Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
172 – 192

Umsebenzi owufundele ubizo nomsebenzi unguMKhrestu

Ngingalwazi kanjani ubizo luka Nkulunkulu empilweni yami ? Kuyiminyaka ngisebenza emsebenzini onzima nongahlabi mxhwele .Akukho ntokozo nakuneliseka ongilethele khona ngaphandle kokuthi usigcina sinesinkwa etafuleni siwumndeni .Ngokwami ukubuka yikho okuseqhulwini elikhulu lokho.Khona manjalo ngiye ngizwe abashumayeli bethi uNkulunkulu unobizo oluqondene nawe nokuthi lolobizo lubandakanya nomsebenzi wami .Ngokwami ukubuka leyonkulumo ayimile ngezwi…
1 Nov 2022 6PM 4 min

Ozoba ngumkhwenyana useke waba socansini phambi komshado

Njengozoba ngumakoti ngingalinqoba kanjani isemumva lami lokuphoxeka engibhekene nako njengamanje kokuthi lensizwa engizoshada nayo ayiseyona insizwa nsi!?Angimbambele lutho.Kahle hle ngizizwa nginecala ukuba nalemizwa ,ngoba phela ungumzalwane ozinikele eNkosini,omnene nonobubele ,nendoda enkambo eqotho.Khona manjalo ,ngiyehlulwa ukuzibamba ukuthi ukukhathazeka ukuthi lokhu kunganogcobho emshadweni wethu nokuthi sixhumana kanjani njengonkosikazi nendoda.Akulaleki ebusuku ngizibuza ukuthi…
31 Oct 2022 6PM 4 min

Ake uyozicinga njengendlela yokuqondisa izigwegwe

‘Ukuyozicinga kwengane kunamandla kangakanani? Usana lwethu seluthe klwi manje angazi ukuthi yiluphi uhlobo lokuqondisa oluhambisana nesigaba sokukhula.Abahlobo bami bona bakhonze kakhulu ukuthi ingane ‘ake iyozicinga ‘.Anginaso isiqiniseko ukuthi iyona ndlela engcono le. Kunini la khona ‘ukuyozicinga’ kuyindlela eshaya khona yokuqondisa izigwegwe ? Kunini la ingesiyo khona? Umehluko ngingawubona kanjani ?…
30 Oct 2022 6PM 5 min

Indoda esebenzisa izithombe zobunqunu ngoba unkosikazi engasayinelisi

Kumele yini indoda ifune ukuzinelisa ngokocansi ngokuthi ibuke izithombe zobunqunu uma kuwukuthi unkosikazi wayo akasazithandi akazinaki ,useyahubazela nje ? Ngisemshadweni onzima.Kusuka emva nje sashada ,umkami akasawunaki sanhlobo umzimba wakhe ,futhi yinto anganandaba nayo leyo manje .Angifuni ukumdivoza ,kodwa ngisenayo imizwa yenkonzo yekamero .Umqondo muni ongasiza la?
26 Oct 2022 6PM 4 min

Ukhuluma kanjani nezingane ngobaba ongekho

Ngiyiphendula kanjani imibuzo enzima enganeni yami mayelana nobaba wayo ongekho ? Ngahlukana noyise ,cishe eminyakeni ewu 8-ngesikhathi esimuncu-futhi akakaze ambone .Kodwa mumva nje usebuza izinto ezinjengokuthi : ‘usamthanda ubaba Mah ?’ futhi : “Kungani engasifoneli –akangithandi yini nami?” nokuthi “ngingazama ukumcinga ngelinye ilanga ?” Nicabanga ngimphendule ngithini ?
25 Oct 2022 6PM 4 min

Ukusiza izingane zibhekane nobhongoza

Ngingabona kanjani ukuthi ingane yami inenkinga yokubhongozwa ? Zikhona izimpawu zalokho ? Uma kuwukuthi ,ukulenkinga ,pho ngingamsiza kanjani kulesisimo?
24 Oct 2022 6PM 4 min

Ukunqamuka kokuphinga, ukuzenyeza nokuthethelela

Ngakube umuzwa wokuzenyeza uxhumene nesimo sami sokungathetheleli umnyeni wami ekungathembekini nomngani wami oseduze kimi ? Lokhu kuphinga kwenzeka nyakenye ,sabuyisana ,futhi nomshado wethu uqhakambile kunakuqala .Nanxa kunjalo ngisenomuzwa wokuzenyeza nokungazethembi .Kukhona ukuxhumana kulezizinto ?
23 Oct 2022 6PM 4 min

Obaba namadodakazi anama-mood

Njengobaba ngingabugcina kanjani ubudlelwano nentombazane evese inyukelwe yinhliziyo esikhaleni ngenxa yobutshitshi? Lonyaka odlule ube ngonzima kimi. Ngiyiqaphelile indodakazi isuka esigabeni sokuba yintombazanyana ehlale imamatheka ithokozile manje esisesigabeni sokuhlala ixhukile iletha izimpikiswano.Ubudlelwano bethu babuyintokozo kimi. Manje sekunzima. Ngingasiguqula kanjani lesisimo?
20 Oct 2022 6PM 4 min

Ingane ebuka ama-movie anocansi anodlame kubo kamngani

Ngakube ukubona kanye i-movie noma isithombe esinodlame kwi –TV sithikameza impilo yengane eside isikhathi? Ngisanda kuthola ukuthi ingane yami esese-primary ibuke isithombe esingesihle ngenkathi ikwamngani wayo. Yikuphi okumele ngikwenze nokuthi ngingavikela kanjani ukuthi lokhu kungenzeki kokuzayo?
19 Oct 2022 6PM 4 min

Umthetho wokusebenzisa kahle icellphone ezinganeni

Ngingawasiza kanjani ama -teen ami ukuhlanganisa ukusebenza okufanele kwe-cell phone kunye nokuhlonipha abanye ? ekuqaleni ngangithakasile ukunika undodana nondodakazi wami ama phone ngoba ngangifuna sihlale sixhumana.Kodwa nje nje sengiqala ukuphatheka kabi ngendlela ama phone abo asebaphethe ngayo .Singaba endlini eyodwa nabo –kodwa uma nje begqolozele ama phone abo –okubukeka kuyinto…
18 Oct 2022 6PM 4 min

Izimo zokuphazamiseka kwengqondo kubantwana

Ikuphi engingakulindela enganeni ephazamiseke ngengqondo? Ngingazi kanjani ukuthi yikuphi ukuziphatha angakuguqula nokumele ngikwamukele okungenakuguquka? Sibhekene nalenkinga ebhungwini lethu ,futhi asazi sibhekane kanjani nalesisimo .Ningasisiza?
17 Oct 2022 6PM 4 min

Umsiza kanjani uwakwakho onengcindezi

Ngingamenza kanjani umnyeni wami afune usizo ngengcindezi ebonakala imhlasela ?Nginesizathu sokukholwa ukuthi uthwele kanzima kulengxenye ,Kodwa uyenqaba ukuvuma ukuthi lokhu kungaba liqiniso kumbe ukukuthatha serious lokhu okungikhathazile ngaye.Angazi noma impakamo,ukwesaba ,noma okunye okumi endleleni yakhe,kodwa ngiyazi ukuthi lentaba isiqalile ukugingqikela emshadweni nasemndenini wethu .Ngenzenjani?
16 Oct 2022 6PM 4 min

Ukwakha ikhaya nokubuka kwebhayibheli ukusebenza

Ukuba sekhaya kungenakanjani ngokwebhayibheli eszihlokweni zokusebenza nokufuzula?Ngihlale ngikuthokozele ukuba sekhaya njengonkosikazi nomama ekhaya .Ngabe sengizwa izinkulumo eziningi ngeqhaza lokusebenza okuwumkhiqhizo ngokwecebo likaNkulunkulu ngoluntu.Kusuka lapho sengibe manqika.Ngisebenzisa isikhathi sami ngilungisa ukudla ,ngisulana namakhala avuzayo odado,ngisulana nekhishi .Ngokwami ukubona akukho nto engiyilethayo ngokomnotho ,ngakho angazi noma lokusebenza kwami kunaqhaza lini ngami emphakathini.Ngingazigqaja…
13 Oct 2022 6PM 5 min

Izidingo zengane engahluphi ezikhethekile

Ingane ephakathi nje nendawo nelaleyo ihambisane nawe ,ithelelwa kanjani ngeyakwabo engezwa sanhlobo ? Undodakazi wami omdala uyisibonelo sengane-emnandi ,ethokozile nevumelana nawe.Umfowabo yena uhluke ngamalengiso .Kunokwenzeka nginithinte ngaye kwesinye isikhathi ; kholwani yimi kuningi engingakusho ! kodwa okwamanje ,ngehlulwa ukuzibamba ngokomthelela omubi awufaka kudadewabo .Yikuphi engidinga ukukwazi ngengane ezithulelayo engaphikisani nomzali?
12 Oct 2022 6PM 4 min

Uphindaphindo lohlubuko kumkhrestu uzibuza kaze selweqile yini kwintethelelo kankulunkulu

Kukangaki ukuba uNkulunkulu angithethelele angibuyisele kuye futhi? NginguMkhrestu ,kodwa uhambo lwami neNkosi lungugqamincishi.Kukaningi ngiyidela iNkosi ,okuthi ngingahuhluzeka phansi ngobuso bese ngibona iphutha lesinqumo sami.Kuyinhlalayenza lokhu empilweni yami.Ekuqaleni angicabanganga kabanzi ngakho ,kodwa manje sekuyangikhathaza : ngakube sengiseqile isikali sentethelelo ekalelwe mina ? Ngabe sengimqede ukubekezela uNkulunkulu ? Ngakube yinto le okumele…
11 Oct 2022 6PM 5 min

Inkonzo yekamero eqophelweni eliphezulu layo

Ngakube ucansi emshadweni luyanelisa ngempela? Ngisemshadweni onzima ,isilonda esikhona phakathi kukankosikazi wami name- wudaba lwenkonzo . Ngizizwa ngincintshiwe. .Kwesinye iskhathi ngize ngibe nezilingo zokufisa izidingo zami zigcwaliseke ngaphandle . Ngifunde umbhalo othi abantu abasemshadweni yibo abaneliseke kakhulu ngenkonzo yekamero emhlabeni –akwenzeki nakoyedwa ukweneliseka kothandana nabantu abaningi.Ngithola kunzima kimi ukukholwa yilokho…
10 Oct 2022 6PM 6 min

Ukubhekana nobunzima bokuhuhwa ngobulili bunye

Ikhona indlela enginganqoba ngayo umzabalazo wami weminyaka ngokuhuhekela ebulilini bunye nobami? Sengizamile ukulwa,kodwa kubukeka kwehlulekeka ngigcina ngenze ngokuzenzakaleka ngokwalemizwa .Ngenzenjani ?
9 Oct 2022 6PM 6 min

Umphostoli Phawuli ngomshado nokuba wedwa

Kanti ibhayibheli alibuki yini umshado njengeqophelo eliphezulu lesibili ? Njengosemdala engashadile,angizwa neze kahle uma ngibona amakholwa egcizelela kangaka ubumqoka bomshado.Utadisho lwami lomlando lungiholela ekukholweni ukuthi ukuba wedwa kwakuvelele phambilini kunamanje.Izingcindezelo zokubuka kwesiko lamanje lisivala amehlo ukugqqama kwesitatimende sikaPhawuli : “Ngifisa sengathi bonke abantu benganjengami” [ 1KwabaseKhorinte 7: 7] .Ngikholwa ngumunxa…
6 Oct 2022 6PM 5 min

Ukwehlisa amava engcindezi emndenini wakho

Ngingavika kanjani ubushudushudu bami nengcindezi ukuba bungabi nemithelela emibi kunkosikazi nasezinganeni zami? Kwanele ngokwakho ukubhekana nalemizwa edluntulanayo ,kodwa okomcabango wokuthi ngenza ibe nzima impilo yomndeni wami yiwo kanye okunzima ukuwuthwala.Ngenzenjani ?
5 Oct 2022 6PM 4 min
172 – 192