Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
192 – 212

Ukusiza oyisisulu sobhongoza kwezokuxhumana

Ngenze njani ngezingane ezithumela imiyalezo ephazamisanayo kwifoni yami ziphinde zithumele amahebezi angamanga ngami ku facebook? Ekuqaleni ngazama ukubaziba ,kodwa isimo sesidlulele okungangokuthi angisafune kulubhada esikoleni .Labantu bacekela phansi impilo yami!
4 Oct 2022 6PM 5 min

Inkambiso yokuziphatha kwengane esikhulile egunyeni labazali

Manje njengoba sengedlule ku 18 weminyaka ngiqhubeke ngithobe kumama nobaba? iBhayibheli lithi kumele izingane zilalele abazali bazo [ KwabaseFesu 6:1 ;kwabaseKolose 3 :20 ]manje kukusiphi isigaba lakhona ngizozimela ekulawulweni yibona?
3 Oct 2022 6PM 5 min

Ukubuka ngokwebhayibheli-ubumqoka benkonzo yekamero emshadweni

Ngakube inkonzo iseqhulwini kangako emshadweni onempilo ? Nakhu okwenza ngibuze .Siyaphikisana nowakwami .Ungitshela ukuthi inkonzo ingcwele yisacramente futhi luyimfihlakalo engcwele ,nokuthi imelwe ukuba yindikimba yobudlelwano bethu .Uze asebenzise kwabaseFesu 5: 30-32 ukweyamisa lenkulumo yakhe.Angivumi mina,emva kwakho konke ,kuningi okungomshado ngaphezu kwenkonzo .Ngaphandle kwebhayibheli uqobo [1 Khorinte 7 :3-5] kubukeka lencwadi…
2 Oct 2022 6PM 5 min

Umsiza kanjani uwakwakho onengcindezi

Ngingamenza kanjani umnyeni wami afune usizo ngengcindezi ebonakala imhlasela ?Nginesizathu sokukholwa ukuthi uthwele kanzima kulengxenye ,Kodwa uyenqaba ukuvuma ukuthi lokhu kungaba liqiniso kumbe ukukuthatha serious lokhu okungikhathazile ngaye.Angazi noma impakamo,ukwesaba ,noma okunye okumi endleleni yakhe,kodwa ngiyazi ukuthi lentaba isiqalile ukugingqikela emshadweni nasemndenini wethu .Ngenzenjani?
29 Sep 2022 6PM 4 min

Ukwakha ikhaya nokubuka kwebhayibheli ukusebenza

Ukuba sekhaya kungenakanjani ngokwebhayibheli eszihlokweni zokusebenza nokufuzula?Ngihlale ngikuthokozele ukuba sekhaya njengonkosikazi nomama ekhaya .Ngabe sengizwa izinkulumo eziningi ngeqhaza lokusebenza okuwumkhiqhizo ngokwecebo likaNkulunkulu ngoluntu.Kusuka lapho sengibe manqika.Ngisebenzisa isikhathi sami ngilungisa ukudla ,ngisulana namakhala avuzayo odado,ngisulana nekhishi .Ngokwami ukubona akukho nto engiyilethayo ngokomnotho ,ngakho angazi noma lokusebenza kwami kunaqhaza lini ngami emphakathini.Ngingazigqaja…
28 Sep 2022 6PM 5 min

Ungqubuzano nabazali ngamalungiselelo omshado

Singabhekana kanjani nokungaba ngamathuba okungavumelani aqhumayo kubazali bami ngomshado wethu ozayo?Bagcizelele ukumelana kokuba khona kwamawayini nokudansa kwi -reception.Mina nozoba ngumkhwenyana wami sizimele ngokwezimali futhi sikulungele ukuzikhokhela thina izindleko zonke zomshado .Nokho lokho kungelungise lenkinga ,njengoba uMawami esekucacisile ukuthi ngeke beze bona emshadweni wethu uma kuneziphuzo ezihlohlozayo nemidanso.Eqinisweni lezozinto azikho mqoka…
27 Sep 2022 6PM 5 min

Umkhuba wokuba izingane zihlale zicabanga sakukhathazeka

Ngakube umkhuba oqhubekayo wokuhlala ingane ikhathazekile ngengqondo, ungaba nobungozi ekuhambeni kwesikhathi? Ingane yami inalowomkhuba ,sengenze okuningi ukuqeda lokho kodwa lutho ngehlulekile. Kuyangisanganisa lokhu. Yikuphi okumele ngikwenze?
26 Sep 2022 6PM 4 min

Umndeni oxubile ogcina ungophumelelayo

Njengoba ngishada isibili ,ngiwumzali wezingane ezizalwa nezingazalwa yimi,yikuphi engingakwenza ukuba isimo sokungena emndenini oxubile sibe ngesenzeka ngesihle,ezinganeni zami,ezomkami,nawo wonke umuntu othintekayo kulendaba?
25 Sep 2022 6PM 5 min

Ukuhlobonga nelunga lomndeni

Ngimtshele yini umnyeni wami ngokushelela engaba nakho ngagcina ngiya enkonzweni yekamero nomfowabo phambilini? Kunonyaka kwenzeka lokhu, esikhathini engangibuthaka ngaso. Sobabili naye sabona ku wrong esakwenza ,asabe sisaphinda ukukwenza lokho. Imindeni yethu iyabonana futhi isondelene. Akekho kithi osetshele uwakwakhe. Sibatshele?
22 Sep 2022 6PM 5 min

Ingane esikhulile esekhaya eshaya inkambiso yabazali

Luhloboluni lwenkambiso yomthetho okumele ulushayele ingane esindala ehlala kwakho ungumzali ? Undodakazi wethu oneminyaka ewu 29 uhlala muzi munye nathi.Uyazi ukuthi simiphi ngomshado ,njengoba sikholwa yiyona ndlela kuphela yokuya enkonzweni ,kodwa inkinga usenyonyobisa isoka lakhe lilale endlini yakhe layikhaya.Ngiyazi ngingemphoqe ukuguqula ingqondo,futhi angifuni ukulimaza ubudlelwane bami naye .Kodwa lokhu kuyasikhathaza…
21 Sep 2022 6PM 4 min

Kunini la kungamele uthobe kumnyeni wakho

Kuhloniphekile yini ukuba owesifazane abuze izahlulelo zomkhwenyana wakhe kumbe aphikisane nezinqumo zakhe lakhona ekholelwa ukuthi zi –wrong? Uma kunjalo ,lokho kungena kanjani KwabaseFesu 5: 22 ,lakhona uPawuli ethi , “Bafazi ,thobelani amadoda enu ,ngokungathi kuseNkosini?” Zikhona izibonelo zamakhosikazi ebhayibhelini ama kulokho ?
20 Sep 2022 6PM 5 min

Ukuhlabela phambili emumva kwesahlukaniso

Ngingabhekana kanjani nobuhlungu be divosi ngicabe indlela entsha yezingane zami name siqu? Ngiyavuma ukuthi ngakhetha kabi .Esibi kunazo zonke ukuthi ngaqhela emndenini wami ngesikhathi kushuba emshadweni wami sengehlulwa ukubhekana nakho.Ngibona manje ukuthi ukuqhela kwami akulethanga kimi kuphela ubuhlungu ,kodwa nasezinganeni zami .Osekwenzekile kwenzekile ,futhi akukho osekungaguqula ubuhlungu engabudala.Ngizizwa nginecala elikhulu!…
19 Sep 2022 6PM 5 min

Ukukinatelwa zidakamizwa ukukhetha uwakwakho othembekile

Njengomuntu osohambweni lokusinda kwi addiction ,ngingamthola kanjani ozohamba nami kumagxathi anzima okuqala ohambweni lokulapheka? Ninazo iziluleko ekukhetheni umsizi othembekile nokuthi lobobudlelwane bubukeke kanjani ? Ngothokoza kakhulu kweningakuphakamisa ngalesimo.
18 Sep 2022 6PM 4 min

Ubudlelwane bomkhrestu nohulumeni ongenabunkulunkulu

Kungani kumele ukuba ‘ngithobele’ uhulumeni engikholwa uhamba lugugube ? Ngiyalithanda izwe lakithi futhi ngithanda ukuzibandakanya nombusazwe wezwe wakithi ,kodwa ngiyadideka okushiwo yibhayibheli ngalesihloko.Kodwa kwenzeka kanjani ukuthi uPhawuli atshele aMaKhrestu ukuba athobele [Kwabase Roma 13 : 1-7] nxashana kusicacele kahle ukuthi ohulumeni bomhlaba bonakele abanabulungiswa? UmKhrestu enze njani uma ebona ukuthi…
15 Sep 2022 6PM 5 min

Ukulungisa isimo mqondo esibizwa nge

Yimuphi umehluko phakathi kwe OCD ne OCPD? Ngididwa yilamagama, okwenza kube nzima ukuthola usizo lokusiza uwakwami, osesimweni [ngokubona kwami] okhombisa ukuba sehabeni ukwenza izinto ngengqondo yakhe.Ningangipha umehluko?
14 Sep 2022 6PM 6 min

Ukukhuluma nezingane ngezimo ezihlasimulisayo

Njengomzali ngingabhekana kanjani nengane yami ,ngezikhathi la khona kunobududu bobuqhuqhu bezibhamu,izimbubhane zemvelo, nezinye izimo ezihlasimulisayo ezingokuthatheka kwempilo ?Ngabe kumele ngenze okuseqophelweni ukubasitha kulololwazi-okuyinto engelula neze ngokwezindaba ezingena zilekanyana kwezokusakaza kulezinsuku? Kumbe ngizame ukukhulama nabo ngakho ?
13 Sep 2022 6PM 4 min

Ukusebenzisa amaphilisi okuhlela inzalo emshadweni

Uthini umbono wenu ngokusebenzisa amaphilisi okuhlela ? Sisanda kushada sizama ukucabangisisa ngendlela eseqophelweni eliphezulu ukuthi siwabuke kanjani,kodwa sithola umyalezo ohlukene kubahlobo bethu,amalunga omndeni ,nodokotela.Omunye umzalwane esimaziyo ukholwa ukuthi naluhlobo luni lokuhlela umndeni lumelene necebo likaNkulunkulu. Asazi sicabange kuphi.
12 Sep 2022 6PM 5 min

Umama akabazwile kahle abangani womkhwenyana wakhe

Yikuphi engingakwenza ngokungabi kwami nkamu nkamu ngabangane bomkhwenyana wami? Sithokozile futhi sisebudlelwaneni obuhle kakhulu,ngaphandle kwento eyodwa : angizwani nabangane bakhe.Ikhona indlela yokusombulula lenkinga? Isiholela ekuphikisaneni nongqubuzano
11 Sep 2022 6PM 4 min

Ukuzibuza kaze uwakwakho wakuyeka ngempela ukukuhamba ngemumva

Ngingakholwa kanjani wukukuthi umnyeni wami usephendukile ebuhlungwini angidalele khona? Onyakeni owodwa odlule ,ngithole ukuthi sekube ngeside isikhathi esothandweni nomunye wesifazane ngenhliziyo ejulile.Unokhondolo futhi lokuvese aqhume ngokudinwa okugcina kuholela ekuhlukunyezekweni ngamagama.Kaninganyana engijikijela ngezinto . Nakuba esaphuma kulobubudlelwane bokungibhaqa ,kwathi ukwehlisa umoya wakhe ,waze wathi ufisa siyothola nabaluleki ukuze sikhande umshado wethu,konke…
8 Sep 2022 6PM 4 min

Isehlukaniso nofa lwaso ezinganeni

Sisemalungiselelweni okuhlukanisa kodwa kubukeka kuza mawala emndenini wonke.Izingane zethu sezenza izinto ngendlela ehlukile.Ezinye zezindlela zazo ngalesimo zenza ngikhathazeke ngazo.Yikuphi okuthathwa njengokulindelekile nokuphilekayo nakho esimweni esinjengalesi ? Yikuphi okungenziwa ukubhekana naloludaba?”
7 Sep 2022 6PM 6 min
192 – 212