Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
932 – 952

Ukuphumelela ukubhalansisa Inqubo yempilo

Ngingashenxisa kanjani ama schedule ami ukuze ngithole ukulingana okunempilo phakathi kwesikhathi engisisebenzisa emsebenzini nengisifaka kwizinto zempilo jikelelele ? Impela sengizame kaningi ukukwenza lokhu ,kodwa kubukeka kuba khona okumpintshekayo ,ngisho ngingenza kanjani.Nangale kwalokho angikaze ngihlangane nosekwaze ukukuhlanganisa konke kuthule kuthi tu.Inqubo yokuphila ebhalansile ,enjani ngokombono wenu ? Ngingaba kanjani nalolohlobo lwempilo?
21 Nov 2019 5PM 5 min

UMKhrestu onongabazane olujulile ngensindiso Kwakhe

Ngingazi kanjani ukuthi ngisindisiwe ,uma ngizizwa sengathi angisindisiwe? Ngiyazi baningi abantu abathwala kanzima ngongabazane ,ngalokhu –yinkinga le esengibe nayo impilo yami yonke yoBuKhrestu.Sengikhulume kubafundisi abaningi eminyakeni edlule ,bonke bangitshele into eyodwa.Babethi uma ngamcela uNkulunkulu ukungisindisa ,ngakho ngisindisiwe.Ngiyazi futhi ukuthi lithini ibhayibheli ngalokhu ukuthi Yena uyakusisindisa uma simbiza.Kodwa lololwazi alusizi zikhathi…
20 Nov 2019 5PM 5 min

Ukuzilungisela umshado useskhungweni semfundo ephakeme

Ngakube mina osengumfundi wemfundo ephakeme ngizilungisela kanjani ukuba ngunkosikazi nomama?Ngingowesifazane osingle oko 20 nengxenye,osezophothula idegree kwi –litereture e University.Nanxa ngizithokozela izifundo zami ,futhi ngizibuka ubumqoka bazo ekungicijeleni ubuthishela ,kodwa kunomuzwa kimi othi konke lokhu kuyoba okulandela ngemumva :intshisekelo nomthandazo wenhliziyo yami ,ukuthi uNkulunkulu angiphe indoda eyoba ngumkhwenyana wami emesabayo uNkulunkulu.Kodwa…
19 Nov 2019 5PM 5 min

Ukuthemba uNkulunkulu ezikhathini ezinzima

Ngingabambelela kanjani okholweni lwami kuNkulunkulu ngezikhathi lakhona izinto ziphambana? NjengoMKhrestu ngiyazi ukuthi ngimelwe ukubonga ezikhathini zonke bese ngibheka eNkosini ngezidingo zami zezinsuku zonke .Nokho ngibe sesimweni esingicekele phansi onyakeni owedlule.Ngingabonga kanjani ,futhi ngethembe uNkulunkulu ezikhathini ezinjalo na?
17 Nov 2019 5PM 5 min

Ukusiza umngani ososizini lokulila

Ninakho enikuphakamisa ukuba nginganelela kanjani kosozini lokushonelwa nguwakwakhe? Umngani wethu othandekayo usanda kushonelwa ngumkhwenyana wakhe.Singaba yinsika kuye kanjani kulesikhathi sokulahlekelwa?
14 Nov 2019 5PM 5 min

Ukusiza ingane ehlukunyuzwa ngokocansi lokuhlotshongwa

Ngingaluphatha kanjani udaba lokutholakala ukuthi elinye ilunga lozalo lomndeni womngani wami luphoqa ingane yakhe ukuyihlobonga ngocansi ? Angifuni ukungena ezindabeni zabanye abantu ,kodwa ngoba manje sengithole lolulwazi ngizizwa kumele kube nengikwenzayo.Kukhona enikuphakamisayo?
13 Nov 2019 5PM 5 min

Ukuhlakulela ubundawonye bomndeni

Ngakube kusemqoka ngempela ukuba imindeni ibe nesikhathi ndawonye?Njengomuntu wonke ,ngiye ngizizwe sengathi anginaso isikhathi esanele nsukuzonke.Khona manjalo sengifunde ama-articles amaningi ngokokuthi yikuphi okungcono phakathi kwe –qauility ne quantity family time.Wonke umuntu ekhaya uhlale empintshekile ngesikhathi,kwesinye isikhathi ngiye ngizithole ngimangala:ukuthi empeleni sisemqoka kangakanani isikhathi nomndeni ,lakhona usuke uxinwe ukusebenzela ukuba kuphilwe?…
12 Nov 2019 5PM 5 min

Ukubeka eqhulwini nokuhlela isidlo somndeni ekhaya elimatasa

Umndeni wethu ungadla kanjani ndawonye nanxa umatasa? Ngiyafuna ngempela ukufeza lempokophelo ,kodwa sibhekene nezingqinamba eziningi ,futhi ngiyesaba nokusaba.Ama-schedule ahlale egcwele ,sekuyinqubo yethu ekhaya neyami nayo iyanyinyitheka.Esikhathini engiphuma ngaso emsebenzini kusuke sekuyukuyojama kwi traffic ,ekhaya ngifike ngo 6: 00 sekukusihlwa vese.Ngalesosikhathi ngiyazi ukuthi mangase ngimoshe isikhathi eside ngenza izidlo ezihlabahlosi ,ngingathi…
11 Nov 2019 5PM 5 min

Ngakube ngicwile ezinkambeni?

Ningangisiza ukuqonda ukuthi ngakube nginenkinga enzulu ngophuzo? Nasi isimo sami .Ngingumama wezingane ezintathu ezisencane ohlale egijima.Emva kwesikole ngiyazilanda bese ngiya emakethe,ukucosha okuthile ngokushesha zingaze izingane zikhathale.Bese sigijimela ekhaya ,yimi lowaya sengigwaqazisa amabhodwe akusihlwa ,khona lapho futhi ngimatasa ngizisiza nge homework .Ekubuyeni komnyeni wami emsebenzini ngiye ngithi qhabu iwayini ukuzolisa inqondo.Kodwa…
10 Nov 2019 5PM 4 min

Izisekelo zebhayibheli ngokunikelela abampofu

Lithini ibhayibheli ngenhlupheko nokunikelela abampofu? Ngifuna ukukuqonda ngobuNkulunkulu lokhu,kodwa nje eqinisweni kimi njengomzalwane osemusha eNkosini ngibe nokudideka ngeminye imibono ngeminikelo engizwe ngayo.Ngakuba nibuka lesisenzo njengesinye esimqoka empilweni yobuKhrestu?
7 Nov 2019 5PM 4 min

Ingcindezi nokuzibulala: Izimpawu nezexwayisayo

“Sengizwe kaningi ngenkinga yabasha abazibulalayo .Ngakube loluchungechunge olukhombisa ukuba kwabo nengcindezi ,lungenza ibhungu lami nalo libe kulencuphe yokuzibulala na? Yibuphi ubudlelwane obuphakathi kwengcindezi nokuzibulala? Ngingayitholaphi indawo engasiza undodana wami?”
6 Nov 2019 5PM 5 min

Ingane esikhulile ithwele kanzima ngezothando oluseceleni lomzali nomlingani wakhe

Abazali bami basanda kuhlukanisa ngoba uMawami wayephinga .Kusuka lapho usehlala nalomlisa futhi bahlela ukushadana kungekudala .mina nomnyeni wami siphila eceleni,futhi sekwenze kwanzima ukubhekana nakho konke lokhu .UMawami ungidinelwe ukungemukeli leli soka lakhe ngezandla ezifudumele .Usabisa nokungasaphinda ahlanganyele nathi uma sinemcimbi yomndeni ,kodwa eqinisweni ngempela ,angimfuni lomlisa wakhe .Ngicabanga nginobunzima ukusebenza…
5 Nov 2019 5PM 5 min

Indodakazi ayimhloniphi umkhwenyana wayo

Ngenze njani ngengane esikhulile ephatha kabi umkhwenyana wayo? Indodakazi yethu igane indoda enomoya omuhle kabi .Kodwa indodakazi yethu iyehluleka ukubonga lobubuhle ,imphatha kabi umkhwenyana ayimhloniphi .Kungiphatha kabi ukuyibona iqhubeka ikwenza konke lokhu phambi kwethu,izingane nabangani .Mina ngifuna ukukhuluma nendodakazi yethu kodwa ubaba wakwami yena ubona sengathi ngizobe sengeqa umngcele.Wonke umndeni…
3 Nov 2019 5PM 4 min

I-adoption nokwelapha i-Sensory Processing Disorder

Luhloboluni lwemithi ekhona kumbe izelapho ezinganeni ezithwele kanzima nge Sensory Processing Disorder? Sinomfana oyi-foster kithi onesemumva lakhe labe linokuhlukunyezwa okukhulu .Emva kokuba sesihlale phansi nabezempilo sithole ukuthi izinkinga zakhe eziningi ,zilele kwisemumva lakhe futhi zingalashwa ngokwemizwa yengqondo.
31 Oct 2019 6PM 6 min

Ogogo nomkhulu bakhathazeke ngesimo sezempilo ekhaya labazukulu

Ngakube kusesigabeni sami yini ukungenelela uma ngibona ukuthi isimo sempilo asiphephile asinampilo emzini womtanami kubazukulu? Ngiyamthanda undodana wami nomakoti kodwa ngibona sengathi ikhaya labo alinampilo enhle kumzukulu wami oyintombazane onezinyanga ezingu 10.Phansi endlini kungcolile kunolwelwezi olubi lokudla okwasalela ku khaphethe namanabukeni uwafica ebekwe yonke indawo.Ukuvimbela lendodakazi yabo ,bayigcina isemotweni yayo…
30 Oct 2019 6PM 5 min

Ukugconana emndenini

Ngakube akukuhle ukugconana nokungcofa amanye amalunga omndeni? Sihlala njalo sikuthokozela ukuhleka ndawonye emndenini wethu ,lokho kwesinye isikhathi okubandakanya lokhu abakubiza ngokungcofana.Abanye abangani bethu basixwayise ngokuthi kungenzeka ngalesi senzo sizithole sifukamela amaqanda ebululu ,bube busheshelezi ubudlelwane bethu.Nicabanga ikhona inkinga ngaloluhlobo lokuntela?
29 Oct 2019 6PM 4 min

Ukuziphatha kabi ngocansi nokusondela ngokwenyama phambi komshado

Uma sekuziwa ekusondalaneni ngokomzimba phambi komshado ,yikuphi la okungamele ngifike khona? Mina nesithembisana naye sithwele kanzima kulengxenye futhi asazi siwudwebe kuphi umugqa.Ningasiza ukucacisa ukuti lisuke liqonde ukuthini ibhayibheli ‘ngokungaziphathi kahle ngokocansi?
28 Oct 2019 6PM 4 min

Ukusondela kolahlekelwe ngothandiweyo wakhe ngokuzibulala

Ngingayenza kanjani inkonzo enhlizyweni kumuntu olahlekelwe yilunga lomndeni ngokuzibulala? Indodana yomngani wami engimkhonzile izibulele ,ngikhungathekile ukuba ngingathini kuye kumbe ngenzeni.Ningangipha usizo?
27 Oct 2019 6PM 5 min
932 – 952