Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
152 – 172

Ukubhekana nesibhocobhoco sokungasebenzi

Uma kukhona into ecoba umoya womuntu-wukungasebenzi nomuzwa wokwazi ukuthi kawukwazi ukondla umndeni wakho. Nkashana indoda ilahlekelwa ngumsebenzi izizwa iphelelwe yisidima sayo.
29 Nov 2022 5PM 5 min

Ngisehluleka ukulala nowakwami mbhedemunye emva kokuthi wayengathembekanga

Ngakube ukuthi ngisehluleka ukulala nomnyeni wami mbhede munye ,emva kokuthi ngathola wayekade eneshende ,kuchaza ukuthi angikamthetheleli ? Ezinyangeni ezimbalwa ngisanda kuthola ukuthi usethandane nomunye wesifazane ngokungaphezu kweminyaka ewu 4.Ubuhlungu ngalokho akwenza ,futhi usebunqamulile ubudlelwane babo ,kodwa ngezizathu thizeni ngikuthola kunzima ukusondela kuye.Lokho kumdida ingqondo aze athi kushukuthi angikamthetheleli.Uze athi kungcono…
27 Nov 2022 5PM 4 min

Izimpawu Zokukinatelwa Ngama - video nama-computer Game

Ngingazi kanjani ukuthi senginenkinga enqala ngama electronic nama –online games? Ngingavuma ngikukhonzile ukudlala .Mangiphuma emsebenzini njalo ntambama ngiya kuma electronic games ami .Yindlela yami yokuphumuza ingqondo emva kosuku belusinda.Inkinga ekhona eyodwa ngukuthi ngishadile ,ngingubaba ,manje unkosikazi wami useqala ukukhalaza .Wangitshela ngolunye usuku ukuthi sengikinatelwe ama-game.Iyenzeka into enjalo kodwa?
24 Nov 2022 5PM 4 min

Ingane Ekhetha Ukudla

Singenza kanjani ukuthi umaqhenyane wengane yethu ena -4 idle konke esiyinika khona? Ukukhetha kwakhe ukudla sekusinyusela ushukela phela manje.Kaningi simnqabela ama kip kip kodwa siyabona ngesidlo santambama uwazungeza yonke indawo.Mina ngibona lokhu kukhetha kwakhe kuluphawu lokungalaleli kodwa uyise yena usaba ukuthi uma sikwenza kuba ludaba kuzokwenza angadli kakhulu kunakuqala.Senzenjani ?
23 Nov 2022 5PM 4 min

Usizo koGogo Abakhulisa Abazukulu

Ninalo ululeko kugogo nomkhulu ababhekene nokukhulisa umzukulu wabo ? Abazukulu bethu ababili bahlala nathi futhi cishe kuzoba ngeside isikhathi .Singabenza kanjani bezizwe besekhaya elifudumele ngaphandle kokukhathala kwengqondo kithi?
22 Nov 2022 5PM 4 min

Imi kuphi i-Focus on the Family ngomshado nesahlukaniso

Abaningi abakholwayo nabangakholwayo babuza umbuzo omkhulu othi : Kungani kumele ushade? Ikuphi nje ngempela inkinga ngesahlukaniso nokuthi kungani kumele uthembeke kumuntu oyedwa impilo yakho yonke? I-Focus on the Family ihlale njalo ivikela umshado nsukuzasa
21 Nov 2022 5PM 5 min

Izinsika zezibhalo zokuvikela ukuphila koluntu

Kukuphi lakhona ibhayibheli likhuluma ‘ngobungcwele bempilo yoluntu”? Ngiyezwa nje leligama selivelele ,ngokuqhubeka ngilizwa ,yila khona nencazo yalo ngingayitholi .Umzekelo omuhle ,yila khona ngihlale ngizwa ebandleni,emisakazweni nezinhlangano ezilwela ukuphila zisebenzisa leligama.Nanxa kunjalo kodwa angiziboni sengiliqonda kahle nokuthi liqhamuke kanjani .Ikhona insika yebhayibheli engalomqondo?
20 Nov 2022 5PM 5 min

Ukulungisela ukukhishwa ejele kowakwakho

Ninazo iziluleko zowesifazane omkhwenyana wakhe usezophuma ejele?Umnyeni wami ubetoke iminyaka emithathu,usezobuya ngenyanga ezayo.Ngilangazelele ukubuya kwakhe ,ngibe sebudlwaneni obumnandi isibili naye ,kodwa khona lapho futhi ngizizwa nginovalo.Angikwazi ngqo ngqo engingakulindela.Ningangisiza?
17 Nov 2022 5PM 4 min

Ubuzali enganeni esikhulile kube kukhona ezisencane

Singaba ngumzali kanjani wengane endala kube kunezinye ezisencane ekhaya ezimbili? Zintathu sezizonke izingane zethu : umfana nentombazana esise- high school ,nendodana esiphakathi ko 20.Lo omdala izinto azimhambelanga kahle ukuyobheka impilo osekumphoqe abuye ekhaya okwesikhashana.Siyabona usemdala futhi kumele simlawule ngokwehlukile ngokwemithetho ,nokho sisabela umthelela engenzeka kulaba abancane .Zikhona iziluleko eningangipha zona…
16 Nov 2022 5PM 3 min

Ukwehliswa isithunzi uwakwakho

Ngenze njani uma uwakwami ekhuluma okungeyikho kumbe okungiphoxayo emndenini noma kubangani? Angicabangi usuke ekuqondile kodwa mina kugcina kungehlisa isithunzi.Sekuyiminyaka yenzeka lento.Ekuqaleni ngangiye ngimlinde size sibe sobabili bese ngigonyuluke kuye.Manje sekuvese kwadlanga futhi sengibona kungcono ngivese ngingasalindi manje kodwa ngimdumele khona esidlangalaleni ze ngivikele isithunzi sami.Yikuphi eningakusho?
15 Nov 2022 5PM 4 min

Iminmgcele emshadweni evikela ukusiza owobunye ubulili

Angeke walokotha ukuthathe kancane ukuklama umngcele emshadweni wakho. Ubudlelwano emishadweni eminingi sebube nduvunduvu ngenxa yokungakali imingcele ecacile, yagcina ingena esonweni. Ngakube indoda eshadile ingasiza owesifazane oshadile ngezinkinga zakhe zomshado bebobabili?
14 Nov 2022 5PM 4 min

Ukubhekana nobungane bokunganaki

‘Ngingamqondisa kanjani umfanawami onkambo ikhombisa ukungakhuli ngengqondo ? Hhayi ngoba engezwa kodwa ubudedengu nje.Isibonelo nje akazibeki izinto zakhe ,uvese ashiye ibhola lakhe la lingantshontshwa kalula khona,ashiye kanjalo izicathulo namathoyizi.Kwenziwanjani ?
13 Nov 2022 5PM 2 min

Uwakwami uhlukumeza izingane ngokomzimba

Umnyeni wami akakaze abe ngonodlame kimi ,nokho kuluduba oluhlukile ngamalengiso mase kuziwa kubantwana bami .Uvama njalo ukubabhaxa,futhi useke wabalimaza kaninganyana .Ngifuna ukuvikela ,nokho ngiyesaba ukuthi lokho uzokuthatha kanjani uma ngimphonsela inselelo .Yikuphi okumele ngikwenze ?
10 Nov 2022 5PM 4 min

Ukuphila nowakwakho onengcindezi yehaba-kucabanga

Ninazo iziluleko kophila nowakwakhe ogcine eseqhoqhobelwe imidanti engenasidingo ? Kimi sekuyacaca ungenwe wukucabanga ngobuhaba.Uhlala njalo exwayile ekhathazekile .Akalali engabhekaka isicabha kashumi .Ngihola kahle ,kodwa uhlala ekhala ngokuthi wesaba kungenzeka sihlulwe zindleko suku lumbe Sekuqala ukungisanganisa lokhu ,kukhona enikuphakamisayo ?
9 Nov 2022 5PM 3 min

Uwushiya kanjani umsebenzi e –office bese ube ngosemndenini

Izimfuno zemsebenzi edla isikhathi kanye nesindayo zinkulu, bese kuphenduka inselelo ukuthola isikhathi sakho nomndeni okuyinto esemqoka Esikhathini sethu esigijimayo, nala khona i-technology isigcina simatasa nangeminwe yethu sihlala sikwezokuxhumana, kubiza ukukuqonda ngqo ukwenza isikhathi nomndeni ikakhulukazi la khona ukudinga.
8 Nov 2022 5PM 4 min

UMusa ,umthetho ,nokukhuluma iQiniso ngothando

Ngingama kanjani eqinisweni likaNkulunkulu kodwa ngingabi ngowahlulelayo ? Ngingumuntu okhulumayo ngokholo lwakhe ,okugcina kwenza abantu bangiphonsele inselelo .AmaKhrestu amaningi kulezinsuku azi ukuthi ungaba likholwa wenze nantoni oyicabangayo bese uyasindiswa ngomusa nesihawu seNkosi.Banomqondo wokuthi umhlatshelo onguKhrestu unamandla phezu komthetho okuphetha ngokuthi uNkulunkulu angabi nandaba nobuqotho bokuziphatha .Lokhu kuvamisa ukuba yilomqondo ikakhulukazi…
7 Nov 2022 5PM 4 min

Ukuhlonza izimpawu zokugxila ophuzweni kothandiweyo wakho

Yiziphi izimpawu zokugxila ophuzweni ? Ngikhathazekile ngomkhwenyana wami kodwa angazi noma nginesiqiniseko sokuthi kukhona akwenzayo ngophuzo.Uma ehleli nabangani bakhe bebuka ibhola kwi TV kusuke kuphuzwa utshwala.Nanxa kungenzeki njalo.Kahle hle ngenye yezindlela azivikela ngayo uthi uphuza makungama -weekend noma kune- game .Uthi yisikhathi nje sokuzijabulisa nabangane bakhe ,engekho emsebenzini epholisa ingqondo…
6 Nov 2022 5PM 4 min

Ucansi kwezokuxhumana ,ukuthandana online,ukuphinga Nesehlukaniso

Ngokwamagama kaJesu awasho ku Mathewu 5:27 -30 ,kwehluka kanjani ukuphinga ngokubuka nokuphinga kwempela ? Uma kungenamehluko ,ngakube ukungena komnyeni wami kwezocansi online kunginika amava okuthi ngingahlukanisa naye? Ngisanda kuthola ukuthi usebudlelwaneni obuqhubekayo nge- internet .Uthi yena akukho kuphinga ngaloluhlobo lwalesisenzo .Ngokwakhe ngenye yezindlela nje yokuzidlalela umdlalo wezocansi emoyeni.Mina angivumi sanhlobo…
3 Nov 2022 6PM 5 min

Izingungquko ezenzeka ekungeneni ekuthombeni nasebubhungwini

Ningasitshela ukuthi zinguquko zini esingazilindela ngenkathi ingane yethu ingena ebubhungwini –nokuthi sibhekane kanjani nakho ? Siqeda kubona ukuba yiyona nselelelo le kundodana wethu. Futhi ngibona sengathi mina noyise kuzomele sithwale umthwalo othe xaxa ngesikhathi sesibhekisisa loluguquko angena kulo.Kukhona eninakho okuphathekayo kokwehlisa lesivunguvungu ?
2 Nov 2022 6PM 4 min
152 – 172