engikushoyo kuncane nje…
21 May 2020 6PM 5 min

AmaKhrestu nophuzo oludakayo

Lithini izwi ngokuthi qhabu? Ngibuziswa ukuthi sekuyanda emakholweni,kuyangena impela nje. Angazi noma ngizizwa kahle yini ngalesisimo ,yikho ngibuza izimvo zenu?
20 May 2020 6PM 3 min

Okweshumi nokunikela ngesikhathi unezikweletu

Singaqubeka yini sikhiphe okweshumi ebandleni lethu ngesikhathi sisanciphisa izikweletu?Sinomkhwenyana wami sibhekene nentaba yesikweletu esiqonge kakhulu emva kweminyaka.Singakumisa kancane ukunikela size sinelise esibakweletayo?
19 May 2020 6PM 3 min

Ucansi olunyamanye nocansi oluhlukumeza umqondo emshadweni

Uma kuwukuthi ucansi luyingxenye enamathele ebudlelwaneni obuphilile emshadweni-Ngakube lokho kuchazani emshadweni la khona ucansi seluwubuhlungu emqondweni wonkosikazi? Ngikulesosimo.Ziningi izizathu zalokhu ,kuzo asikho esithinta ukuhlukunyezwa phambilini kumbe ukuphatheka kabi ngokwenkonzo.Ingxenyana ingombuzo wezinhlungu nokungazizwa kahle ngokwenyama ,nokho inking ‘enkulu ucansi olunganabumsulwa umkhwenyana wami angifaka kulo . Kade wakinatelwa yi-pornography ngakho-ke uye afune…
18 May 2020 6PM 4 min

UKukhulelwa emva kuka 40 weminyaka

Ikuphi esingakulindela ngokukhulelwa usumdala? Siqeda kuthola ukuthi umkami ukhulelwe ,kanti useko 40.Sijabule nokho sinovalo.Sesivele sinabo abantwana abathathu sebengama teenager ,so ke asethesiwe ukukhulelwa.Kodwa ngakube kukhona yini okusemqoka okumele sikwazi ngokukhulelwa emva kuka 40?
17 May 2020 6PM 4 min

Unkosikazi ukhathazekile ngomkhwenyana ode eba nemihlangano ngasese nomqashi wesifazane

Umkhwenyana wami axhumane kanjani nomqashi wakhe wesifazane? Kancane kancane nje udinga ukuxoxa naye ngomsebenzi kodwa kube sesitha ,so uyaye abhukhe I lunch naye bobabili.Hhayi mina angiyizwa kahle lendaba kodwa yena akanankinga ngoba uthi esikhundleni akuso kuyinjwayelo.Hle hle mangase ngiveze ukukhathezeka kwami ngizomkhuba ngokomsebenzi wakhe.Nicabanga kanjani futhi enze njani?
13 May 2020 6PM 3 min

Ingcindezi nokuzibulala kwamabhungu namatshitshi

Sengizwe kaningi ngenkinga yabasha abazibulalayo .Ngakube loluchungechunge olukhombisa ukuba kwabo nengcindezi ,lungenza ibhungu lami nalo libe kulencuphe yokuzibulala na? Yibuphi ubudlelwane obuphakathi kwengcindezi nokuzibulala? Ngingayitholaphi indawo engasiza undodana wami?
12 May 2020 6PM 4 min

Ukugqugquzela izingane ukunyakazisa umzimba

Yikuphi esingakwenza umfana wethu angade egqolozelene ne TV kodwa simbone futhi esemnyango enyakazisa nomzimba.Sikhathazwa umphumela wezempilo azoba nawo mayehlala ehleli nje .Singamshukumbisa kanjani anyakanyakaze,maside simbelesela nje hhayi ukuthela amanzi emhlane wedada.Akhona amasu eningasipha wona?
11 May 2020 6PM 3 min

Ukugcina umuzwa wocansi useqophelweni emshadweni

Indoda ingazigcina kanjani isogqozini locansi nomkayo emumva kweminyaka bashada? Uthi UJesu osebuke owesifazane ngenkanuko ,usemphingile enhliziyweni [NgokukaMathewu 5:28],manje kimi akuwenzi umqondo ngoba ukulangazelela kocansi kuhlale kuyimfihlo yokuzwayo.Intokazi enhle engiyiqalayo nje ukuyazi ivese ingihlabe umxhwele .Ngakwelinye icala unkosikazi wami angabi namxhwele ngoba vele sengiyamazi. Kuyazenzakalela ngemvelo ,ngisizeni bazalwane ngenze njani ngoba…
10 May 2020 6PM 5 min

Ukuhlela isikhathi sokuqala ukuthola abantwana makuqedwa ukushadwa

Mhalmbe singake siqale sizinze emshadweni bese kuyila sithola abantwana? Sisebasha nje sisekuma 20 s.Umakoti wami yila eqeda izifundo zakhe nami ngisasungula kahle ibhizinisi lami.Sisatatazela ,anginaso isiqiniseko sengikulungele ukuba wubaba.Kukhona umqondo eninawo osivuna ukuqala umndeni mase sizinzile
7 May 2020 6PM 4 min
792 – 812