Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
312 – 332

Indodakazi ayimhloniphi umkhwenyana wayo

Uma ungumama wendodakazi esishadile, nebala uyazi ukuthi izinga liyashintsha kakhulu. Lengane yakho esikhulile isiphumile esandleni sakho, kodwa manje isinomndeni wayo ozimele.
3 Apr 2022 6PM 4 min

I-adoption nokwelapha i-Sensory Processing Disorder

Luhloboluni lwemithi ekhona kumbe izelapho ezinganeni ezithwele kanzima nge Sensory Processing Disorder? Sinomfana oyi-foster kithi onesemumva lakhe labe linokuhlukunyezwa okukhulu. Emva kokuba sesihlale phansi nabezempilo sithole ukuthi izinkinga zakhe eziningi, zilele kwisemumva lakhe futhi zingalashwa ngokwemizwa yengqondo.
31 Mar 2022 6PM 6 min

Ukugconana emndenini

Ngakube umndeni wakho ngomunye wemindeni ekhonze ukuncokola kuqhume uhleko? Ngakube uzithola wenza ihlaya ngamanye amalungu omndeni ze wonke umuntu ahleke? Ukugcona abanye kungenza umndeni unamathelane. Nokho, uma kwenziwe ngendlela engalungile, ukugconana kungaholela odweshwini olukhulu emndenini.
29 Mar 2022 6PM 4 min

Ukusondela kolahlekelwe ngothandiweyo wakhe ngokuzibulala

Ukuzibulala kwentsha kuphezulu njengokuba izithola ithe shi kwi-negative thinking futhi izithole kujikelezo lwengcindezo nemizwa yokungabi nathemba. Ohlelweni Ezomndeni namhlanje siza nokuthi ungasondela kanjani kumhlobo onosizi olahlekelwe ngothandiweyo wakhe ngokuzibulala.
27 Mar 2022 6PM 5 min

Ebuzalini i-quality time iqhathaniswa ne-quantity time

Kulezinsuku esiphila kuzo ekukhuleni kwe-technology, kanjalo nabazali besebenza amahora amade ukondla imindeni yabo, isikhathi nezingane sesiphazamisekile,ngeshwa ucwaningo lukhombisa umthelela ongemuhle, walempilo emndenini uwonkana. Abanye abazali bakholwa ngukuthi uma bengondla kahle imindeni yabo bayithengele izinto ezicelayo, benze okwanele ukuba ngabazali.
24 Mar 2022 6PM 4 min

Abazali abankamunkamu nomakoti nondodana

Ukugcina ubudlelwano nezingane zakho esezikhulile, kunye neziganene nabo kuhlale kungelula. Namuhla ohlelweni Ezomndeni sizokhuluma ngabazali osekunoqhekeko kundodana nomalokazana wabo futhi abangazi ukuthi lolufa bazolulungisa kanjani.
23 Mar 2022 6PM 4 min

Abazali baphikisana ukuletha usizo enganeni esikhulile

Kuhlale kunzima kumama ukuvalelisa enganeni yakhe esikhulile uma seyinquma ukuzimela, qede ibhekane nempilo injalo. Kodwa uma lengane esikhulile yehluleka ukuzimela, omama basikwa yizinseko qede bafune ukuyitakula.
22 Mar 2022 6PM 4 min

Izingane nobungani obuphilile

Uma ungumzali kuba nzima ukuba yisibukeli ngesikhathi ingane yakho ihlulwa ukukhetha kahle abangane.Impilo yokuphilisana nabantu enganeni yakho isemqoka ngoba umuntu ubunjwa wuhlobo lwabantu abamzungezile.
21 Mar 2022 6PM 4 min

Ukuhlelela ukulala kosana kunye no-mbhede womndeni

Uthini umbono wenu wokuba izingane zilale nabazali bazo? Umngani wami ukholwa ngukuthi ‘umbhede womndeni’ ulusizo kulo lonke ilunga lomndeni.Uze ame ekutheni lenqubo ingavikela ukushona kwengane ngenxa yokucinana ancome nokunye okuhle kwezempilo.
17 Mar 2022 6PM 5 min

Ophelelwe yithemba uzizwa eyisehluleki (Ingxenye yesibili kwezimbili)

Phambilini ohlelweni ezomndeni sasiphendula ukububula komlaleli wethu owayefuna usizo owayezizwa njengesehluleki nawaselahlekelwe yithemba empilweni yakhe. Ukukhala okunjalo kuyithinta ngokujulile inhliziyo yethu futhi siye sifune ukungenelela sisize ngokushesha.
16 Mar 2022 6PM 5 min

Ophelelwe yithemba uzizwa eyisehluleki (Ingxenye yokuqala kwezimbili)

Sewake waba sesimweni la kusengathi impilo iyama futhi ithemba liyaphela?Leyomizwa akumele neze ithathwe kalula, kumele futhi ihlaziywe ngoseceleni ongakwazi ukuletha ukubona okwehlukile esimweni. Abantu abazizwa belahlekelwe yithemba, bayinhliziyo yethu la kwa Focus on the Family
15 Mar 2022 6PM 5 min

Ubaba okhathazeke ngentombazana engena ebutshtshini esikluluza abafana

Ngakube intombazane eneminyaka engu-12 isencane kakhulu ukuqala ukukhombisa umcabango ngomuntu wesilisa?Mina nomnyeni wami sinombono ohlukene ngaloludaba.Indodakazi yami ivamisa ukuthi uma inomngani wayo sibabhadame bencoma abafana abahle. Ngokwami lokhu ngikubuka kuyinto ejwayelekile ekungeneni ekuthombeni. Umkhwenyana wami yena ukholelwa ngukuthi isencane kabi ukuqala ibe naleyomcabango futhi uma ikhula izokhalakatheka kweqe.Ngiyamhlonipha kakhulu umkhwenyana…
14 Mar 2022 6PM 4 min

Ingane enezinkinga ezingokuziphatha e-pre-scool

Okunye ukubhekana nokuziphatha kwengane yakho ekhaya, kwehluke kakhulu-ke uma sekunguthisha wase pre-school esekuthinta ekhalaza ngokuziphatha kwayo. Asinamandla ezimweni zesikole, nokho uhlobo lobuzali esibenza ekhaya nalo lungaba yimbangela yendlela yokuziphatha kwengane esikoleni nakwezinye izingxenye.
13 Mar 2022 6PM 4 min

Osangena ebudaleni uzizwa engenathemba ngomshado

Ngakube ugcina unomuzwa wokuthi umshado yinto eseyadlulelwa yisikhathi, ngenxa yokuthi imishado eminingi iphetha ngezahlukaniso? Izinkomba zikhomba ukuthi ezweni lakithi kulabo asebesebudaleni bokushada, bangu 33% kuphela abashadile, okuyisibalo esiphansi kakhulu emhlabeni wonke.
9 Mar 2022 5PM 5 min

Ukulingwa umthandazo nokuqapha kwamoya

Uma ngithandaza uNkulunkulu ngeke yini angivikele ekulingweni? Nasi isizathu sokubuza kwami. Nakuba ngingazi ubungozi obungaseduze nomshado wami ngokwempilo yawo, nokho ngisenovalo, ukuthi ndlelana thizeni, ngisengashelelela ngiwele ekuphingeni. Ngisanda kuzwa indoda ivuma ukuthi iwele kulesilingo nanxa ibithembekile emshadweni wayo ,nakuba ibizame kaningi ithandazela ukungaweli esonweni socansi. Lokho kungesabisile.Kungani uNkulunkulu enqabe ukuphendula…
8 Mar 2022 5PM 4 min
312 – 332