Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
212 – 232

Obaba bafundisa kanjani amadodakazi abo isizotha?

Obaba bangasiza kanjani amadodakazi abo afunde isizotha ? Ngifuna indodakazi yami ikubambe lokhu phambi kokuba ibe yi- teenager.Kodwa ngizwa kuseceleni kimi ukukhuluma ngalesosihloko .Ngibona ukuthi kimi njengoyise ngingaba lusizo kuyo kulesisihloko kumbe ngibe wukuyidumaza, ingazizwa kahle.Yiliphi iqhaza eliqondile kubaba la?
6 Sep 2022 6PM 4 min

Ingane yesaba usathane

Ngingehlisa kanjani ukwesaba enganeni yami ngoSathane? Ezinyangeni ezimbalwa umtanami ona 5 uyaqhaqhazela ngalesihloko.Uhlale njalo ebuza imibuzo ngoSathane ,bese ebukeka ehlasimula ngalokhu angakwenza kuye.Uyaya kuSontoskole ,siyathandaza sifunde ibhayibheli sonke ndawonye.Okwamanje ,kubukeka konke lokho kungasizi .Ngizamile okusemandleni ukumqinisa,kodwa kumele ngivume ukuthi kwamina akukuningi engikwaziyo ngoSathane .Ningangitshela ngqo ukuthi zithini izibhalo ngaye
5 Sep 2022 6PM 5 min

Ukuhuheka kumngani wowakwakho

Ngingamtshela yini umnyeni wami ukuthi ngihuheka ngomngani wakhe oseduze naye ? Ngike ngezwa kuthiwa loluhlobo lolwazi lungaxoxwa abaganene ngenhloso yokuvulekelana ,nokho ngimanqika ukuthi kuwubuhlakani lokho .kulamadoda omabili akekho owaziyo ngofudulo lwami lwangaphakathi futhi angifuni ukulimaza ubungani babo.Ngenzenjani?
4 Sep 2022 6PM 5 min

Umkhwenyana ongathembekile ufuna ukuba sothandweni nomunye wesifazane

Ngibhekane kanjani nokungethembeki komkhwenyana wami osekwenzeke ngokuphindaphindwa aze angiqonde angicele ngqo ukuthi ufuna ukuba nothando lwaseceleni nomunye wesifazane ? Yonke leminyaka umshado usube sesivunguvungwini .Ekugcineni nje useze wavuma ukuthi usothandweni nomunye ngasitha.Ngimthethelele ukuphinga kwakhe,kodwa manje uthi ufuna ukukhulisa ubudlelwano anabo bangaphandle ebe eqhubeka elayikhaya.Ngizimisele ukutakula umshado wethu ,nokho angifuni ukumchukuluza…
1 Sep 2022 6PM 5 min

Umfana ona-3 udlala ngokugqoka izingubo nosisi bakhe

Ngingamvumela yini umfana wami ona 3 weminyaka ukuba adlale ngokugqoka izingubo nodadewabo? Akajabuliswa nje kuphela ukugqoka amalokwe abo odadewabo, kodwa uze agqoke nobucwebe bamantombazane. Kimi loluphawu alwehli kahle.Ngingalumisa kanjani?
31 Aug 2022 6PM 4 min

Unkosikazi wami uyahlukumeza ngokwenyama

Ngiphendule kanjani kunkosikazi ode eba nomoya wadlame? Kanye nakabili ngonyaka mina nonkosikazi wami siye sibe nokuphikisana okuze kuphume esandleni .Ezikhathini ezithile ,usho izinto ezicofayo ngami okubandakanya ukuthi ,’ngiyakuzonda’.Ngiye ngibeke phansi umoya ,lokho okugcina kumenza agcine esenodlame imbala.Angijikijele ngezinto aze azame ukungishaya angikhahlele .okwamanje angikaze ngibhekane nokulimala okukhulu ,nokho ngikhathazekile uma…
30 Aug 2022 6PM 5 min

Ukuhushula nezempilo zikamama

Kuyenzeka ngempela ube ngolwela ukuphila, ube futhi uvumelana nokuhushula esimweni lakhona impilo kamama isencupheni ? Kuthini ukubuka kwenu kulumbuzo wezobuqotho onzima ?
29 Aug 2022 6PM 5 min

Uku ‘adopter’ ingane ehlukumezekile

Yikuphi esidinga ukukwazi kuqala uma sizo adopter umntwana oseke wahlukumezeka? Sicabanga uku- adopter ingane engaphansi kuka 2 weminyaka eyasuswa kubo isenezinyanga ngenxa yohlukumezeko .Ibisabekwe kwi-system ye foster care unyaka wonke odlule .Yikuphi okuyincuphe esizibeka kukho ?
28 Aug 2022 6PM 5 min

Umkhwenyana akafuni ukuyosebenza

Kukhona kodwa engingakwenza ngendoda enqaba ukuthola umsebenzi ? Sineminyaka ewu 12 sishadile ,kwewu 10 yonke ubezihlalele ekhaya engenzi lutho lonke usuku ngesikhathi mina ngisemsebenzini .Akafaki lutho ekhaya nasemndenini wethu .Kuye akuthi shu .Enye yezingane zethu yatholakala nesifo okubizayo ukuselapha manje umsebezni wami wodwa angeke ukwazi ukubhekana nalezondleko.Nanxa kunjalo ufuna ukuqhubeka…
25 Aug 2022 6PM 5 min

Ukubuka ezezimali kwabasanda kushada

Ningangisiza nomkhwenyana wami sihlele izimpokophelo zempilo ngokwezimali ezihambisana nathi sindawonye? Akukudala sishadile,umkhwenyana wami useqalile ukukhuluma ngokuthenga umuzi nokusungula isikhwama somhlalaphansi.Kanti mina ngisakhathazwe nje uku- renta nokudla .Kuyaphatheka akushoyo ? Ngakube ngizikhathaza ngobala? Ikhona yini indlela yokubhalansisa lokhubuka kwethu ?
24 Aug 2022 6PM 5 min

Ukukhuthaza Ingxoxo niwumndeni

Kusemqoka kanganani ukuhlale kuhlale umndeni ube nethuba lokuxoxa? Emshadweni wethu ukuxoxa sekube yingwadla eside isikhathi,kodwa mumva nje sengiqaphele ukuthi lenkinga isithungele nasezinganeni: kubukeka akasekho layikhaya onesikhathi sokuxoxa nomunye.Angazi lokhu kwenzeke kanjani ,futhi ngiyamangala ngokukushoyo ngempilo yomndeni kwezobudlelwane.Kodwa ngingenze njani ukucima lomhlolo?
23 Aug 2022 6PM 5 min

Unkosikazi unongakuqondi ngezocansi ngomkhwenyana wakhe

Ngingamenza kanjani umkhwenyana wami aqonde ukuthi angiyena umuntu ofuna ukuba senkonzweni njalo njengaye? Uma ngimtshela angikho semoyeni wenkonzo ,uvese acasuke athi ,ziningi kabi izinto naye angenzela zona noma engekho semoyeni ngalesosikhathi -njengokuya emsebenzini,ukusiza emsebenzini wasekhaya ,nokuwasha izitsha.Ngizamile ukumtshela ,akuyona into efanayo leyo ,kunalokho akangikholwa futhi akangilaleli .Kukhona okungalungile kimi?
22 Aug 2022 6PM 5 min

Ukusungula Izindlela ezihlabela phambili zokuxhumana nezingane

Singabafundisa kanjani abantwana bethu ubuciko bokulalela? Babukeka behluleka ukulandela ulayelo .Odabeni lwendodakazi yami ngicabanga iyaziba izikhathi eziningi.Okukandodana wami khona ,ubukeka eziqinisa ezakhe izindlebe bese abe matasa nomabonakude,izincwadi nama video game,noma yini enye ayenzayo okwenza engasuseki kuyo.Ngizithola sengide ngiphinda phinda into eyodwa.Zikhona iziluleko eningangipha zona?
16 Aug 2022 6PM 4 min

Umkhwenyana ohlulwa ukuthethela unkosikazi

Ngingadlula kanjani ebucayini bomkami enza ngabo, futhi ngikhohlwe okuningi okuhlasimulisayo akusho kimi phambilini ? emva kweminyaka sisemshadweni,sengifike lakhona ngingesenakukuthwala.Angikholelwa kwisahlukaniso ,yikho sesiphila impilo eqhelelene sibe sindlwinye ,naye uzilalela kwelakhe ikamero.Manje ufuna ngimthethelele ukuze sihlabele phambili nomshado wethu ,kodwa ngokwami akukho kalula kanjalo nje .Amagama akhe ahlabayo asenkenketha emicabangweni yami ,futhi…
15 Aug 2022 6PM 5 min

Umama nobaba baphikisana ngokuqondisa izigwegwe enganeni

Singafika kanjani ekuvumelaneni nonkosikazi wami mayelana nokuqondisa izingane? Ngizamile ukufundisa indodana yami uqondiso oluqinile,kodwa unkosikazi wami uhlale ephikisana nezindlela zami. Uthi nginesandla esiqinile kumfana.Njengoba ungazicabangela,lokho kungaba yisilonda emshadweni wethu.Ngingafeza kanjani engikholwa kuyiqhaza lami njengobaba emshadweni wethu ngibe futhi ngiqhubeka nokwazisa umkami nezimvo zakhe?
14 Aug 2022 6PM 5 min

Ukuqhubekela phambili emva kokushonelwa ngothandiweyo

Ngingenzenjani ukunqoba usizi olungengamile emva kokufa komnyeni wami ? Walwa nokugula eminyakeni yokugula kwakhe emibili.Ngenxa yalokho impilo yami yonke yabe isingukunakekela yena . Manje lowomzabalazo usudlule , ngizizwa ngiyigobolonde nosizi. Angazi ngijikele kuphi kumbe ngenzeni elandelayo .Ningangisiza?
11 Aug 2022 6PM 5 min

Ukubuka ukugembula ngokwebhayibheli

Ngakube ngempela ibhayibheli lithi kubi ukugembula? Ngiyabona ukuthi nakho kunjengoku dansa nokudlala amakhadi –amakholwa aqinisa kakhulu, amelene nakho.nokho angikholwa kunezisekelo zezwi azisebenzisa ukumelana nakho mina engikubuka kuwumdlalo nje ongenabungozi.
9 Aug 2022 6PM 6 min
212 – 232