Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
132 – 152

Ukuhuhwa ngubulili-bunye kunye nobuqobo bengasese (Part 2 of 2)

Ngakube kuchaza ukuthi ngiyinkonkoni uma ngihuhwa ngubulili bunye ? Sekube nezigaba lakhona nginenjula mizwa ngomuntu wobulili bunye.Kaninganyana ngize ngiluthekele ukuzihuqa kuye.Ngikhungathekile futhi angazi ngiwuthini lomcabango .Ningangisiza?
27 Dec 2022 5PM 4 min

Ukuhuhwa ngubulili-bunye kunye nobuqobo bengasese (Part 1 of 2)

Ngakube kuchaza ukuthi ngiyinkonkoni uma ngihuhwa ngubulili bunye ? Sekube nezigaba lakhona nginenjula -mizwa ngomuntu wobulili bunye.Kaninganyana ngize ngiluthekele ukuzihuqa kuye.Ngikhungathekile futhi angazi ngiwuthini lomcabango .Ningangisiza?
26 Dec 2022 5PM 6 min

Ukuhlola Izifo Zocansi Kongathembekile Emshadweni

Ngakube uwakwakho oseke waphinga ahlolelwe izifo ezithathelana ngocansi ? Umkhwenyana wami phambilini ,ukunqamulile ukuphinga kwakhe ,kumanje sisemsebenzini wokubuyisana .Sisagxoba amalahle njengamanje ,futhi kangifuni ukwenza sengathi ngide ngimhilela ngezinto okungathi angimthethelele.Khona manjalo futhi angikholwa ukuthi okungikhathazayo kuyinto yokuzitshwa .Ngenzenjani?
25 Dec 2022 5PM 5 min

Ukuzilungiselela Ikhaya Eligengqezayo

Yikuphi esidinga ukukwenza ukulungiselela ukuhamba kwengane yethu engumagcina? Ekupheleni kwalonyaka uyasishiya useyoqala izifundo eziphakeme zakhe ,bese thina sisale sodwa layikhaya .Sengike ngezwa ukuthi abashadikazi abasezingeni lethu babhekana nengcindezi futhi bagcine abanye sebehlukanisa.Singazilungisela kanjani loluguquko futhi sigweme nezikhisi esingaphonseka kuzo?
22 Dec 2022 5PM 5 min

Abazali abakhathazekile ngentombazane ekhonze imidlalo yabafana

Ngakube kumele ngikhathazeke ukuthi indodakazi hleze ayizazi ubulili bayo ngoba ithanda ukugqoka njengomfana ,ikhonze nokudlala ibhola noyise ? Emva kokubuka uhlelo lukamabonakude ngalesihloko ,kungenze ngazibuza kunokwenzeka yini kukhona okunye okungale kulokhuthanda izinto zabafana kwayo .Nicabanga idinga ululeko?
21 Dec 2022 5PM 5 min

Umkhwenyana olulama okikanetelweni lwe-Porn ,akasemashushu ngenkonzo

Kuyinjwayelo yini ukuba umkhwenyana okade ezicwilise ezithombeni zobunqunu ,qede angabe esaba nolangazelelo oluseduze emshadweni? Mina nomnyeni wami sekuphele izinyanga eziwu 8 singayi enkonzweni yekamero.Uyazi ngiyalangazelela ukuba kuyona ,kodwa yena useyisibhocobhoco kuyona.Ngisola kuthinta udaba lobudlelwano abe nabo online ,kanjalo nange porn nokho usesohambweni lokulapheka kuyona.Ngizizwa ngingolahliwe .Ngingasiguqula kanjani lesisimo?
20 Dec 2022 5PM 5 min

Ukugudluza Ingcindezi Yokuqeqesha ingane isigcozi

Ngakube ukufundisa ingane isigcozi kuyinto ehlale inzima neyinselelo? Sinesikhathi sizama ukuqeqesha undodana wethu kusukela aba neminyaka ewu 2.Kuze kube manje sisahluleka ukuwina lokho okwenyuse ingcindezi ekhaya ngamalengiso.Emva kwezinyanga ezimbalwa sisahluleka namanje .Ngakube lokhu kujwayelekile?
19 Dec 2022 5PM 4 min

Imicabango Ngomama Abasebenzayo

Ninalo ukhuthazo ngomama abaqashwe ngaphandle kwekhaya ? Ngiyazi ukuthi iFocus On The Family izipha isikhathi ukugqugquzela omama abahlala ekhaya eqhazeni labo ,kodwa ngiyazibuza kazi ninalo na usizo kulabo bethu okubiza betshathe izikhwama njalo ekuseni beya emsebenzini ukuze izindleko zekhaya zifezeke.
18 Dec 2022 5PM 5 min

Ukugwema Ukuqondisa ingane kuze kweqe

Uma sekuziwa ekuqondiseni izgwegwe ingane kumele abazali baqonde ngokucacile, izindlela ezifanele nezinhloso zokuqondisa ingane.Ukuqondisa ingane kuwukuyifundisa, yingakho ukuqina kwesandla kweqe kungenazithelo, nanxa kungalula futhi ukuwela kunoxhaka lakhona ingane ingafuni ngabomu ukulalela.
15 Dec 2022 5PM 5 min

Uyalelo lwebhayibheli olungokunikela kunye nokulindelwe KuMaKhrestu

Umyalelo wokunikela nokulindeleke kuMaKhrestu, kungatolikwa ngendlela engesiyo kwesinye isikhathi kumbe kungagqizwa qakala, lakhona aMaKhrestu esimanje ekholelwa wukuthi imithetho eyabekwa nguMose seyishanelwe nguKhrestu, qede wasishiya nemithetho emibili kuphela ukuphila ngayo. Umqondo wokukhipha okweshumi ubukeka ungasenandayo ,futhi AMaKhrestu amaningi aye aphike ubumqoka bakho kulezinsuku. Ngokuhlaba umxhwele ukuthi iThestamente elisha linokuningi elikusho ngokunikela,…
14 Dec 2022 5PM 4 min

Ukubuka kwe Bhayibheli ubungqingili Nokuganana Kwabobulili bunye

Njenge ministry, siyi Focus On The Family akusiyo inhloso yethi ukukhuluma ngesimo kwizihloko ezinokuphikisana zoBuKhrestu ,nokho ,nxa sibuzwe umbuzo ngokubuka kwethu odabeni olusuke ludidana ,sokwenza okusemandleni ukuletha wonke amasu nocaciso kwesikholelwa ukuthi ibhayibheli likucacisa lithini
13 Dec 2022 5PM 5 min

Wenze njani ngamahora amade emsebenzini

Ukusungula ibalansi ngomndeni nomsebenzi kuyinto enzima. Uma sifaka wonke umqondo wethu emsebenzini yethu, umndeni ngapha uyalimala, manje futhi sidinga ukwenza imali eyanele ukunakekela yona imindeni yethu.
12 Dec 2022 5PM 5 min

Ingxenye Yokomoya Yokungadli Ngendlela

Akekho noyedwa umuntu la kwamhlaba ongabhekene nenselelo thizeni. Indlela esibuka ngayo lezinselelo ngokoBuKhrestu mhlampe yikho kanye okugcina kusihlukanisa emabandleni.UNkulunkulu unamathele kuzo zonke izinhla zokuphila kwethu, kuze kube ngukuthi kunzima ukumbeka eceleni.
11 Dec 2022 5PM 4 min

Uwakwakho Ubhema Igudu

Nicabanga akulungile ukuba umnyeni abheme insangu? Useneminyaka eyisebenzisa kusuka sashada ,unendlela yakhe yokuyibhema eyenza ngingaboni iyinkinga nokuthi abantu abaningi bathi ayinalo ukinatelo [addiction].Kodwa manje usedlebelendile ekuyisebenziseni ngisho naphambi kwezingane umthola eseyiphafuza.Okwenza ngiqale ukungabaza manje.Nicabanga sekuludaba olubucayi lolu ? Nokuthi ngenze njani?
8 Dec 2022 5PM 4 min

Izimpawu Zokukinatelwa Ngama –video Nama-computer Game

Ngingazi kanjani ukuthi senginenkinga enqala ngama electronic nama –online games? Ngingavuma ngikukhonzile ukudlala .Mangiphuma emsebenzini njalo ntambama ngiya kuma electronic games ami .Yindlela yami yokuphumuza ingqondo emva kosuku belusinda.Inkinga ekhona eyodwa ngukuthi ngishadile ,ngingubaba ,manje unkosikazi wami useqala ukukhalaza .Wangitshela ngolunye usuku ukuthi sengikinatelwe ama-game.Iyenzeka into enjalo kodwa?
7 Dec 2022 5PM 5 min

Ukushiya Umsebenzi Uzoba NguMama Onakekela Ikhaya

Ninakho eningakuphakamisa ngomama ofuna ukushiya i-career yakhe obeyenza full time oseyohlala nezingane zakhe? Yikuphi engingakwenza ukuqiniseka lezingunquko ngizenza kamtoti emndenini ?
6 Dec 2022 5PM 4 min

Amahlaya Anobuhle Emndenini

Singathokozela kanjani ingxenye yempilo yokulula ingqondo ekhaya ngamahlaya amahle aswabukilisayo ? Iningi labangani bethu lithola ukuswabuluka ngokuhleka ezintweni engizithola zingezinhle.Ningaphakamisa amahlaya ahlanzekile emndenini ?
5 Dec 2022 5PM 4 min

Izithwele intombi ,ukushada njengesisombululo

Ukushelelela ekukhuleliswaneni kungayingozi othandweni olungenazinqumo. Kusuke sekuyisimo esiphuthumayo esidinga ukunakwa ngokushesha. Ngakube ukujombela emshadweni ngokushesha kuyisisombululo?
4 Dec 2022 5PM 4 min

Ukumbula ukuphinga kunkosikazi wendoda ebingazi ngomnyeni wayo

Iyiphi indlela engcono ukwembula uthando lwangasese emva kokuthi uwakwakho sewazihlanza kulolodaba kodwa inkinga kube ngukuthi umkhwenyana kumbe unkosikazi wendoda engumenzi akazi ? Unkosikazi wami nenye indoda ebandleni babe sebudlelwaneni iminyaka engaphezu kwengu 4 ,ngize ngathola ezinyangeni eziwu 3sekwenzeka .Unkosikazi sewabunqamula lobobudlelwano futhi sase siyokhonza kwelinye ibandla .Sisalungisa lezi londa ezibhibhayo…
1 Dec 2022 5PM 4 min

Ubuzali enganeni esikhulile kube kukhona ezisencane

Singaba ngumzali kanjani wengane endala kube kunezinye ezisencane ekhaya ezimbili? Zintathu sezizonke izingane zethu : umfana nentombazana esise- high school ,nendodana esiphakathi ko 20.Lo omdala izinto azimhambelanga kahle ukuyobheka impilo osekumphoqe abuye ekhaya okwesikhashana.Siyabona usemdala futhi kumele simlawule ngokwehlukile ngokwemithetho ,nokho sisabela umthelela engenzeka kulaba abancane .Zikhona iziluleko eningangipha zona…
30 Nov 2022 5PM 4 min
132 – 152