Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
352 – 372

OGogo noMkhulu abalekelela Omama nobaba abamatasa

Kulesikhathi esikuso sekujwayelekile ukuba ubaba nomama basebenze endaweni eqhelile nekhaya,sekuyinsakavukela ukuthi ubutasa kweqe sebube yingxenye yempilo ejwayelekile emindenini eminingi. Amagama athi: “ewu asikho isikhathi impilo imatasa” angamagama ajwayelekile. Okuthi uma abazali sebephila leyompilo kugcine ubuzali babo bebethwesa ugogo nomkhulu ngezingane zabo. Lokho kungaba lusizo olukhulu emndenini, nokho akungabi sesimweni lakhona…
7 Feb 2022 5PM 4 min

Ukugudluza Ingcindezi Yokuqeqesha ingane isigcozi

Uma ungumzali wengane esisesikoleni uthi mawubuka emumva isazichamela ebusuku uthi huh! ekukhumbuleni lezonsuku usayifundisa isigcozi kanti uma kungukuthi eyakho njengamanje ikulesosigaba, usibuka njengentaba engenakunyukeka. Phela soze wabona ingane esifunda isikole igqoke amanabukeni ngoba yonke ingane isuke seyifundile ukuziyela endlini encane.
6 Feb 2022 5PM 5 min

Ukuqondisa Izigwegwe Enganeni Engekho kunyathela kunye

sihloko sokuqondisa izigwegwe ezinganeni siyisihloko esishisayo kubazali futhi bazizwa bengekho emandleni okubhekana naso. Baningi abazali abangakwazi ukuthi uqondiso oluba nomphumela omuhle lubiza amava amakhulu nokulandelela, futhi uma kungekho ukuma okuqhubekayo ,kugcina izingane zingasenaso isiqinisekiso semingcele yazo
3 Feb 2022 5PM 5 min

Imicabango Ngomama Abasebenzayo

Ninalo ukhuthazo ngomama abaqashwe ngaphandle kwekhaya ? Ngiyazi ukuthi iFocus On The Family izipha isikhathi ukugqugquzela omama abahlala ekhaya eqhazeni labo ,kodwa ngiyazibuza kazi ninalo na usizo kulabo bethu okubiza betshathe izikhwama njalo ekuseni beya emsebenzini ukuze izindleko zekhaya zifezeke.
2 Feb 2022 5PM 5 min

Akathembekanga Umlisa Obukipite Naye

Ubudlelwano obuphetha ngenxa yokungathembeki buvama ukuba inkanankana uqobo, kepha uma kukhona nezingane lokho kwenza lesisimo sedlulele ngobunzima nokusambathekisana.
1 Feb 2022 5PM 4 min

Ukugwema Ukuqondisa ingane kuze kweqe

Uma sekuziwa ekuqondiseni izgwegwe ingane kumele abazali baqonde ngokucacile, izindlela ezifanele nezinhloso zokuqondisa ingane.Ukuqondisa ingane kuwukuyifundisa, yingakho ukuqina kwesandla kweqe kungenazithelo, nanxa kungalula futhi ukuwela kunoxhaka lakhona ingane ingafuni ngabomu ukulalela.
31 Jan 2022 5PM 4 min

Ukubhekana nesibhocobhoco sokungasebenzi

Uma kukhona into ecoba umoya womuntu-wukungasebenzi nomuzwa wokwazi ukuthi kawukwazi ukondla umndeni wakho. Nkashana indoda ilahlekelwa ngumsebenzi izizwa iphelelwe yisidima sayo.
25 Jan 2022 5PM 5 min

Wenze njani ngamahora amade emsebenzini

Ukusungula ibalansi ngomndeni nomsebenzi kuyinto enzima. Uma sifaka wonke umqondo wethu emsebenzini yethu, umndeni ngapha uyalimala, manje futhi sidinga ukwenza imali eyanele ukunakekela yona imindeni yethu.
24 Jan 2022 5PM 4 min

Ingxenye Yokomoya Yokungadli Ngendlela

Akekho noyedwa umuntu la kwamhlaba ongabhekene nenselelo thizeni. Indlela esibuka ngayo lezinselelo ngokoBuKhrestu mhlampe yikho kanye okugcina kusihlukanisa emabandleni.UNkulunkulu unamathele kuzo zonke izinhla zokuphila kwethu, kuze kube ngukuthi kunzima ukumbeka eceleni.
20 Jan 2022 5PM 4 min

Uwakwakho Ubhema Igudu

Akulula ukushada nomuntu okinatelwe naluphi na uhlobo lwezidakamizwa, okubandakanya nensangu. Kwenza uzizwe ulahliwe, unobuhlungu ,zimpawu nje ezimbalwa lezo esizishoyo. Ngisho imisebenzi yansukuzonke iphenduka ibe yintaba, ekutholeni ukuthi uwakwakho ubhajwe ezidakamizweni. Uma sewufaka nezingane kulesimo, ingqondo idideka kakhulu
19 Jan 2022 9AM 5 min

Izimpawu Zokukinatelwa Ngama –video Nama-computer Game

mvamisa umkinatelwa umanqika ekuvumeni inkinga yakhe, futhi uze abe namagamana uma ezwa igama ‘umkinatelwa’. Manje ungacabanga ukuthi ngikhuluma ngomkinatelwa zidakamizwa kumbe uphuzo, kodwa namhlanje ngikhuluma ngokinatelo olubamba abantu bengazelele, lolo ngolwe midlalo ye–computer nama cellphone.
17 Jan 2022 5PM 4 min

Ukuvala Isikhala se-Porn Ngezithombe Zocansi Zonkosikazi

gakube kulungile yini ukuba indoda isebenzise izithombe zomkayoezithathwe nge–cell phone ezivusa imizwa yocansi ,ngenhloso yokubibiyela eze-porn ezivuthisa umzimba, futhi ngicabange lokhu kungangisiza ngidlule kulenkinga.Yikuphi enikucabangayo ngalomqondo wami?
16 Jan 2022 5PM 4 min

Ingane Ekhetha Ukudla

Uke uzizwe usho lamagama: “Awukwazi nje ukuyodlala ungadlile, yidla kuqala bese uyodlala” kumbe: “kungani uvese wakhetha inyama yodwa okunye wakushiya?” kumbe uthi “ake ukhohlwe ama-chips kancane” .Nebala amagama lawo owaziyo njengomzali ikakhulukazi uma kungukuthi ingane yakho iyakukhetha ukudla. Singagcina siphatheka kabi njengabazali uma izingane zethu zinganasikhathi sokudla, kokunye sigcine singqubuzana…
13 Jan 2022 5PM 4 min

Ukushiya Umsebenzi Uzoba NguMama Onakekela Ikhaya

Kulezinsuku mincane imindeni ekhetha ukuphila ngeholo elilodwa likababa, ngesikhathi uMama esekhaya enakekela izingane ezincane. Kuyisibindi esinqala uma uMama eshiya umsebenzi ukuze abe nezingane zakhe ekhaya,kodwa ama –study aveza ukuthi lezongane ezikhula zinoMama ekhaya ziba nokuhle okuningi ngokwemizwa yenhliziyo kaMama nobukhona bakhe eduze zikhula.
12 Jan 2022 5PM 4 min

Usizo koGogo Abakhulisa Abazukulu

Ezweni lakithi kunemindeni eminingi ehluthulwe ngubudlelwane obungebuhle, ukufa kwabazali bobabili kumbe abazali bobabili abakaze balokothe zisasuka ukuba babengumndeni. Inqwaba yezingane ikhuliswa ngogogo nomkhulu ngenxa yalezi zimo ezingezinhle neze nakuba khona kuba yisibusiso ukuthi izingane zigcineka kumalungu omndeni, nakanjani kuzoba nezinselelo ezingomndeni ongesiwo ubaba nomama.
12 Jan 2022 9AM 4 min

Amahlaya Anobuhle Emndenini

Singathokozela kanjani ingxenye yempilo yokulula ingqondo ekhaya ngamahlaya amahle aswabukilisayo? Iningi labangani bethu lithola ukuswabuluka ngokuhleka ezintweni engizithola zingezinhle.Ningaphakamisa amahlaya ahlanzekile emndenini?
11 Jan 2022 9AM 4 min

Izithwele intombi, ukushada kwiyisisombululo

Ukushelelela ekukhuleliswaneni kungayingozi othandweni olungenazinqumo. Kusuke sekuyisimo esiphuthumayo esidinga ukunakwa ngokushesha. Ngakube ukujombela emshadweni ngokushesha kuyisisombululo?
6 Jan 2022 5PM 4 min
352 – 372